Akhona amathuba kwamanye amazwe
EZOMNOTHO: noBUSI MAVUSO
INGQUNGQUTHELA ye-Africa Growth and Opportunity Act (Agoa) eqale mhla ka-2 kuya kumhla ka-4 kuLwezi (Nombember), iqale izingxoxo ezithela izithelo zokuthi iNingizimu Afrika ne-Afrika yonkana, bangahlomula kanjani.
Umthetho wase-United States of America (USA), unika amazwe agunyaziwe ilungelo lokuyithengisela impahla ngaphandle kokukhokha intela.
Yize kunezinkampani eziningi ezilisebenzisayo leli thuba - ikakhulukazi ezaseNingizimu Afrika ziningi ezinye ezingasizakala.
Yiyona into enkulu eqhamukile ezingxoxweni ebezingesonto eledlule, ebezihlelwe ngabamabhizinisi, abenze izethulo ngamathuba akhona kwiAgoa, nanokuthi iNingizimu Afrika ingahlomula kanjani.
Ngale kwamathuba angazuzwa ngabamabhizinisi amakhulu, kunendathane yalawo angasiza osomabhizinisi okubalwa abesifazane, nabasafufusa.
Bazodinga ukusizwa ukuze babe namandla okudayisela amanye amazwe imikhiqizo yabo.
Ngicabanga ukuthi leli thuba lingasetshenziswa ngokwanele ngabagxile ekwesekeni osomabhizinisi abancane.
Kasikho isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokuba yingxenye yeAgoa, kodwa kwakunezinkomba ezinhle ezivele engqungqutheleni, zokuthi izoba khona ohlwini oluzoshicilelwa ngomhla ka-1 kuMasingana (January) ngonyaka ozayo.
IPhalamende laseUSA lidinga ukusilula isikhathi se-Agoa kule minyaka ewu-10 uma isiphela le nkontileka ekhona ngoMandulo (September) wonyaka ozayo.
Kubonakala sengathi kuzokwenzeka njengoba kunesiphakamiso sokuthi ilulwe iminyaka ewu-16.
Isikhathi eside sizokwenza kuhleleke kahle, nokuthi kuzotshalwa malini ukuze izinkampani zikwazi ukuzilungiselela ukuhlomula kwi-Agoa, isikhathi eside.
Kunamathuba amahle angahlomulisa kangcono i-Afrika yonkana.
I-African Continental
Free Trade Agreement (AfCFTA) - eyethulwa ngo-2018, esi-qala ukuhlangana nje-ngoba amazwe evumelana ingashintsha indlela i-Agoa exoxa ngayo neAfrika.
I-AfCFTA ingasiza i-Afrika iphucule ekudayisela i-USA, futhi iqhathanise kahle izinto ezogxila kuzo.
Ukuhlela kungasiza kutholakale imihlomulo engcono uma singacabangisisa ukuthi yini okufanele i-Afrika iyidayisele amanye amazwe ngo-2040.
Ngesonto eledlule, sibhungile ngokuthi imvamisa izimakethe zaseAfrika ziyaphuza ukusebenzisa amathuba aqhamuka nezivumelwano zokuhwebelana nokungakhokhi intela ukuze zidayisele amazwe anjengeUSA.
Kufanele sihlaziye ukuthi kudalwa yini lokho, futhi sihlelele ukukulungisa. Izimboni zokuthutha ziyingxenye yalokhu, uma ungakwazi ukufinyelela emachwebeni ukuze uthumele impahla yakho kwamanye amazwe, akusho lutho ukuthi unobudlelwano bokuhweba obuhle kangakanani. Kufanele kugqugquzelwe amathuba futhi kwesekwe osomabhizinisi ukuze bawasebenzise.
Abamabhizinisi nohulumeni kufanele basukume, balungiselele lokho futhi bangalindi omunye unyaka ngaphambi kokwenza okufanele.