Ingena ngamandla imingenelo yeComrades
INGENA ubuthaphuthaphu imingenelo yeComrades Marathon yangonyaka ozayo ezokuba ngomhla ka-9 kuNhlangulana (June) isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
Imingenelo yalo mjaho ivulwe ngoLwesibili ngo-10 ekuseni kanti kuphele usuku lokuqala sekubhalise abasubathi abangaphezulu kuka-8 000.
Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho, abeComrades Marathon Association (CMA) bamemezela ukuthi kuzovalwa ngomhla ka-11 kuZibandlela (December) ukwemukelwa kwemingenelo, noma uma sekubhalise abasubathi abawu23 000.
Imali yokubhalisa kubasubathi bakuleli wu-R1 200 kanti iCMA ikhiphe isibonelelo sika-R600 kubasubathi abawu1 500 abadonsa kanzima ngakwezemali. Kuthiwa umsubathi angakwazi ukukhokha u-R600, besebhalisela isibonelelo. Uma siphumelele uzokhokhelwa ingxenye esele yiCMA.
Ngendlela engena ngayo imingenelo yalo mjaho, kubukeka kuzoshaya usuku lwakusasa ngoLwesihlanu usuhlangene u-20 000 wabasubathi.
Emjahweni wangonyaka ozayo, abeCMA bayenyusile imiklomelo yezingqwele isuka ku-R500 000 yaya ku-R550 000 kanti umsubathi ozokwenza irekhodi uzohlomula ngemali efanayo kubona bobubili ubulili.
Irekhodi labesifazane liphethwe nguGerda Steyn okuwu-5:58, alenza ngo-2019, kanti elabesilisa ngu-5:24 elikaLeonid Shvetsov waseRussia.
Abafuna ukubhalisela lo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.comrades.com.
* Khonamanjalo, abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhiphana inkani kwiDrakensberg Marathon, ephethe isiteki sika-R20 000, ngoMgqibelo eBergville. Ngolwazi kushayelwa uBarry Holland kwethi: 083 252 0691.
* AbaseThekwini bazogadulisana kwiDurban Runner Challenge ngeSonto eKings Park Athletics Stadium. Ngolwazi kushayelwa uZane kwethi:
082 332 9616.