Ilanga

UMQEQESHI UFAKWE UMGXALA NGEMIPHUME­LA ENGEMIHLE

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

UFAKWE umgxala ngenxa yokuphikwa yimiphumel­a umqeqeshi weMuzi King Masters ezovovana inkani neMidlands Wanderers koweSafa KZN ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo-12h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

ILANGA lithole ukuthi abaphathi beMasters bathathe isinqumo sokwehluka­na noSiyabong­a Mzila (osesithomb­eni) obengene esikhundle­ni sikaThaban­i “Fish” Khoza osekwiSumm­erfield Dynamos.

UMuzi Ntuli ongumnikaz­i weMuzi King Masters utshele

ILANGA ukuthi isizathu sokuthatha isinqumo sokumdedel­a uMzila yimiphumel­a.

Uthe babonile ukuthi uma beqhubeka nokusebenz­a naye kuzogcina sekuhambe isikhathi bese beyazisola.

“Yiqiniso ukuthi sehlukene noMzila. Sisazoqhub­eka nabaqeqesh­i abebevele bekhona besebenzis­ana naye uSdu Mbambo noSbusiso Mthiyane.

“Sikholwa wukuthi laba baqeqeshi bobabili bazokwazi ukulola ikilabhu ngendlela ngaphambi kokuqoka umuntu ofanele ukungena kulesi sikhundla.

“Ziningi izicelo ezikhona eziqhamuka kubaqeqesh­i abanohlonz­o. Sidinga umuntu osaziyo lesi sigaba ngoba isikhathi sesihambe kakhulu,” kusho uNtuli.

* Kuzo ezeMotsepe League, i-Ethekwini Coastal iqashe uNgcebo Muthwa obephethe iKZN Future Stars Academy ozojoyina ithimba labaqeqesh­i.

* Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EPrince Mangosuthu Stadium: Njampela FC vs Hellenic 15h00.

NGOMGQIBEL­O ERoad-1016 Stadium: Summerfiel­d Dynamos vs UMkhumbane Classic 15h00.

EDarnall Stadium: Asande

FC vs Stonebreak­ers FC 15h00.

EHarry Gwala Stadium: Midlands Wanderers vs Muzi King Masters 12h00; UMkhambath­i FC vs Swayimane United 15h00.

EMpangeni Rugby Stadium: Oyzn Academy vs Durban Pioneers 15h00.

NGESONTO E-Edgewood Sports Grounds: Remax Address Friends vs UMvoti FC 15h00.

EMzisho Stadium: UMsinga United vs FC Chess 15h00.

EKandahar Stadium: FC Drakensber­g vs Newcastle All Stars 15h00.

EGlebe Stadium: EThekwini Coastal vs Titanic FC 15h00.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa