Kubulawe inkosikazi kasomatekisi osocongwe ngenyanga edlule
Ihlaselwe ngababulali ihamba nendodakazi eneminyaka ewu-16
ISIHLUKU kudutshulwa kubulawa inkosikazi kasomatekisi obengusihlalo kusoseshini waKwaNdengezi, izolo ngeSonto ephuma emzini wakhe eNjobokazi, eMpumalanga, eHammarsdale.
ILANGA lithole ukuthi uNkk Wendy Shange (36) ubulawa nje, ngenyanga edlule kudutshulwe kwabulawa ngentululwane yezinhlamvu umyeni wakhe, uMnu Nkosingaye Shange okuthiwa ubesatshiswa okwenyoka kule mboni.
Kubikwa ukuthi uNkk Shange udutshulwe wabulawa phambi kwendodakazi yabo eneminyaka ewu-16 ubudala abehamba nayo emotweni ngesikhathi ehlaselwa.
Ubulawa nje, ngoMgqibelo bekuqala umkhankaso wezinsuku eziwu-16 wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, okuwumkhankaso owenziwa minyaka yonke emhlabeni jikelele.
UMnu Shange usanda kubulawa nje, ubengomunye woshemeni abahlonishwayo futhi abasatshwayo embonini yamatekisi. Ubaziwa ngokuthi unesandla esiqinile.
Wadutshulwa walimala kanzima ehamba nonogada bakhe njengoba ebegadwa yinqwaba yabaqaphi abebephatha izinhlokohlela zezibhamu.
UShange washonela esibhedlela emuva kwezinsukwana edutshuliwe. ILANGA likhulume nekhansela laKwaNdengezi, uMnu Dumsani Nsondwane, othe bese eluzwile udaba lokubulawa kukaNkk Shange.
“Kubuhlungu ukuthi sekungaze kubulawe umuntu wesifazane ngesihluku esinjena. Abantu besifazane ngabokuvikelwa yithina amadoda. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe.
“Umyeni wakhe ubebambe iqhaza elikhulu emphakathini waKwaNdengezi nakusoseshini wabo,” kusho uNsondwane.
Imizamo yeLANGA yokuthola amalungu omndeni wakwaShange kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba lolu daba.
Okhulumela iSantaco uMnu Mduduzi Makhunga, uthe bebengakezwa lutho ngalolu daba, wacela ukungaphawuli.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane.