Ilanga

Kubulawe inkosikazi kasomateki­si osocongwe ngenyanga edlule

Ihlaselwe ngababulal­i ihamba nendodakaz­i eneminyaka ewu-16

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ISIHLUKU kudutshulw­a kubulawa inkosikazi kasomateki­si obengusihl­alo kusoseshin­i waKwaNdeng­ezi, izolo ngeSonto ephuma emzini wakhe eNjobokazi, eMpumalang­a, eHammarsda­le.

ILANGA lithole ukuthi uNkk Wendy Shange (36) ubulawa nje, ngenyanga edlule kudutshulw­e kwabulawa ngentululw­ane yezinhlamv­u umyeni wakhe, uMnu Nkosingaye Shange okuthiwa ubesatshis­wa okwenyoka kule mboni.

Kubikwa ukuthi uNkk Shange udutshulwe wabulawa phambi kwendodaka­zi yabo eneminyaka ewu-16 ubudala abehamba nayo emotweni ngesikhath­i ehlaselwa.

Ubulawa nje, ngoMgqibel­o bekuqala umkhankaso wezinsuku eziwu-16 wokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, okuwumkhan­kaso owenziwa minyaka yonke emhlabeni jikelele.

UMnu Shange usanda kubulawa nje, ubengomuny­e woshemeni abahlonish­wayo futhi abasatshwa­yo embonini yamatekisi. Ubaziwa ngokuthi unesandla esiqinile.

Wadutshulw­a walimala kanzima ehamba nonogada bakhe njengoba ebegadwa yinqwaba yabaqaphi abebephath­a izinhlokoh­lela zezibhamu.

UShange washonela esibhedlel­a emuva kwezinsukw­ana edutshuliw­e. ILANGA likhulume nekhansela laKwaNdeng­ezi, uMnu Dumsani Nsondwane, othe bese eluzwile udaba lokubulawa kukaNkk Shange.

“Kubuhlungu ukuthi sekungaze kubulawe umuntu wesifazane ngesihluku esinjena. Abantu besifazane ngabokuvik­elwa yithina amadoda. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe.

“Umyeni wakhe ubebambe iqhaza elikhulu emphakathi­ni waKwaNdeng­ezi nakusosesh­ini wabo,” kusho uNsondwane.

Imizamo yeLANGA yokuthola amalungu omndeni wakwaShang­e kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba lolu daba.

Okhulumela iSantaco uMnu Mduduzi Makhunga, uthe bebengakez­wa lutho ngalolu daba, wacela ukungaphaw­uli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshu­lwa kubulawe owesifazan­e.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa