LIBOSHWE NAMALUNGU OMNDENI ILUNGU ELILWISANA NOBUGEBENGU EMPHAKATHINI
KUBOSHWE ilungu leCommunity Police Forum (CPF), namalungu omndeni walo amathathu esigamekweni sokubulawa kwababili okubikwa ukuthi batitinywe ngamalungu omphakathi, ebasola ngokweba izingubo ebezinekiwe ngoLwesithathu ntambama, eGqumeni, eBulwer.
Ngokuthola kwaleli phephandaba uMnu Sicelo Sibetha (33) nomngani wakhe elingatholakalanga igama lakhe, bahlaselwa nje, bebesolwa ngokweba amabhulukwe alinganiselwa kwawu-6, okuthiwa bawethule enekwe komunye umuzi endaweni.
Ikhansela lendawo uMnu Sifiso Phoswa, lithi kwenzeka lesi sigameko nje, amalungu eCPF abehlela umhlangano nobuholi bomphakathi ukuzodingida ezokuphepha njengoba sekusondela izinsuku zikaKhisimusi.
“Ngathola ucingo ngoLwesithathu lungibikela ngokulahleka kwezingubo, zithulwa ngabantu zinekiwe.
“Sase sivumelana ngokuhlangana ukuze sizodingida isisombululo salokho. Ntambama ngabe sengifonelwa ilungu leCPF (leli eliboshiwe) lingazisa ngesigameko sokushaywa kwalaba bafana ababesolwa ngokweba.
“Ngaliyalela ukuthi ake liyobuka okwenzekayo ngoba mina ngangisemhlanganweni eNorth West,” kusho uPhoswa.
Utshele leli phephandaba ukuthi ilungu leCPF labe selimshayela futhi limazisa ukuthi selibuya endaweni yesigameko.
Uthi labika ukuthi oyedwa usesimeni esibucayi, omunye kubukeka sengathi useshonile.
“Ngithole ukuthi laba basolwa balandwa ngabathize babashaya, kwagcina kungenelele amalungu omphakathi.
“Babebathathu, kukhona nomunye wesifazane owagcina ebalekile ngesikhathi sebeshaywa.
“Lo wakwaSibetha ngowalapha endaweni, lo omunye akuyena. Owashonela endaweni yesigameko yilo wendawo.
“Lo omunye ngithole ngamaphoyisa ukuthi ugcine eshonile naye.
“NgoLwesihlanu ngafonelwa yilungu leCPF, lingazisa ukuthi kunamalungu omndeni wakwaSibetha alikhomba njengowayehamba phambili ngesikhathi kwenzeka isigameko,” esho.
Uthe waliyalela ukuthi liye emaphoyiseni, lixhumane nomseshi ophethe lolu daba.
Utshele ILANGA ukuthi wabe eseboshwa ngalo uLwesihlanu, kwaboshwa nendodana yakhe endala, indodana kamfowabo, nosibali wakhe.
Uthe kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namhlanje ngoMsombuluko.
Uveze ukuthi ubikelwe ngamaphoyisa ukuthi athole ukuthi kunamalungu omphakathi angagculisekile ngokuboshwa kwelungu leCPF nomndeni walo.
“Ngike ngayithola nami imibiko evela kwabanye abangeneme ngokuboshwa kwabo.
“Ngibe sengihlela umhlangano ophuthumayo, sikhulume ngalolu daba ukuze ukungagculiseki kwamalungu omphakathi kungaphethi ngemibhikisho ezophazamisa ezinye izinhlelo,” esho.
Umfowabo kaSicelo, uMnu Nkosinathi Sibetha, uveze ukudumala ngokubulawa kukamfowabo. Utshele leli phephandaba ukuthi ukholwa wukuthi wayezozikhipha izimpahla ukube zazebiwe nguye.
“Ngendlela ayeshaywe ngayo wayengazikhipha izingubo okuthiwa wazeba.
Mina ngabikelwa yizingane zalapha ekhaya ngesigameko, sabe sesiphuthuma khona namanye amalungu omndeni.
“Sabiza i-ambulensi kwaqinisekiswa ukuthi ushonele endaweni yesigameko.
Lona omunye ayenaye kasimazi lapha endaweni, kodwa bebejwayelene nomfowethu ngoba useke wafika lapha ekhaya phambilini.
“Ngizwile ukuthi kukhona ababoshiwe ababehamba phambili kulolu daba,” kusho uSibetha.
Okhulumela amaphoyisa, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisle lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, bakhona abasolwa ababoshiwe.