KUKHUNJULWE UMBHALI WEZINKONDLO
UKHUNJULWE ngedili lomcimbi uSolwazi Benedict Wallet Vilakazi (osesithombeni), owaba ngowokuqala kwabamnyama ukuthola iziqu zobudokotela ezilimini zomdabu kuleli.
UVilakazi owazalelwa eGroutville, eStanger ngo-1906 wadlula emhlabeni ngo-1947, ubekhunjulwa emcimbini obusendlini yebandla lamaRoma eMariannhill, okuvela ukuthi wayezicelele ukungcwatshwa khona nokuthi ithuna lakhe libekwe eduze kwendlela okuhamba kuyona izingane zesikole.
Umcimbi wangoMgqibelo ubuhlelwe yinkampani yababhali, uSiba eholwa nguSolwazi Sihawu Ngubane.
Kulo mcimbi bekukhunjulwa iqhaza lakhe ekubhalweni kwezinkondlo nangokuba yisibonelo esihle kubabhali bezinkondlo namanoveli.
Ngokusho kukaMnu Mandla Ndlovu oyiSekela likasihlalo wale nhlangano, uthe kawangabazeki amagalelo kaVilakazi.
“Ngaphandle kweqhaza lakhe lokubhala nokuba ngowokuqala ukuthola iziqu zobudokotela ohlangothini lwezilimu zomdabu, okunye okubalulekile wukuthi waba ngowokuqala omnyama owathola ithuba lokufundisa eWits University.
“Wayengumuntu onamagalelo kuleli, ngikhuluma nje, kunezikole ezimbili zaseGoli eziqanjwe ngaye. Kunomgwaqo iVilakazi St, eSoweto oqanjwe ngaye.
“Lo mgwaqo ubaluleke kakhulu kuleli ngoba kuwona kunomuzi kaMnu Nelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli.
“Iningi lethu singababhali bezinsuku zanamuhla silapha esikhona nje, yingoba silandela ezinyathelweni zakhe. Baningi ababhali nosolwazi nezifundiswa ezafunda kuyena,” kusho uNdlovu.
“Isikhulumi sosuku emcimbini obungoMgqibelo, uNkz Mpumi Zondi, wathola iPHD yakhe ngemuva kokuba enze ucwaningo ngempilo kaVilakazi,” kusho uNdlovu.
Uthi nakuba wahamba emhlabeni esemncane uVilakazi, kodwa kuningi ashiya ekwenzele isizwe.
“Zonke izinkondlo ayezibhala, zazikhuluma indaba uyizwe kahle.
“Yingakho nje sibuye sethula incwadi esiyibhale ngokuhlanganyela futhi esiyiqambe ngaye ngokukhetha izihloko ezimbalwa.
“Simtusa ngeqhaza lakhe nesibindi sokubhala ngolwimi lwesiZulu ngesikhathini lapho sasingafuneki ngenxa kahulumeni owawubusa ngaleso sikhathi.
“Kunenkondlo ayibhala esihloko esithi: Uma Ngificwa Ukufa. Kuleyo nkondlo ilapho ayezicelela khona ukuthi ufuna zisingathwe kanjani izinhlelo zokufa kwakhe.
“Ezinkomponi, lapha uchaza ngesimo ayehlala esibona ngokuhlukumezeka kwabantu abamnyama ngalezo zikhathi.
“Sithokoze kakhulu nangokubona iningi losolwazi liyingxenye yomcimbi wokubungazwa kwaleli qhawe, njengoba yonke imikhakha inamaqhawe ayo njengoba nathi sinelethu,” kuphetha uNdlovu.