Ilanga

Ubalisa ngamabhadi umqeqeshi wePirates

Uthi kakuyifane­le ukuvika izembe iRichards Bay FC ngenxa yengcwenga eyidlalayo

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

UBALISE ngokulande­lwa ngamashwa uJose Riveiro ongumqeqes­hi weOrlando Pirates ecazelane amaphuzu neRichards Bay FC kuba wu-0-0 koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mqeqeshi uthi ezakhe kazinayo inhlanhla kulezi zinsuku. Uthi bebewafuna egcwele amaphuzu kwiBay kodwa bagcina bethole elilodwa.

“Bawuqale kahle umdlalo, ngicabanga ukuthi imizuzu yokuqala ewu-20 bebedlala kahle kodwa bebengafik­i emapalini ethu. Kasizange siqale kahle size saqala ukuba ngcono ngokwenyuk­ela kwesiwombe sokuqala.

“Ngesiwombe sesibili umdlalo bewuthwele yithina sonke (isiwombe) kodwa sehluleka wukukora emuva kwenqwaba yamathuba esiwakhile. Siyiqembu elinebhadi emhlabeni.

“Kakusiwona umdlalo obekufanel­e sibuye nephuzu kuwona lona kodwa kakukho esingakwen­za kufanele silithathe leli phuzu. Silahle amaphuzu amabili kulo mdlalo kodwa kusasele awu15 okufanele siwadlalel­e ngaphambi kokuba kuvalelwe uKhisimusi.

“Kuzofanele sizame ukuqoqa amaphuzu azokwenza siye emaholidin­i sijabule,” esho.

Uthi kuzofanele bayisebenz­e eyokushweb­a amathuba ngoba uma bengakori ngeke bayinqobe imidlalo, bazolokhu belahla amaphuzu njengoba kwenzeke kulo mdlalo weBay.

Akawuvali umlomo ngoYonela Mbuthuma ongumgadli weBay, nangendlel­a le kilabhu edlala ngayo.

“Bayagijima, bayalwa, kukhona konke abakwenzay­o bayalekele­lana. Lo mfana wabo ogqoka ijezi unombolo-9 ungigeze igilo, uyagijima ngicabanga ukuthi kulo mdlalo ugijime amakhilomi­tha awu-20.

“Bayikilabh­u oncintisan­ayo nayo, ongeke uyizele ngobuso ngoba nakhu uyiPirates. Kuyethusa ukuthi bakule ndawo abakuyo uma ubuka indlela abadlala ngayo,” esho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUJOSE Riveiro
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUJOSE Riveiro
 ?? ?? UKARIM Kimvuidi we-Orlando Pirates ubezama ukucela indlela kuSyanda Dlamini weRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiershi­p ophele ngo-0-0 ngoMgqibel­o eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
UKARIM Kimvuidi we-Orlando Pirates ubezama ukucela indlela kuSyanda Dlamini weRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiershi­p ophele ngo-0-0 ngoMgqibel­o eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa