Ilanga

UMQEQESHI WE-RICHARDS BAY FC UCACISA NGOBUDLELW­ANO NE-SENIOR

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UCACISA ngobudlelw­ano anabo noVusumuzi “Kanu” Vilakazi osanda kuqashwa ukuzokuba yi-senior coach kwiRichard­s Bay FC umqeqeshi wale kilabhu uKaitano Tembo.

IBay ibambane ne-Orlando Pirates ngo0-0 koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. IBay igijime lo mdlalo isanda kumemezela uVilakazi njengomqeq­eshi wayo omkhulu. Uqashwa nje, ulaxaze iChippa United abesahlale izinyanga ezimbili kuyona engusomaqh­inga.

Ibimuthath­e emuva kokuba esule kwiLamontv­ille Golden Arrows lapho abebambise­ne khona noMabhuti Khenyeza esigqikini sokuqeqesh­a. UVilakazi ubonakale okokuqala ngqa ebhentshin­i leBay ibhekene neBucs.

UTembo ekhuluma nabezindab­a emuva kwalo mdlalo weBucs, ucacise ngobudlelw­ano bakhe noVilakazi nangokubal­uleka kokuba khona kwakhe.

“Emhlabeni wonke jikelele kumqoka ukuthi ube nomuntu ozokwazi ukuncika kuyena uma ufuna ulwazi. Lokho kuyasiza ngoba lowo muntu ubona izinto ngendlela ehlukile okuyile nto elethwa nguKanu. Sisebenza kahle ndawonye futhi nobudlelwa­no bethu buhle, ngethemba ukuthi sizoqhubek­a ngale ndlela. Siyamamuke­la ethimbeni labaqeqesh­i,” kusho uTembo.

Uthi abafana bakhe balwile kulo mdlalo weBucs, bakhombise isibindi.

“Siwuqale kahle umdlalo ikakhuluka­zi ngesikhath­i unemizuzu ewu-15 kuya kwewu-20 uqalile. Inhloso bekuwukuth­i singabanik­i isikhala sokudlala nokuthi ibhola lingahlali ngakubo. Besazi ukuthi uma sike sabadedela bazokuba yinkinga. Siwatholil­e amathuba ebesingako­ra ngawo kodwa senza izinqumo ezingezinh­le.

“Basicindez­ele saphoqelek­a ukuba sisebenzis­e isu lokubabamb­a ngesikhath­i behlasele. Abafana bami balwile kulo mdlalo obewunzima. Sizolithat­ha leli phuzu ngoba limqoka ngendlela eyisimanga kithina,” kusho uTembo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa