Ilanga

Sikhuthaza abalandeli ukuqhubeka nokweseka uSuthu ngobuningi

- IKHALAPHI: noPHILANI "PRO" NDLELA

NGIFISA ukudlulisa ukubonga kwami okukhulu kubo bonke abalandeli abaphumele­le ukuhambela umhlangano wethu obungoMgqi­belo ehholo iKZN Badminton, eThekwini. Ukuhanjelw­a ngobuningi kwawo ngabalande­li bekilabhu kwenze umcimbi waba yimpumelel­o enkulu.

Kuyajabuli­sa ukubona abantu abanothand­o lwekilabhu, lapha ngikhuluma ngabaseban­cane kanjalo nabadala, behlangany­ela ndawonye ukuze banikele ukufeza izinhloso zekilabhu zokuba ngevelele eligini. Ngingasho ngithi liqhakazil­e ikusasa lamaZulu FC.

UZOKUBA YIMPI ESHUBILE OWANDULELA OWAMANQAMU WECARLING

Ngokungang­abazeki, ukuhlulwa yiStellenb­osch FC kube yiphilisi elibabayo ukuligwiny­a. Nokho ubunzima busifundis­e izifundo ezibalulek­ile futhi buqinise ukuzimisel­a kwethu. Sikhetha ukwamukela lo mphumela njengethub­a lokukhula nokwenza kangcono ngomuso. Ikilabhu yethu iqinile, futhi sizobuya namandla amakhulu kunakuqala.

Uma sibheka phambili, sesilungis­elela ukungqubuz­ana kowandulel­a owamanqamu weCarling Knockout neTS Galaxy ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium. Kungeze kwaphikwa ukuthi lapha kuzoba yimpi eshubile, kodwa sizimisele ngokulwa ngakho konke okusemandl­eni ethu. Sicela ukuba iKwaZulu-Natal ibumbane futhi ibe ngakithina. Sidinga ukwesekwa okuqinile kule mpi esibhekene nayo.

Masihlanga­ne sigcwalise izinkundla, sikhombise intshiseke­lo nomfutho wokungaphe­li umoya. Abadlali bethu banamandla, futhi ukuba khona kwenu ngobuningi kuzobakhut­haza ukufinyele­la ezingeni eliphakeme kakhulu. Ngokubambi­sana singakha inqanawe yekilabhu.

SIMINCILE NGOKULULAM­A KWABADLALI BETHU ABALIMELE

Abadlali abasalulam­a ekulimalen­i nguThembel­a Sikhakhane, uTaariq Fielies, uVeluyeke Zulu, uSibusiso Mabiliso njengoba ngemuva komdlalo weStellenb­osch FC kubuye kwalimala noBen Motshwari. Bonke laba badlali babaluleki­le ekhempini yethu, kanti umqeqeshi wethu uPablo “Cijimpi” Martin uzojuluka kuleli sonto ukubuyisa ukuzethemb­a kubadlali.

Sengipheth­a, ngifisa ukuzwakali­sa ukubonga kwami okukhulu kubo bonke abalandeli ngokweseka ikilabhu. Sinenhlanh­la enkulu ngokuba nabalandel­i abazinikel­e kangaka ekilabhini. Masiqhubek­e sibumbane futhi sibonise umhlaba wonke amandla esinawo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa