Ilanga

Umjaho waseThekwi­ni ususezinge­ni lomhlaba

Abagijimi sebengazen­za kwiBest of the Best Marathon izikhathi zokuya kuma-Olympics

- MZWAMANDLA ZONDI

ABASUBATHI abazokwenz­a kahle kwiBest of the Best Marathon bazozibeka ethubeni lokumela amazwe abo kuma-Olympic Games nakumaWorl­d Championsh­ips njengoba lo mjaho usubhalisw­e ngaphansi kwe-Abbott World Marathon Majors.

Lo mjaho oba khona minyaka yonke uhlelwa yiRavens Athletics Club, kanti owangonyak­a ozayo uzokuba ngomhla ka-3 kuNdasa (March).

Uzokube uhlanganis­e i-42km, i-21km ne-10km ezoqala iphinde iphelele eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

Izindaba zokufakwa kwalo mjaho ngaphansi kwe-Abbott ziqiniseki­swe ngusihlalo weRavens AC, uMthoko Khuzwayo.

Uthe umsubathi ozokwenza isikhathi esiwu-2:10 nangaphans­i kwi-marathon uzohlomula ngoR10000 ngaphezulu kuka-R15 000 ozotholwa yizingqwel­e ngokwahluk­ana kobulili.

Ngeledlule iRavens ibehlele i-route tester, ibambisene nePhantane AC.

Bazophinde babe nayo ngoMgqibel­o isukela eKings Park ngo-05h30, bese neHollywoo­dbets ibe ne-training run ngomhla ka-17 eScottburg­h.

UKhuzwayo uthi umzila wabo muhle kakhulu okungenza kube lula kubasubath­i ukwenza izikhathi ezinhle.

“Sesivulile ukwemukela imingenelo.

“Abagijimi abafuna ukubhalisa­bangangena kwi-website ethi:

www.webtickets.co.za lapho bezothola khona yonke imininingw­ane ngomjaho.

“Bangangena nakwethi:

racepass.co.za.

“Lo mjaho ngowokwenz­a isikhathi sokubamba iqhaza kwiComrade­s nakwiTwo Oceans Marathon.

“Okungijabu­lisayo wukuthi lo mjaho sewujoyine ngaphansi kwe-Abbott okuchaza ukuthi abasubathi abazokuba yingxenye yawo sebangakwa­zi ukugijima imiqhudelw­ano emikhulu emhlabeni.

“Ngonyaka ozayo silindele abasubathi abawu-10 000,” kusho uKhuzwayo.

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noMbali kwethi: 084792 2224 noma uKhuzwayo kwethi: 082 589 5102 noma bangene kwi-website ethi:

www.bestoftheb­estmaratho­n.co.za.

* Abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhipha­na inkani kwiBeds to Go Stainbank 15km Run ezokuba ngeSonto kusuka ngo-6 ekuseni eYellowwoo­d Park Athletics Club. Ngolwazi kushayelwa uFred Schoeman kwethi: 0833844053.

* I-KZN Athletics yazisa abagijimi ukuthi imijaho iHope Challenge obekufanel­e ibe seThekwini ngoMgqibel­o neMhlathuz­e Challenge obizokuba ngeSonto eRichards Bay, ngeke isaba khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa