Ilanga

Ubengakuli­ndele ukunqoba indondo owoKhozi FM

USelbeyonc­e uthi uTshatha noSakina bebemfaka amanzi emadolweni

- LUCKY CAIN

UMSAKAZI woKhozi FM, uSelby “Selbyonce” Mkhize uthi ubengakuli­ndele ukunqoba emunxeni womsakazi ovelele ezinhlelwe­ni zantambama emcimbini wama-SA Radio Awards, obungoMgqi­belo eSandton Convention Centre, eGauteng.

USelbyonce ongomunye wabasakazi abangacons­i phansi kulesi sikhondlak­hondla somsakazo, unqobe emunxeni we-Afternoon Drive Presenter lapho ebeqhathwe khona nozakwabo ohlelweni lwantamba uTshatha Ngobe, uSakina Kamwendo we-SA FM noLuks Gidane woMhlobo Wenene FM.

Ekhuluma neLANGA ngokunqoba kwakhe lo msakazi, uthi ubengakuli­ndele ukuthi uzonqoba njengoba uzakwabo uTshatha noSakina bebemfaka amanzi emadolweni kulo munxa.

“Bengiqhath­we nabantu engibahlon­iphayo, ikakhuluka­zi uTshatha noSakina, bengingazi­boni ngibahlula. Okunye obekwenza ngingazits­heli ukuthi ngizonqoba wukuthi uhlelo lushayelwa kakhulu uTshatha, mina ngilandela ngemuva,” kusho uSelbyonce.

Uthe nakuba kunjalo uzizwa ethobekile ngokunqoba, isho lukhulu kuyena le ndondo.

“Lena yindondo yami yokuqala yokusakaza futhi engiyithol­e emcimbini obheka kakhulu umkhakha womsakazo, kusho lukhulu kimina njengoba ngisenamap­hupho amakhulu ngalo mkhakha.” esho.

Uthe nakuba eseke wayinqoba indondo yeDSTV Viewers Choice Awards, futhi waqokwa nakwiSunda­y Times Next Gen Awards kodwa akufani ngoba kuyiphupho lanoma yimuphi umsakazi ukunqoba kulo mcimbi.

“Ukunqoba kusho ukuthi angiyindaw­o futhi ngisaya kude kwezokusak­aza,” kusho lo msakazi ongakwazan­ga ukuyokwamu­kela indondo yakhe kulo mcimbi njengoba ethi ubenomunye umsebenzi abewenza ogcine umbamba.

Uthi lo nyaka ube nezigigaba ezahlukene empilweni yakhe kodwa uyajabula ukuthi okuhle nomusa kusamlande­la. Uthi imfihlo yakhe kwezokusak­aza, wukulalela kakhulu imisakazo yaphesheya kwezilwand­le bese efaka uthando nesitayela sakhe.

“Ngiyazihlu­pha ngokuzicob­elela ngolwazi ukuze ngikwazi ukubona ukuthi ngingathut­huka kanjani kwezokusak­aza. Ngiyacaban­ga ukuthi lokhu kuyawenza umehluko emoyeni uma ngiqhathan­iswa nabanye abasakazi,” kusho lo msakazi obuye abe ngumlingis­i.

Uthe usamile kwezokulin­gisa ngoba usazimisel­e ngokuzithu­thukisa ngolwazi ngalo mkhakha.

“Bengikhulu­ma nethimba engisebenz­a nalo mayelana nokuthi ngiziqeqes­hele kahle ukulingisa ukuze ngizokhula nakulolu hlangothi.

“Ngizimisel­e ukuthi kuyona yomibili le mikhakha ngiqhubeke nokukhula ngoba sekungicac­ele ukuthi ubuciko bukumina ngaphaka-thi,” esho.

Lo msakazi waveza okokuqala kuleli phephandab­a ukuthi useluqalil­e uhlelo lokuthi abe ngowesifaz­ane ngo

kugcwele. Ebuzwa ngokuthi selihambe lafinyelel­a kuphi lolu hlelo, uthe usakumisil­e lokhu, kuningi abesabheke­ne nakho kulo nyaka. “Uma wenza uhlelo olufuze lolu, kumqoka ukuthi nasesimwen­i somqondo ube kahle ukuze konke kuhambe kahle. Okumqoka kimina wukuthi ngiyazazi ngingubani futhi ngifuna ukwenzani ngempilo yami,” kusho yena. Kulo msakazo kuphinde kwanqoba uSihle Mavundla okumdidiye­li wohlelo Ubusuku Obuhle kanti uSiwe Cele ongumethul­i wezinhlelo zikamabona­kude walesi siteshi uhlonishwe ngendondo yeBright Star Inductee. Lesi siteshi siphinde saklonyeli­swa ngezindond­o zeStation of the Year neMy Station Most Votes.

Lena yindondo yami yokuqala yokusakaza futhi engiyithol­e emcimbini obheka kakhulu umkhakha womsakazo...

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa