Ilanga

IMEYA IYALE ABESIFAZAN­E NGOKUHLUKU­NYEZWA NGAMADODA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USIHLALO weKZN SALGA Commission, iMeya kuMasipala uMlalazi, uNkk Queen Xulu, usexwayise abesifazan­e abasothand­weni oluhlukume­zayo ukuba bangalindi amathonsi abanzi ukuze baphume ebudlelwan­eni abahlukume­zekayo kubona. Ukusho lokhu kulandela ukubulawa kukaNkz Nontokozo Nkobongo (33), waseVekeza, eShowe ngeledlule.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umsolwa ubesola umufi ukuthi usejola nomunye okuyilapho kuthiwa kuqubuke khona ingxabano wadonsa ummese wambhokoda ngawo.

UNkz Xulu, ukhale ngokuthi sekukaning­i ehambela imindeni eyahlukene ngaphansi kukamasipa­la wakhe, eyokhalisa imindeni eshonelwe ngabesifaz­ane ngemuva kokubulawa ngabesilis­a abahlekisa­na nabo.

Ngokusho komndeni kaNkz Nkobongo, ugwazwe yisoka lakhe washona ngaso leso sikhathi.

“Ngibuhlung­u ngoba sengibu-ya okwesibili kule ndawo. Ngenyanga edlule bengiseNci­nyane ngomshophi ofuze wona lo. Kuyishwa ukuthi lezi zigameko zivele zidlobe ngesikhath­i sikuwo impela umkhankaso ka-16 Days of No Violence Against Women and Children.

“Bantu besifazane, ngiyanicel­a niqaphele izimpawu zobudlelwa­no obunobungo­zi ngoba akuvele kuse sewubulawa, kodwa kusuke kunezinkom­ba eziningi zokuthi kungagcina kukhona olahlekelw­a wumphefumu­lo. Ngisho impama le kayibekeze­lelwa,” kusho imeya.

UNkk Xulu uthe kumkhathaz­a umoya ukuzwa amalungu omndeni eveza ukuthi uze alahlekelw­e yimpilo yakhe nje uNkz Nkobongo, bekujwayel­ekile ukuthi isoka lakhe limshaye, limlimaze. UNkz Nkobongo ushiye emhlabeni abantwana ababili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLT-Colonel Robert Netshiunda, usiqinisek­isile isigameko, wathi umsolwa uboshiwe, ubhekene necala lokubulala.

 ?? ?? NGUMUFI uNkz Nontokozo Nkobongo okusolwa isoka ngokufa kwakhe.
NGUMUFI uNkz Nontokozo Nkobongo okusolwa isoka ngokufa kwakhe.
 ?? ?? NGUNKK Queen Xulu oyiMeya kuMasipala uMlalazi.
NGUNKK Queen Xulu oyiMeya kuMasipala uMlalazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa