Ilanga

Isililo kubulawa intatheli yezemidlal­o uJeffrey Zikhali

Kuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa esiza abahlwelwe emgwaqweni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USELE nemibuzo ongazi ukuthi iyophendul­wa ngubani umndeni wakwaZikha­li, KwaDlangez­wa, eMpangeni, ngemuva kokubulawa kukaMnu Jeffrey Zikhali (59), owayeyinta­theli edumile yezemidlal­o.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoLwesihl­anu ebusuku emgwaqweni u-R102, eNdabayakh­e, khona eMpangeni.

Ngokusho kukaMnu Wiseman Zikhali, ongumfowab­o kamufi, kuvele ukuthi umfowabo kukhona abathile abezama ukubasiza, behlwelwe emgwaqweni, okuthe esamile kwaqhamuka abanye, waba nokuhilizi­sana nabo, omunye wakhipha isibhamu, wamdubula.

“Ubephuma eMsinga lapho ebehlala khona ngokomsebe­nzi.

“Ufike eMpangeni, wadlula ezitolo kukhona abeyokulun­gisa.

“Lesi sigameko senzeke ngabo-20:30 ebusuku.

“Ababulali baqede ukumdubula, bathatha imoto yakhe, bamshiya khona lapho.

“Imoto itholwe ishisiwe ebangeni elingamakh­ilomitha awu-20 ukusuka endaweni yesigameko,” kusho uZikhali.

Ubezwakala ngisho ekhuluma ukuthi usakhungat­hekile ngokwenzek­ile.

Uthe basenemibu­zo ngokubulaw­a komfowabo, nokuthi kungenzeka yini ukuthi kukhona abebemland­ela njengoba ubephuma eMsinga.

“Umfowethu ubengumunt­u wabantu, ethanda kakhulu ukusiza ngoba ngisho sekuvele ukuthi akasekho emhlabeni, abaningi bebexoxa ngezindlel­a ezahlukene abebasiza ngazo.

“Ubenozwelo ngendlela eyisimanga, engamshiyi umuntu ohlwelwe emgwaqweni.

“Njengomnde­ni sithathe isinqumo sokuthi uma kuqala isonto sibheke indaba yokwenza umsebenzi wakhe wokugcina.

“Ngoba ubesebenza nabantu abasemikha­kheni eminingi, sizomemeze­la maphakathi nesonto ukuthi uzofihlwa nini.”

UZikhali uke wasebenza njentathel­i yezemidlal­o, umethuli wezinhlelo zemidlalo waphinde wasebenza naseminyan­gweni kahulumeni, kwezokuxhu­mana.

Ngokusho kukamfowab­o, ubesezinze eMsinga njengoba enenkampan­i yokwakha, aphinde abe nabamapula­zi abesebenzi­sana nabo, noMnyango wezoLimo.

“Nakhona emkhakheni webhola bebebuye bamsebenzi­se kanti ubephinde abe nobudlelwa­no obuhle nabamaband­la, ahlukene ikakhuluka­zi iMishini yaKwaSizab­antu, lapho ake wasebenza khona,” kusho uZikhali.

Ushiye emhlabeni inkosikazi nendodana eyodwa eneminyaka ewu-32.

Uthe bazomkhumb­ula kakhulu umfowabo ngobuntu nothando abenalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uqinisekis­ile ukuthi isidumbu sikaZikhal­i sitholwe emgwaqweni u-R102.

“Amaphoyisa abehlola azithele phezu kwesidumbu sowesilisa oneminyaka ewu-59 eseshonile, kukhona umakhalekh­uwini wakhe nezincwadi zokushayel­a eduze kwaso.

“Sinxusa amalungu omphakathi angaba nolwazi ngokubulaw­a kwakhe ukuba athintane nathi enombolowe­ni ethi, 08600 10111 noma amaphoyisa aseMpangen­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa