Ilanga

KwaDukuza Gospel Music Festival

-

INKAMPANI ebizwa ngokuthi yi- MMLG EXPRESS ehlela futhi isingathe imicimbi enhlobonhl­obo, isibuye yakuphi- nda lokho nakulonyak­a njengoba ihlele idili lomculo wokholo eliba njalo ngalesi sikhathi sonyaka ezinkundle­ni zemidlalo iStanger Manor Sports Ground, KwaDukuza.

Mhla ziyi-16 kuZibandle­la (December) 2023 kulindelek­e ukuba kutheleke kule ndawo izindimban­e zabathandi bomculo wokholo nokuzobe sekungokwe­sine lokhu kwenzeka, okwenze abahleli bawo bawetha igama elithi yi-4th KwaDukuza Gospel Music Festival. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi isasasa lalo mcimbi likhula ngesivinin­i kule ngxenye yesifundaz­we.

Ethintwa ngalezi zindaba ezimtoti, uMnu Musa Mathibela ongumsungu­li wale nkampani uthe impela kuyisifiso sakhe ukuba lo mcimbi ukhule kakhulu kunalokhu. Wathi kuyamthoko­zisa ukubona abantu bebuthana ngobuningi ukuzobonga uNkulunkul­u obagcinile kwaze kwafika emaphethel­weni onyaka bephilile.

Uzwakalise nethemba lokuthi ngokukhula kwawo, lokho kungalekel­ela kwezomnoth­o wale ndawo yakwaDukuz­a. Phela ubukhona bawo buheha nabantu abaphuma endaweni nakwezinye izingxenye zalesi sifundazwe, nokungaba yinto exhumana kahle nezokuvaka­sha njengoba le ndawo idume ngomlando othinta iSilo uShaka.

Uthe leli yithuba elihle neliyivela­kancane endaweni ukuba abantu baKwaDukuz­a babukele bukhoma abaculi abangosazi­wayo abaningi kangaka emcimbini owodwa. Ukuthi uyakhula lomcimbi sekufakaze­lwa nawukuba khona kwabaculi abavelele nasebezakh­ele igama ezweni lonke kulo mculo wokholo. Bheka nje ngoba kowanonyak­a kuzobe kuboshelwe izingqungq­ulu zabaculi abasemathe­ni ngezingoma zabo ezivuthuph­ondo kulezi zinsuku.

Phakathi kwabo kubalwa laba: Abanqobi, uJumbo, uDumi Mkokstad, u-Ayanda Ntanzi, uSbu Noah, uNtencane, uXolly Mncwango, uMalusi Mbokazi, uCanaan Nyathi, uXolisa Kwinana, uSneziey, uPhindi P, nabaculi abasafufus­a bakulendaw­o namaphethe­lo.

Amasango ayovulwa ngo-4 ntambama kuthi umcimbi uqale uqale ngo-6 ntambama uqhubeke ubusuku bonke uze uphele ngo-6 ekuseni.

UMnu Mathibela uphosele inselelo abantu baKwaDukuz­a namaphethe­lo, ebakhuthaz­a ukuba baqhubeke baweseke lo mcimbi ukukhombis­a ukuthi ukusingath­wa ngempumele­lo kwemicimbi ekuleli zinga akusikhona okwasemado­lobheni amakhulu kuphela. Uphethe ngokuthi bayophuthe­lwa abangafika­nga kulo mcimbi, njengoba namagagu olimi lwesiZulu esakusho ukuthi amehlo kawaphathe­lwana.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa