Ilanga

Uvuma ingcindezi ngesizini yesibili ye-Aldulting

LBU

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UKUPHELEZE­LA ngengoma yakhe entsha ukukhuza ibuya komdlalo kamabonaku­de i-Adulting, umlingisi odlala indawo kaVuyani kulo mdlalo uLuthando BU Mthembu , okuzoqala isizini yawo yesibili ngoMsombul­uko. UBU oqale ukuzakhela udumo ngokuvela kwiBig Brother Mzansi, ungomunye wabalingis­i abakhuza ibuya kulo mdlalo onedumela esiteshini se-internet, iShowmax.

Ube nengxoxo ekhethekil­e neLANGA ngohambo lwakhe kulo mkhakha. UBU odabuka kwa-P, eMlazi uthi ukungena kwakhe kulo mkhakha kakubanga lula.

Udalule ukuthi uqale ecula e-hip hop nabekhula nabo eMlazi.

“Angihlalan­ga isikhathi eside njengoba ngathi ngisahlale kancane ngabe ngiyongena emdansweni. Emdansweni bengidansa izinhlobo ezahlukene,” kuchaza uBU enanela ngokuthi ngenxa yobunzima bokungena kulo mkhakha, ugcine efuna umsebenzi kwelinye lamabhange amakhulu kuleli ngenhloso yokuzama ukuphila.

“Nakhona sengiseben­za ebhange uthando lwami lokungena kulo mkhakha kalushabal­alanga, bengiqhube­ka nokwenza izinhlolok­hono. Lapho bengiba nenhlanhla yokwenza izikhangis­o ezahlukene, ngithole nethuba lokulingis­a izindawo ezingathen­i emidlalwen­i eyahlukene,” kusho yena.

Uthe ugcine eshiya ukusebenza ebhange, waqoma ukuyoshaye­la izimoto eziqashwa ngebanga (Uber/ Cab).

“Ngesikhath­i sengiseben­za njengomsha­yeli, bengiba nenhlanhla yokuqashwa ngabanye babaculi abadumile, ngaleso sikhathi bese ngizinze eGoli lapho bengifuna ukwenza impilo ibelula ukuthi ngingene kulo mkhakha. Nakhona bengithi ngishayela, ngibe ngenza izingoma ze-hip hop ngizikhiph­a zitholakal­e kwiYoutube,” kusho yena.

Uthi ngumfowabo owafika nomqondo wokuthi angene kwiBig Brother, wakubona lokhu kuyindlela yokusheshe azakhele igama kulo mkhakha.

“Nebala ngangenela futhi kwangisebe­nzela ngoba abantu baqala ukungibona nezingoma zami engabe ngizikhiph­ile bazazi njengoba ezinye zazo bezike zizwakale kwiBig Brother,” esho.

Uthi nakuba enganqoban­ga kwiBig Brother kodwa kwamsiza ukuze aziwe.

“Ngathi ngiphuma khona ngaba nenhlanhla yokubizelw­a kwinhlolok­hono yomdlalo kamabonaku­de i-Ayepyep Stripped, ngayithola indawo kuwona. Akuphelang­a isikhathi esi-ngakanani ngathola enye indawo kwiRedempt­ion. Lapha bese ngiqala ukuthola izindawo ezinkulu futhi nabadidiye­li bemidlalo sebengazi,” kusho yena.

Uthi isikhangis­o semoto yohlobo lweSuzuki sibe nomthelela omkhulu empilweni yakhe.

Echaza ngokungena kwakhe kwi-Adulting yokuqala, uthi wayeqale ngokwenza inhlolokho­no yendawo kaBonga eli-ngiswa uThembinko­si Mthembu.

“Ngeshwa angiyithol­anga le ndawo, ngabe sengikhohl­wa yilo mdlalo. Kwathi ngokuhamba kwesikhath­i baphinde bangithint­a, bengazisa ngendawo kaVuyani. Nebala ngayenza inhlolokho­no kwabe sekuwukuth­ola kwami le ndawo,” kuchaza yena.

Uthi uzizwa ejabulile ukuba semdlalwen­i onedumela njenga lo.

“Angifuni ukuqamba amanga, kwangimang­aza indlela abantu abayamukel­a ngayo isizini yokuqala yalo mdlalo njengoba yaqopha umlando kwiShowmax,” esho.

Uthi impumelelo yesizini yokuqala imenze waba nengcindez­i ngesikhath­i sekuqoshwa isizini yesibili.

“Ingcindezi ebenginayo ebengizifa­ka kuyona ngoba angiyenzi into ingekho ingcindezi ngoba iyona eyenza ngihlale ngithukile futhi ngikhuphul­e namasokisi. Nakuwona lo mdlalo wesibili we-Adulting, bekuphoqa ukuthi ngenze okungaphez­ulu,” esho.

Uchaze lo mdlalo njengothin­ta ngqo impilo yabantu abasebasha, abasanda kungena emkhakheni wokusebenz­a.

“Into ekhonjiswa kulo mdlalo impilo yansuku zonke njengoba kwaziwa ukuthi ngezimpela­sonto le genge esanda kuqala ukusebenza, iyahlangan­a iphuze utshwala bese ifuna amantombaz­ane kwenziwe ucansi.

Okuhle ngalo mdlalo wukuthi nakuba iveza lokhu kodwa unaso isifundo abantu abangasith­ola,” kusho yena

Uthi kule sizini abantu basazobhem­a bakholwe, neziqephu zandisiwe futhi ziningi nezigameko ezishubile abasazozib­ona.

Uthe ngaphandle kokuba matasa nalo mdlalo, kusasa ngoLwesihl­anu uzokhipha ingoma yalo mdlalo eqanjwe ngesihloko esifanayo (Adulting).

“Umculo nokulingis­a kimina kuyahambis­ana, yingakho ekuqaleni kwalo nyaka ngikhiphe i-EP yami ngenhloso yokukhumbu­za abantu ukuthi ngisekhona emculweni,” kusho yena.

Uthe emculweni uzibiza ngoLudo

BU. Uqhube ngokuthi nakuba enamagama amabili elokucula nokulingis­a kodwa ngokuhamba kwesikhath­i uzogcina ezibiza ngegama elilodwa.

 ?? ?? NGUMLINGIS­I ophinde abe ngumculi uLuthando BU Mthembu okhuza ibuya kwisizini yesibili ye-Adulting.
NGUMLINGIS­I ophinde abe ngumculi uLuthando BU Mthembu okhuza ibuya kwisizini yesibili ye-Adulting.
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa