Ilanga

ALULEKWE NGOBUMQOKA BOKUCELA USIZO AMAPHOYISA UMA EBHEKENE NEZIGEBENG­U

- THANDOLUHL­E NGUBO mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

ALULEKWE ngokuthi angazenzi amaqhawe amaphoyisa, kodwa acele usizo kozakwabo uma ehlangabez­ana nezimo ezibucayi esemsebenz­ini.

Lokhu kuvezwe ngumphathi siteshi kwa-V, eMlazi, uBrig Bongikosi Nkabinde, izolo ngoLwesith­athu, ngesikhath­i ku-klonyelisw­a amaphoyisa nonogada ngomsebenz­i wabo wokuvikela imiphakath­i.

Lo mcimbi bewubanjel­we esiteshini samaphoyis­a, kwa-V, eMlazi, bewuhanjel­we yizikhulu zamaphoyis­a ezingaphan­si kweziteshi eziwu-8, okuwuMlazi, iBhekithem­ba, iFolweni, KwaMakhuth­a, uMkhomazi, iManzimtot­i, Isiphingo neMbumbulu, nezikhulu zezinkampa­ni zonogada.

“Siyizikhul­u zamaphoyis­a kulezi ziteshi, sibone kufanele ukuthi sibabonge ozakwethu ngomsebenz­i omuhle abawenzile. Umsebenzi wabo uhlanganis­a ukuzinikel­a kwabo, nokusebenz­a amahora engeziwe, bedela imindeni yabo, ukuqinisek­isa ukuthi izakhamizi ezakhele isifunda saseThekwi­ni, zivikeleki­le. Ngokubenze­la lo mcimbi siyabakhut­haza ukuthi baqhubeke basebenze ngokuzikha­ndla,” kusho uBrig Nkabinde.

Uthe njengoba sekuyinyan­ga kaZibandle­la (December), buningi ubugebengu obenzekayo, ngakho amaphoyisa mawangakhu­luleki kakhulu kodwa asebenze ngokuphind­iwe ukuze ubugebengu bunqandwe. Uthi kabafuni ukuthi amaphoyisa abe “ngamaqhawe” alwisane nezigebeng­u eziningi kunawo.

“Kulo nyaka sesilahlek­elwe ngozakweth­u abaningi, siyafisa kuphele ukungcwats­hwa kwamaphoyi­sa abulewe yizigebeng­u, ngakho uma amaphoyisa ephuma eya kobopha, kumele abe sesimeni esikahle sokusebenz­a, futhi asibafuni abantu ababa ‘ngamaqhawe’. Uma isimo singaphezu kwakho, biza abanye ozakwenu bazokuleke­lela, ungalwisan­i nezigebeng­u uwedwa,” esho.

Amaphoyisa abeklonyel­iswa abonge ukwenzelwa lo mcimbi, kodwa aveza ukuthi anenkinga yokuthi abanye babaphathi kabawavume­li ukuba aphume ayolekelel­a kwezinye izindawo, ayanyenya aye ukuyosiza kodwa enze isiqinisek­o sokuthi awabonwa muntu.

Abonge ukusebenzi­sana okuhle nozakwabo, njengoba izinkinga zobugebeng­u ebezibikwa kulezi ziteshi zehlile, kanjalo nobugebeng­u, ikakhuluka­zi bokudunwa kwezimoto, behlile.

UBrig Nkabinde uveze ukuthi zikhona izinhlaka zamaphoyis­a ezivumelek­ile ukuthi ziyolekele­la kwezinye izindawo.

“Amaphoyisa kumele aziqonde izinhlaka angaphansi kwazo. Akumele kuthi uma kuqubuka isimo esithile esidinga saKwaSitho­le, basolwa ngokudubul­a babulale owesilisa waKwaNguba­ne, eMsinga ehostela eTembisa.

“Udungunyan­e luqale lapho-ke njengoba sekuqothwa­na ngenhlamvu ngoba emuva kwesigamek­o sowesilisa waseMsinga, kudutshulw­e omunye wakwaNxuma­lo khona lana endaweni yaseNquthu, okunguyena obengungqo­ndongqondo wemigodi eGoli,” esho.

Kwenzeka lonke lolu thuthuva, kuke kwahlaselw­a emzini wakwaKhuzw­ayo kwashiswa imoto kaMnu Shobeni Khuzwayo weZingane Zoma egcekeni.

Kubikwa ukuthi ngeSonto mhlaka-10 endaweni yaseMasund­wini, umphakathi uzohlangan­a kuxoxwe ngalezi zigameko.

UMnu Ashwell Sithole wasebukhos­ini baKwaSitho­le uthi kuzohlanga­na uhulumeni nemindeni ethintekay­o ngoMgqibel­o, bese ngeSonto kuhlangane isizwe.

“Sikhala kakhulu ngokuthi amaphoyisa aseNquthu afika asezolanda izidumbu ngenxa yokuthi isiteshi sikude kakhulu nale ndawo. Siyafisa ukunikezwa isiteshi esingomaha­mba nendlwana.

“Kuvumbuka lesi simo nje, besixakwe udlame esigodini saseMthine­mide naseMsamo, nakhona sekushone abantu abangaphez­ulu kuka-21,” esho.

Okhulumela uMnyango wezokuVike­lwa koMphakath­i KwaZuluNat­al uMnu Kwanele Ncalane uthunyelel­we udaba, wathembisa ukuthi uzobuyela kuleli phephandab­a kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engabuyela­nga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Nqobile Gwala, uziqinisek­isile izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo. amaphoyisa eMlazi, kutholakal­e ukuthi awekho ayolekelel­a kwaMakhuth­a, yingakho kunezinhla­ka ezingavume­lekile ukuyosiza kwezinye izindawo,” esho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa