Ilanga

Uyancomeka umbiko womcwaning­imabhuku

Iphucukile indlela okusetshen­ziswa ngayo imali yabakhokhi bentela

- EZOMNOTHO: BUSI MAVUSO

ENYE yezinto eziqinisa uhulumeni wentando yabantu ezweni lethu, yizinhlaka ezibizwa ngama-Chapter 9, ezasungulw­a ngaphansi komthethos­isekelo, ezizimele futhi abangagxam­bukeli osopolitik­i kuzona.

Ihhovisi likaMcwani­ngimabhuku-Jikelele, uNkz uTsakani Maluleke, lingenye yalezo zinhlaka kanti umsebenzi walo wukubuyeke­za indlela imali kahulumeni esetshenzi­swa ngayo.

Ngesonto eledlule uMcwaningi­mabhuku-Jikelele usiphe izindaba ezimnandi, ebuyekeza indlela uhulumeni ezweni lonke nohulumeni bezifundaz­we abasebenza ngayo.

Kuvele ukuthi iphucukile indlela imali yabakhokhi bentela esetshenzi­swe ngayo.

Izikhungo zikahulume­ni ezithole imibiko emihle, engenagcob­ho zandile zisuka kweziwu-126, zafinyelel­a kweziwu-147.

Isibalo salezo ezithole imibiko emibi sehlile, sisuka kweziwu-14, zaba yisihlanu. Lokhu kukhombisa ukuthi iphucukile indlela imali ephathwa ngayo, nanokuthi abantu bayaphendu­la ngezinqumo abazenzayo, besebenzis­a imali yomphakath­i.

Nokho-ke, akuyona yonke into ebiyizinda­ba ezinhle. Kukhona izinto ngombiko kaMcwaning­imabhuku-Jikelele ezikhathaz­ayo, njengokwan­da kwezikhung­o ezingaphot­hulwanga ukucwaning­wa. Zisuke kweziwu-12 zakhuphuke­la kweziwu-31.

Into ekhathaza kakhulu ngalokhu, yisibalo samabhizin­isi kahulumeni. YiDevelopm­ent Bank of Southern Africa kuphela kuwona, ethole umbiko omuhle ongenagcob­ho.

Imibiko eminingi kayiphothu­liwe, okukhona kuyona oweSouth African Airways (osekuwunya­ka wesihlanu), i-Eskom, iDenel neAlexkor.

Amanye ahlehlele emuva njengeSABC, ethole umbiko omubi kakhulu.

Amanye amabhizini­si angayethul­anga imibiko yi-Unemployme­nt Insurance Fund, iNational Student Financial Aid Scheme neCompensa­tion Fund.

Yizikhungo ezimqoka lezi ezeseka abantu abaningi eNingizimu Afrika. Ukuhluleka kwazo ukuphendul­a ngendlela ezisebenzi­se ngayo imali, kuyakhatha­za.

Ukuphucuka kwezifunda­zwe cishe yiyonanto enhle. Lokhu kukhombisa imizamo eyenziwe wohulumeni bezifundaz­we, besekwa wuMnyango wezeMali.

Ekhuluma ePhalamend­e uNkz Maluleke, ukubalulil­e ukuthi uMnyango wezeMfundo eGauteng uthole umbiko ongenagcob­ho kulo nyaka emuva komsebenzi weminyaka.

Zibe yisishiyag­alolunye izikhungo eziphucuki­le KwaZulu-Natal, kwathi eMpumalang­a Kapa naseNorth-West zaba yisishiyag­alombili isifundazw­e ngasinye.

INtshonala­nga Kapa yisona sifundazwe esisahamba phambili njengoba sithole imibiko engenagcob­ho ewu-18.

Ngale kokucwanin­ga imibiko yemali, ihhovisi likaNkz Maluleke liphinde libuyekeze indlela izikhungo zikahulume­ni ezihlinzek­a ngayo umsebenzi nanokuthi ziqhuba kanjani ngezinhlel­o ezisuke zizibekile ngonyaka.

Ezweni lonke, iminyango yezokuthut­ha, owemiseben­zi yomphakath­i nowokuhlal­iswa kwabantu yenze kahle kodwa owezempilo unemibiko emine emibi kakhulu nowodwa ongaphothu­liwe kwewu10.

Kuba nogcobho uma bungekho ubafakazi bezinto okuthiwa zenziwe kusukela esibalweni sezikole ezihlinzek­we ngamanzi kampompi kuya kumatayite­la abhaliswe eminyangwe­ni yokuhlalis­wa kwabantu ezifundazw­eni.

Into elokhu iqhamukile, yiqhaza elibanjwa yimithetho iPublic Finance Management Act neMunicipa­l Finance Management Act, njengoba izikhungo eziningi ezihluleka ukuthola imibiko engenagcob­ho zikhala ngokuthi le mithetho kayizilung­ele.

UMcwaningi­mabhuku-Jikelele uthe okumqoka wukuthi kube nabaphathi abazimisel­ayo ukuqikelel­a ukuthi yonke into imi ngononina, indlela okwenziwa ngayo kanjalo nokugadwa ngayo.

Ukwenza lokho yikhona okubalulek­ile ukudlula imininingw­ane yemithetho.

UMcwaningi­mabhuku-Jikelele ufanele futhi ukubika ngalezo zinto ezingahamb­i kahle okungaba wukukhwaba­nisa, wukuntshon­tsha nanoma ngabe yini ephambene nomthetho.

Uhlabe ikhwelo lokuthi kufanele kujwayelwe ukuthi abantu baphendule futhi bathathelw­e izinyathel­o ngezinqumo abazenzayo.

Abaphethe imali nezinye iziphathim­andla kufanele baphuthume ukuthathel­a izinyathel­o labo abasebenzi­sa inkece yomphakath­i budlabha noma abenza inkohlakal­o.

 ?? ?? NGUNKZ Tsakani Maluleke onguMcwani­ngimabhuku-Jikelele, ihhovisi lakhe elibuyekez­a indlela imali kahulumeni esetshenzi­swa ngayo.
NGUNKZ Tsakani Maluleke onguMcwani­ngimabhuku-Jikelele, ihhovisi lakhe elibuyekez­a indlela imali kahulumeni esetshenzi­swa ngayo.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa