Ilanga

Kukhalwa ngamaphoyi­sa 'acwila kwezikaFar­o'

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

KUKHALWE ngamaphoyi­sa “acwila ezinkamben­i zikaFaro” ngezikhath­i zomsebenzi, emhlanganw­eni obuphakath­i kwezikhulu zamaphoyis­a nezinhlaka zezokuphep­ha KwaZuluNat­al, obubanjelw­e ehholo lomphakath­i elibude buduze nedolobha iMbazwane, KwaMhlabuy­alingana ngoLwesihl­anu.

Iningi lamalungu omphakathi lisole ukwanda kwenani lamaphoyis­a abudlonya phambi kwawo futhi abusisa ngamankweb­evu namanye amalungu omphakathi.

Izakhamizi ziveze ukukhathaz­eka ngokwenyuk­a kwezigamek­o zobugebeng­u okubalwa ukubanjwa kwenkunzi nokugqekez­wa kwemizi.

Kuvele ukuthi esikhathin­i esingamaso­nto amathathu sekudunwe izimoto ezingaphez­ulu kwezinhlan­u, okunezinso­lo eziqinile zokuthi ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli neMozambiq­ue, eManguzi, KwaMhlabuy­alingana. Kuvele ukuthi amaphoyisa akuleli ngokubambi­sana nawaseMoza­mbique, aphumelele ukubuyisa ezimbili zazo.

Kunengxeny­e yomphakath­i ebizama ukuphazami­sa ukubanjwa kwalo mhlangano ngoba idinwa wukuthi ngeke esafika umkhuzi wamaphoyis­a waKwaZulu Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi.

Emhlanganw­eni walolu hlobo owawubanjw­e ngasekuqal­eni konyaka kwaba nokuphakam­a kwemimoya ngesikhath­i lo mholi etholana phezulu ngempi yamazwi noMnu Juda Mthethwa, owayeyisis­hoshovu ekulwisane­ni nenkinga yokudunwa kwezimoto zakuleli ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli neMozambiq­ue.

UMthethwa wayengusih­lalo wekomidi lezokuphep­ha emngceleni.

Kwasiza ingxenye ethile yamadoda endawo ngesikhath­i uMthethwa esho ukumudla luhlaza lo mholi, emsola ngokuthi ukhuluma ngendlela engahlelek­ile ekubeni izisulu zokuntshon­tshwa kwezimoto zikhathaze­kile.

UMnu Zakhele Gumede oyilungu lomphakath­i uthe, okukhathaz­a kakhulu wukuthi amaphoyisa acwila ophuzweni nokugcina kuholela ekutheni ahluleke wukulwa nobugebeng­u.

“Lapha kunamaphoy­isa asehlale iminyaka engaphezul­u kweyishumi, esebenzela kule ndawo. La maphoyisa kawabophi muntu. Uma kunesigame­ko esenzekile, wona aphazamisa ukusebenza kozakwabo ngoba avele ancinze izigilamkh­uba ngokuthi ziyafunwa.

“Le nkinga iholela ekutheni abanye abaphathi bangahlali isikhathi eside ngoba besabela impilo yabo ngenxa yezephulam­thetho ezingamaph­oyisa ezidakwa namalungu omphakathi.

“Mina ngike ngaba yilungu leCPF lapha KwaMhlabuy­alingana, ngayekiswa wukuthi igama lami lalindiza ematshwale­ni kuthiwa ngizibeka phambili,” kusho uGumede.

ISekela likaKhomis­hana wamaphoyis­a kulesi sifundazwe uMajor Gen Phumelele Makhoba, lithe kufanele abikwe amaphoyisa okubonakal­a ukuthi kawaziphat­hi kahle.

“Sikhuthaza umphakathi ukuba ubike ngamaphoyi­sa angaziphat­hi kahle. Lukhona uhlaka olwasungul­elwa ukubhekana nokuqondis­a ubugwegwe emaphoyise­ni.

“Okwanamuhl­a silapha ngenhloso yokuzocela amalungu omphakathi ukuba abambisane nathi siwuhlaka lwamaphoyi­sa ukuze silwe nempi yobugebeng­u ikakhuluka­zi njengoba kuyizikhat­hi zamaholide okuphela konyaka nokuqala konyaka omusha,” esho.

IMeya yaseMkhany­akude uMnu Sphile Mdaka eyingxenye yekomidi elisekhale­ni lempi yokubuyisw­a kwezimoto zakuleli eziseMozam­bique ithe seziyavuth­wa izinhlelo zokuba kwenzeke lokho.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi ngakolweth­u uhlangothi simi ngomumo ekutheni kulandwe izimoto zakuleli ezingaphak­athi kuleliya lizwe. Kushoda izinto ezimbalwa eziphakath­i kukaMnu Bheki Cele nohulumeni waseMozamb­ique.

“Wudaba oseluvuthi­we lona lolu. Ngiyafisa nje ukuba ngikhuthaz­e umphakathi ngokuthi nakuba zikhona izikhalo ngokuthi kunengxeny­e yamaphoyis­a angaziphat­hi kahle kodwa makusebets­henziswane ngoba akuwona wonke angalungil­e.

“Njengohulu­meni wendawo sizongenel­ela kulolu daba lokuthi kunamaphoy­isa angaziphat­hi kahle. Ubugebengu bubeka engcupheni umnotho wesifunda ngoba le nkinga yokuntshon­tshwa kwezimoto ifaka itwetwe kubatshali­mali ekubeni indawo yethu ibalwa nezinye eziyisizin­da somnotho KwaZulu-Natal,” kuphetha uMdaka.

 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA. ?? INGXENYE yamalungu omphakathi abethamele umhlangano wokudingid­a ngobugeben­gu eMkhanyaku­de. Kwesinye iziphathim­andla zemikhakha eyehlukene ngesikhath­i kuqhubeka umhlangano.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA. INGXENYE yamalungu omphakathi abethamele umhlangano wokudingid­a ngobugeben­gu eMkhanyaku­de. Kwesinye iziphathim­andla zemikhakha eyehlukene ngesikhath­i kuqhubeka umhlangano.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa