Kukhalwa ngamaphoyisa 'acwila kwezikaFaro'
KUKHALWE ngamaphoyisa “acwila ezinkambeni zikaFaro” ngezikhathi zomsebenzi, emhlanganweni obuphakathi kwezikhulu zamaphoyisa nezinhlaka zezokuphepha KwaZuluNatal, obubanjelwe ehholo lomphakathi elibude buduze nedolobha iMbazwane, KwaMhlabuyalingana ngoLwesihlanu.
Iningi lamalungu omphakathi lisole ukwanda kwenani lamaphoyisa abudlonya phambi kwawo futhi abusisa ngamankwebevu namanye amalungu omphakathi.
Izakhamizi ziveze ukukhathazeka ngokwenyuka kwezigameko zobugebengu okubalwa ukubanjwa kwenkunzi nokugqekezwa kwemizi.
Kuvele ukuthi esikhathini esingamasonto amathathu sekudunwe izimoto ezingaphezulu kwezinhlanu, okunezinsolo eziqinile zokuthi ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli neMozambique, eManguzi, KwaMhlabuyalingana. Kuvele ukuthi amaphoyisa akuleli ngokubambisana nawaseMozambique, aphumelele ukubuyisa ezimbili zazo.
Kunengxenye yomphakathi ebizama ukuphazamisa ukubanjwa kwalo mhlangano ngoba idinwa wukuthi ngeke esafika umkhuzi wamaphoyisa waKwaZulu Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi.
Emhlanganweni walolu hlobo owawubanjwe ngasekuqaleni konyaka kwaba nokuphakama kwemimoya ngesikhathi lo mholi etholana phezulu ngempi yamazwi noMnu Juda Mthethwa, owayeyisishoshovu ekulwisaneni nenkinga yokudunwa kwezimoto zakuleli ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli neMozambique.
UMthethwa wayengusihlalo wekomidi lezokuphepha emngceleni.
Kwasiza ingxenye ethile yamadoda endawo ngesikhathi uMthethwa esho ukumudla luhlaza lo mholi, emsola ngokuthi ukhuluma ngendlela engahlelekile ekubeni izisulu zokuntshontshwa kwezimoto zikhathazekile.
UMnu Zakhele Gumede oyilungu lomphakathi uthe, okukhathaza kakhulu wukuthi amaphoyisa acwila ophuzweni nokugcina kuholela ekutheni ahluleke wukulwa nobugebengu.
“Lapha kunamaphoyisa asehlale iminyaka engaphezulu kweyishumi, esebenzela kule ndawo. La maphoyisa kawabophi muntu. Uma kunesigameko esenzekile, wona aphazamisa ukusebenza kozakwabo ngoba avele ancinze izigilamkhuba ngokuthi ziyafunwa.
“Le nkinga iholela ekutheni abanye abaphathi bangahlali isikhathi eside ngoba besabela impilo yabo ngenxa yezephulamthetho ezingamaphoyisa ezidakwa namalungu omphakathi.
“Mina ngike ngaba yilungu leCPF lapha KwaMhlabuyalingana, ngayekiswa wukuthi igama lami lalindiza ematshwaleni kuthiwa ngizibeka phambili,” kusho uGumede.
ISekela likaKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uMajor Gen Phumelele Makhoba, lithe kufanele abikwe amaphoyisa okubonakala ukuthi kawaziphathi kahle.
“Sikhuthaza umphakathi ukuba ubike ngamaphoyisa angaziphathi kahle. Lukhona uhlaka olwasungulelwa ukubhekana nokuqondisa ubugwegwe emaphoyiseni.
“Okwanamuhla silapha ngenhloso yokuzocela amalungu omphakathi ukuba abambisane nathi siwuhlaka lwamaphoyisa ukuze silwe nempi yobugebengu ikakhulukazi njengoba kuyizikhathi zamaholide okuphela konyaka nokuqala konyaka omusha,” esho.
IMeya yaseMkhanyakude uMnu Sphile Mdaka eyingxenye yekomidi elisekhaleni lempi yokubuyiswa kwezimoto zakuleli eziseMozambique ithe seziyavuthwa izinhlelo zokuba kwenzeke lokho.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ngakolwethu uhlangothi simi ngomumo ekutheni kulandwe izimoto zakuleli ezingaphakathi kuleliya lizwe. Kushoda izinto ezimbalwa eziphakathi kukaMnu Bheki Cele nohulumeni waseMozambique.
“Wudaba oseluvuthiwe lona lolu. Ngiyafisa nje ukuba ngikhuthaze umphakathi ngokuthi nakuba zikhona izikhalo ngokuthi kunengxenye yamaphoyisa angaziphathi kahle kodwa makusebetshenziswane ngoba akuwona wonke angalungile.
“Njengohulumeni wendawo sizongenelela kulolu daba lokuthi kunamaphoyisa angaziphathi kahle. Ubugebengu bubeka engcupheni umnotho wesifunda ngoba le nkinga yokuntshontshwa kwezimoto ifaka itwetwe kubatshalimali ekubeni indawo yethu ibalwa nezinye eziyisizinda somnotho KwaZulu-Natal,” kuphetha uMdaka.