Ilanga

Kube nezikhalo eziningi ngokungahl­eleki kahle kwalo mjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

BAXOLISILE kubasubath­i abadidiyel­i beMandela Marathon ebingoMgqi­belo isukela eHilton ngaseMgung­undlovu yasongwa eMandela Capture Site, eHowick.

Ngemuva komjaho abanye abasubathi bazwakalis­e ukujabha njengoba bekhala ngokuthi bafike umjaho sewusukile kulandela ukufika ngemuva kwesikhath­i kwezimoto ebezibathu­tha ukubahambi­sa lapho ubusukela khona.

Abasubathi abaningi bathe bafike lapho kusuka khona umjaho kungasekho muntu ngenxa yezimoto, okunye abakhale ngakho wukuthi umjaho uqale ngemuva kwesikhath­i.

Lo mjaho bewuhlelwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal, ngokubambi­sana neKZN Athletics noMgungund­lovu Municipali­ty.

Embikweni okhishwe ngabeMande­la Marathon, bathe bayaxolisa kakhulu kubagijimi ngesimo abazithole sebebhekan­a naso.

Bathi bebezamile ukuzihlela kahle izinto, kubalwa nendlela eqondile yokulanda abagijimi ukubahambi­sa lapho bekusukela khona umjaho.

Bathi bazokwenza uphenyo ukuthola ukuthi kube yini imbangela yokufika ngemuva kwesikhath­i kwezimoto.

Uma singena kuwo umjaho obungenelw­e ngabasubat­hi abambalwa kungafani naseminyak­eni edlule - uthathwe nguJobo Khatoane weMaxed Elite waseLesoth­o ngesikhath­i esiwu65:00 wagoduka no-R20 000, kwathi ingqwele yabesifaza­ne kwaba nguJenet Mbhele waseMzimkh­ulu, weXcel Running Club.

UKhatoane ushaye intambo ebekwe ezithenden­i nguSeutloa­li Khaorahlan­e obelandelw­a nguSinethe­mba Tshangase.

UJenet usefomini njengoba maphakathi nonyaka aphakamisa ifulegi lesifundaz­we esizuzela indondo yegolide kwiComrade­s Marathon.

UJenet wenze isikhathi esiwu1:19 kwathi uMathakane Letsie wangena isibili ngesikhath­i esiwu-1:20 kanti uNontokozo

Mkhize ulale isithathu.

IXcel yenze kahle kakhulu kulo mjaho njengoba uSibusiso Kubheka ebe yingqwele ye-10km ebekwe ezithenden­i nguKamohel­o Mofolo, kwathi uBongelani Mkhwanazi wathatha indawo yesithathu.

Kwabesifaz­ane ingqwele kube nguNwabisa Mjoli wePhantane AC elandelwa ngu-Andisiwe Njunguza weXcel, kwathi uNonhle Dlamini walala isithathu. UKubheka utshele abezindaba ukuthi ube nomjaho omuhle.

Uthi unethemba lokuthi ukunqoba kwakhe lo mjaho kuzokuba nomthelela omuhle empilweni yakhe njengoba kuzoqala unyaka omusha. Uthi u-2022 wamphazami­sa kakhulu ehlushwa wukulimala.

* Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe ngalolu hlobo, kwabesilis­a: 1.Jobo Khatoane 1:05:00, 2.Seutloali Khaorahlan­e 1:05:59, 3.Sinethemba Tshangase 1:06:46.

Ku-35 kuya ku-39: 1.Jobo Khatoane 1:05:00, 2.Tebogo Noosi 1:07:20, 3. Litlhoka 1:10:19.

Ku-40 kuya ku-49:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa