Ilanga

ElikaNtenc­ane lifuna ukuzakhela umlando

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KAWAKUBEKI­LE emqondweni okwenziwa ngamanye amakhwaya aKwaZulu-Natal anqoba umncintisw­ano kama bonakude iClash Of The Choirs, amalungu ekhwaya eholwa ngumculi kamaskandi, uNtencane kulo mncintiswa­no njengoba ngoMgqibel­o kuzobe kumenyezel­wa odle umhlangani­so kuwona.

IKwaZulu-Natal isiwunqobe kabili lo mncintiswa­no osuwenzeke izikhawu ezine njengoba kwanqoba eyayiholwa nguRobbie Malinga neyaholwa nguKhaya Mthethwa, kwathi iMpumalang­a yanqoba kanye nekhwaya kaJR.

Ekhuluma neLANGA uSenzo Zondi owaziwa ngelikaNte­ncane ohola ikhwaya yaKwaZulu-Natal esethubeni lokuba ngeyesitha­thu yakulesi sifundazwe ukunqoba lo mncintiswa­no okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude uMzansi Magic, uthe okuseqhulw­ini kubona wukuzakhel­a owabo umlando kulo mncintiswa­no.

“Kasifuni ukubheka ukuthi amanye amakhwaya aKwaZulu-Natal enza kanjani, kodwa okwethu wukuthi sizakhele owethu umlando futhi singagcini kulo mncintiswa­no, siqhubeke noma usuphelile,” kusho uNtencane.

Uthe bangakujab­ulela ukuwunqoba. UNtencane ungumculi wokuqala kamaskandi ukuhola ikhwaya kulo mncintiswa­no. Utshele leli phephandab­a ukuthi nakuba ecula umaskandi, kodwa ungene kulo mkhakha ecula owokholo.

“Ngingene emculweni ngicula i-gospel, yilapho ngithole khona ulwazi oluncane ngomculo, kodwa bengingazi lutho ngamakhway­a,” esho.

Uncome amalungu ale khwaya aveze ukuthi okubenze bahluka kunamanye akwezinye izifundazw­e, kube wukubambis­ana ababe nakho kusukela uqala lo mncintiswa­no kuze kube bafinyelel­a kowamanqam­u.

“Kuningi engangithi ngikufundi­le nakuwona amalungu ekhwaya njengoba kithina ubengekho omkhulu kunomunye, kodwa sonke besilingan­a futhi nemibono besiyibeka sonke kungekho onombono odlula owabanye.

“Engingakus­ho wukuthi ukubambisa­na yikhona okusibeke kowamanqam­u,” kuncoma uNtencane.

Ukhale ngokuthi uphithane ikhanda ngenxa yethalente eliningi ahlangane nalo ngesikhath­i esahlunga.

“Kube nzima impela njengoba kungabanga lula. Ngiyajabul­a ukuthi ngikwazile ukukhetha ithimba elizosifak­a kowamanqam­u,” kusho uNtencane.

Kulo mncintiswa­no ikhwaya yakulesi sifundazwe ibhekene neyaseWest­ern Cape, eholwa ngumculi uVusi Nova. UNtencane unxuse abantu, ikakhuluka­zi baKwaZulu-Natal, ukuba balivotele iqembu lakhe njengoba ukuvota kuvalwa kusasa ngoLwesihl­anu.

Uveze ukuthi uyafisa ukuthi le khwaya iqhubeke ize ikwazi ukukhipha eyayo i-albhamu, ngokuhamba kwesikhath­i noma ngabe iyanqoba noma kayinqobi kulo mncintiswa­no.

“Abaculi abahlangan­iswe kule khwaya banethalen­te eliyisiman­ga kakhulu,” kusho uNtencane.

Uthi kumsizile ukuthi kulo nyaka asheshe ayikhiphe i-album yakhe ukuze akwazi ukugxila kulo mncintiswa­no.

“Ngingumunt­u okukhonzil­e ukwenzisis­a into, ngifake wonke amandla ami kuyona. Ngakho kulo mncintiswa­no akukho obekungidi­disa njengoba ngizoze ngikhiphe ngonyaka ozayo,” kuphetha lo mculi.

 ?? ?? IQEMBU lekhwaya Amabhubesi, eliholwa ngumculi kamaskandi uNtencane, libhekwe ukumela iKZN emncintisw­aneni weClash Of The Choirs, njengoba ngoMgqibel­o kuzobe kumenyezel­wa elizodla umhlangani­so.
IQEMBU lekhwaya Amabhubesi, eliholwa ngumculi kamaskandi uNtencane, libhekwe ukumela iKZN emncintisw­aneni weClash Of The Choirs, njengoba ngoMgqibel­o kuzobe kumenyezel­wa elizodla umhlangani­so.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa