ElikaNtencane lifuna ukuzakhela umlando
KAWAKUBEKILE emqondweni okwenziwa ngamanye amakhwaya aKwaZulu-Natal anqoba umncintiswano kama bonakude iClash Of The Choirs, amalungu ekhwaya eholwa ngumculi kamaskandi, uNtencane kulo mncintiswano njengoba ngoMgqibelo kuzobe kumenyezelwa odle umhlanganiso kuwona.
IKwaZulu-Natal isiwunqobe kabili lo mncintiswano osuwenzeke izikhawu ezine njengoba kwanqoba eyayiholwa nguRobbie Malinga neyaholwa nguKhaya Mthethwa, kwathi iMpumalanga yanqoba kanye nekhwaya kaJR.
Ekhuluma neLANGA uSenzo Zondi owaziwa ngelikaNtencane ohola ikhwaya yaKwaZulu-Natal esethubeni lokuba ngeyesithathu yakulesi sifundazwe ukunqoba lo mncintiswano okhonjiswa esiteshini sikamabonakude uMzansi Magic, uthe okuseqhulwini kubona wukuzakhela owabo umlando kulo mncintiswano.
“Kasifuni ukubheka ukuthi amanye amakhwaya aKwaZulu-Natal enza kanjani, kodwa okwethu wukuthi sizakhele owethu umlando futhi singagcini kulo mncintiswano, siqhubeke noma usuphelile,” kusho uNtencane.
Uthe bangakujabulela ukuwunqoba. UNtencane ungumculi wokuqala kamaskandi ukuhola ikhwaya kulo mncintiswano. Utshele leli phephandaba ukuthi nakuba ecula umaskandi, kodwa ungene kulo mkhakha ecula owokholo.
“Ngingene emculweni ngicula i-gospel, yilapho ngithole khona ulwazi oluncane ngomculo, kodwa bengingazi lutho ngamakhwaya,” esho.
Uncome amalungu ale khwaya aveze ukuthi okubenze bahluka kunamanye akwezinye izifundazwe, kube wukubambisana ababe nakho kusukela uqala lo mncintiswano kuze kube bafinyelela kowamanqamu.
“Kuningi engangithi ngikufundile nakuwona amalungu ekhwaya njengoba kithina ubengekho omkhulu kunomunye, kodwa sonke besilingana futhi nemibono besiyibeka sonke kungekho onombono odlula owabanye.
“Engingakusho wukuthi ukubambisana yikhona okusibeke kowamanqamu,” kuncoma uNtencane.
Ukhale ngokuthi uphithane ikhanda ngenxa yethalente eliningi ahlangane nalo ngesikhathi esahlunga.
“Kube nzima impela njengoba kungabanga lula. Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukukhetha ithimba elizosifaka kowamanqamu,” kusho uNtencane.
Kulo mncintiswano ikhwaya yakulesi sifundazwe ibhekene neyaseWestern Cape, eholwa ngumculi uVusi Nova. UNtencane unxuse abantu, ikakhulukazi baKwaZulu-Natal, ukuba balivotele iqembu lakhe njengoba ukuvota kuvalwa kusasa ngoLwesihlanu.
Uveze ukuthi uyafisa ukuthi le khwaya iqhubeke ize ikwazi ukukhipha eyayo i-albhamu, ngokuhamba kwesikhathi noma ngabe iyanqoba noma kayinqobi kulo mncintiswano.
“Abaculi abahlanganiswe kule khwaya banethalente eliyisimanga kakhulu,” kusho uNtencane.
Uthi kumsizile ukuthi kulo nyaka asheshe ayikhiphe i-album yakhe ukuze akwazi ukugxila kulo mncintiswano.
“Ngingumuntu okukhonzile ukwenzisisa into, ngifake wonke amandla ami kuyona. Ngakho kulo mncintiswano akukho obekungididisa njengoba ngizoze ngikhiphe ngonyaka ozayo,” kuphetha lo mculi.