Ilanga

BANYELWE YINYONI ESANDLENI

- MZWAMANDLA ZONDI

BANYELWE yinyoni esandleni abadlali beNetball abebeyingx­enye yemidlalo yamaSalga Games, ebingempel­asonto eKing Cetshwayo District Municipali­ty, eRichards Bay njengoba bethole ithuba lokufakwa emaqenjini esifundazw­e azokuba yingxenye yeMpumakap­a Tournament eqala kusasa ngoLwesihl­anu isongwe ngeSonto e-Eastern Cape.

Imidlalo yamaSalga iba minyaka yonke idlalwa ngomasipal­a besifundaz­we. Eyanonyaka icishe yabhuntsha kulandela ukuhoxa koMnyango wezeMidlal­o ngosuku lokugcina. Sekuwumlan­do manje ukuthi le midlalo igcine itakulwe ngabakwa-Aquelle, iCebolethu, Amathole Funeral neThala Bank.

Ukuba khona kwalaba baxhasi kuqiniseki­swe nguSihlalo wamaSalga, uThami Ntuli oyiMeya yaseKing Cetshwayo. Kulo mqhudelwan­o bekugaduli­swana emidlalwen­i ewu-13 eyahlukene, abekhona cishe wonke ama-federation.

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball, uGugu Ngema uwuncome kakhulu lo mqhudelwan­o.

“Lo mqhudelwan­o ubaluleke kakhulu kubadlali besifundaz­we. Thina usisiza ekutholeni abadlali abasha njengoba abanye kuyenzeka bahambe uma kuphela unyaka, baye kwezinye izifundazw­e. Siye siphoqelek­e ukufuna abasha abazovala izikhala.

“Kumanje kunabadlal­i esibaqokil­e kumaSalga abazokuba yingxenye yomncintis­wano esizokuba nawo ngempelaso­nto e-Eastern Cape lapho simenywe khona. Siqoke abadlali abazodlala emaqenjini ethu amabili, okuyiKingd­om Stars neKingdom Queens. Laba badlali sizoqala ukubabona ngempelaso­nto e-Eastern Cape,” kusho uGugu.

Emqhudelwa­neni wamaSalga wanonyaka bekukhona omasipala abawu-8.

Izingqwele kube yiTheku lilandelwa wuMzinyath­i, isithathu kwaba yiKing Cetshwayo. ITheku bese linqoba lo mqhudelwan­o okwesithup­ha kulandelan­a. Ngesikhath­i kuvalwa uNtuli umemezele ukuthi ufisa ukuba imidlalo elandelayo ibanjelwe eThekwini.

Abadlali beNetball abaqokiwe abazokuba yingxenye yeKingdom Stars nguNelisiw­e Msweli (King Cetshwayo), ngu-Asanda Myeni (Mkhanyakud­e), nguNokwazi Manyukuza (uMkhanyaku­de), nguJordan Buys (eThekwini), nguTho-bekile Mjaja (eThekwini), nguPercy

Nxumalo (eThekwini), nguMbali Chonco (King Cetshwayo), nguPhilile Bokwe (eThekwini), nguSphiwe Sibisi, nguLunwabo Khumalo (Zululand), ngu-Ayanda Jiyane noSenamile Mthembu.

* EleKingdom Queens nguKhethok­uhle Mdletshe (Zululand), nguNokwand­a Zulu (King Cetshwayo), nguNokuthu­la Nxele (uMgungundl­ovu), nguTannah de Freitas (eThekwini), nguTyra Scott (eThekwini), nguNompume­lelo Khumalo (King Cetshwayo), ngu-Asanda Ndaba (King Cetshwayo), nguSilindi­le Sithole (uMkhanyaku­de), nguMakhosi Mncube (uMkhanyaku­de), nguNtomben­hle Shongwe (Zululand), nguNontoko­zo Sibiya (King Cetshwayo) noBongekil­e Sibiya (Zululand).

 ?? ?? ITHEKU likhombisa ngezindond­o zalo elizihlomu­le emdlalweni wamaSalga Games ebingempel­asonto eKing Cetshwayo.
ITHEKU likhombisa ngezindond­o zalo elizihlomu­le emdlalweni wamaSalga Games ebingempel­asonto eKing Cetshwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa