Ilanga

Baphithene amakhanda ngo-R250 000 wesitokofe­la

Balibulele ngenduku ilungu 'okulahleke' kulona imali yokuthenga igilosa

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

APHITHENE amakhanda amalungu esitokofel­a eMadakanen­i, eMdletshen­i, eHluhluwe, ngokulahle­ka kuka-R250 000 wesitokofe­la ngemizuzu yokugcina, sekufanele kuthengwe ukudla ngoLwesibi­li.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa obephatha imali uyibambise umakhelwan­e, naye oyilungu lesitokofe­la ngoba bekuzokuba nomcimbi kwakhe, ethi wesaba ukuthi izolahleka.

Kubikwa ukuthi umakhelwan­e ushaywe ngamalungu esitokofel­a waze walandwa ngamaphoyi­sa, engasho ukuthi ilahleke kanjani imali kwakhe.

Umthombo waleli phephandab­a uthi isimo simuncu kumalungu alesi sitokofela njengoba engazi ukuthi imindeni yawo izodlani ngoKhisimu­si.

“Abantu badinda isililo ngalesi simo, nasekhaya singabanye abebelinde­le igilosa,” kusho umthombo.

Unobhala wesitokofe­la, uNkz Sanele Vilane, uthi lesi sigameko, sihlukumez­eke imindeni ewu-44 engamalung­u esitokofel­a.

Utshele leli phephandab­a ukuthi okulahleke kuyena imali, uyilungu elidala esitokofel­eni, futhi kakukaze kwenzeke lokhu phambilini.

Uthi lesi sitokofela sineminyak­a eyisikhomb­isa saba khona.

“Namanje ngisashaqe­kile, kangikaze ngicabange ukuthi singehlelw­a yinto enjena.

“Ngibizwe nguyena (umakhelwan­e) ngoMsombul­uko ebusuku, wangitshel­a ukuthi imali ubeyithuku­se kuwodiloph­u, akasayibon­i ishonephi, kodwa usola ukuthi kukhona ongene ngewindi ngoba ufike livuliwe,” kusho uNkz Vilane.

Uthi ilungu ngalinye belikhokha u-R300 njalo ngenyanga, kanti belizothol­a ukudla kwemali elinganise­lwa ku-R3600, nohlelo lwenyama eceleni.

Uthi le mali ilahleka nje, ibingakaqo­qwa yonke.

“Amalungu ebesidlala nawo adinwe kakhulu azithathel­a umthetho ngesandla, okuthe uma kubhekwa imiyalezo engena kumakhalek­hukhwini wakhe, kwavela ukuthi ungumuntu obhejayo kwaHollywo­odbets.

“Kodwa-ke kangiboni ukuthi ubengabhej­a ngale mali yonke. Kusobala ukuthi kukhona isandla sesibili kulesi sigameko.”

Imizamo yokuthola umsolwa kayiphumel­elanga njengoba engasabonw­a emphakathi­ni, ngenxa yalesi simo.

Kuthiwa ulanyulelw­e ngamaphoyi­sa olakeni lwamalungu esitokofel­a.

Mayelana nalesi sigameko, okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe akekho umuntu obesavule icala lokwebiwa kwemali.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa