Baphithene amakhanda ngo-R250 000 wesitokofela
Balibulele ngenduku ilungu 'okulahleke' kulona imali yokuthenga igilosa
APHITHENE amakhanda amalungu esitokofela eMadakaneni, eMdletsheni, eHluhluwe, ngokulahleka kuka-R250 000 wesitokofela ngemizuzu yokugcina, sekufanele kuthengwe ukudla ngoLwesibili.
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa obephatha imali uyibambise umakhelwane, naye oyilungu lesitokofela ngoba bekuzokuba nomcimbi kwakhe, ethi wesaba ukuthi izolahleka.
Kubikwa ukuthi umakhelwane ushaywe ngamalungu esitokofela waze walandwa ngamaphoyisa, engasho ukuthi ilahleke kanjani imali kwakhe.
Umthombo waleli phephandaba uthi isimo simuncu kumalungu alesi sitokofela njengoba engazi ukuthi imindeni yawo izodlani ngoKhisimusi.
“Abantu badinda isililo ngalesi simo, nasekhaya singabanye abebelindele igilosa,” kusho umthombo.
Unobhala wesitokofela, uNkz Sanele Vilane, uthi lesi sigameko, sihlukumezeke imindeni ewu-44 engamalungu esitokofela.
Utshele leli phephandaba ukuthi okulahleke kuyena imali, uyilungu elidala esitokofeleni, futhi kakukaze kwenzeke lokhu phambilini.
Uthi lesi sitokofela sineminyaka eyisikhombisa saba khona.
“Namanje ngisashaqekile, kangikaze ngicabange ukuthi singehlelwa yinto enjena.
“Ngibizwe nguyena (umakhelwane) ngoMsombuluko ebusuku, wangitshela ukuthi imali ubeyithukuse kuwodilophu, akasayiboni ishonephi, kodwa usola ukuthi kukhona ongene ngewindi ngoba ufike livuliwe,” kusho uNkz Vilane.
Uthi ilungu ngalinye belikhokha u-R300 njalo ngenyanga, kanti belizothola ukudla kwemali elinganiselwa ku-R3600, nohlelo lwenyama eceleni.
Uthi le mali ilahleka nje, ibingakaqoqwa yonke.
“Amalungu ebesidlala nawo adinwe kakhulu azithathela umthetho ngesandla, okuthe uma kubhekwa imiyalezo engena kumakhalekhukhwini wakhe, kwavela ukuthi ungumuntu obhejayo kwaHollywoodbets.
“Kodwa-ke kangiboni ukuthi ubengabheja ngale mali yonke. Kusobala ukuthi kukhona isandla sesibili kulesi sigameko.”
Imizamo yokuthola umsolwa kayiphumelelanga njengoba engasabonwa emphakathini, ngenxa yalesi simo.
Kuthiwa ulanyulelwe ngamaphoyisa olakeni lwamalungu esitokofela.
Mayelana nalesi sigameko, okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe akekho umuntu obesavule icala lokwebiwa kwemali.