Ilanga

KUKHALWA NGEPHUTHA KUMASIPALA WETHEKU NGEMALI YEMFUCUZA

- INTATHELI YELANGA

SEKUQUBUKE izikhalo ngendlela uMasipala weTheku ophambuka ngayo ngemali yokuqoqwa kwemfucuza kwabahlala ngaphansi kwawo.

Iqembu eliphikisa­yo kulo masipala iDemocrati­c Alliance (DA) liveze ukuthi lo masipala uthumelela izakhamizi izincwadi ezingashay­i khona uma kuyiwa emalini okumele ikhokhwe ngabahlala kuleli dolobha. I-DA iveze ukuthi inkinga ekhona isukela kudala ngesikhath­i lo masipala wenza izinguquko ohlelweni lwawo lokuqoqwa kwemali.

Ithe lo masipala usuthathe isikhathi ukulungisa le nkinga esaqhubeka nokuhlukum­eza izakhamizi njengoba abanye begcina bengena ezikweleti­ni ngenxa yezizumbul­u umasipala ozifunayo ngokuqoqwa kwemfucuza.

Ikhale ngokuthi phezu kwezinking­a zemali izakhamizi ezibhekane nazo kulo nyaka, lo masipala usaqhubeka nokuthela usawoti esilondeni ngokuthume­la izincwadi eziphoqa ukuba zikhokhe izizumbulu zemali.

Ithi okukhathaz­a kakhulu ngalokhu wukuthi iphutha kalikho ezakhamizi­ni kodwa ladaleka ngesikhath­i lo masipala wenza izinguquko.

Iphinde yakhala nangomthet­ho walo masipala ophoqa izakhamizi ukukhokha kuqala bese ukhononda ngemuva kwalokho. Lithe lo mthetho ucindezela izakhamizi.

UNkk Yogis Govender oyilungu laleli qembu kulo masipala, uthe kuyishwa ukuthi amaphutha enzeka ngaphakath­i kumasipala adala umthwalo ezakhamizi­ni njengoba sekumele kube yizona ezikhokha imali kungafanel­e.

Unxuse bonke abathole izincwadi ezinemali engafanele ukuba bathumele izikhalo zabo ngokungena kwiwebsite yalo masipala ukuze izinkinga zabo zixazulule­ke.

Okhulumela uMasipala weTheku uNkz Gugu Sisilana uthunyelel­we imibuzo mayelana nalolu daba kodwa kwashaya isikhathi sokuloba engakaphen­duli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa