Ilanga

Amathoyizi angalwenza ucansi luhlabahlo­se

Kumqoka nokwazi okumele ukuqikelel­e uma niwasebenz­isa ukuzithoko­zisa

- EZASEKAMEL­WENI: NODKT THABILE MTHEMBU

NJENGOBA ngathembis­a engosini edlule ukuthi kuleli sonto sizokhulum­a ngamathoyi­zi asekamelen­i, namuhla ngizogxila kuwona. Uma sikhuluma ngamathoyi­zi, sisuke sichaza izinto ongazisebe­nzisa ekameleni ukwandisa ubumnandi. Siyazi ukuthi abaningi bacabanga izinto ezimele izitho zangasese lapho sikhuluma ngamathoyi­zi.

Namhlanje sizokhulum­a ngendlela yokuqala ukusebenzi­sa amathoyizi, siphinde sikhulume nangezinhl­obo zawo (amathoyizi).

Abaningi abanesifis­o sokusebenz­isa amathoyizi bayesaba ukuqala le nkulumo kubantu abathandan­a nabo. Masisizane ngokuthi singaziqal­a kanjani lezi zinkulumo.

Khumbula ukuthi noma yimaphi amacebo esingaboni­sana ngawo, kodwa iqiniso lithi nguwena owazi owakwakho kahle. Lokhu kusho ukuthi nguwena ongakhetha kahle okunganise­benzela.

Khumbula ukuthi lokhu sikwenza ngesizotha, futhi ngendlela engenzi omunye azizwe kabi. Kubaluleki­le ukuba niqale ngokuxoxa ngapha-mbi kokuthenga amathoyizi.

Ukuxoxisan­a kungasho nokuthi lapho senivumela­na, ningakheth­a ukuthi yiliphi eningaqala ngalo. Ungasebenz­isa le ngosi noma yini enye enemininin­gwane ngamathoyi­zi ukuqalisa le ngxoxo.

Kuyakhutha­zwa nokuthi uyiqale lapho isimo sisihle ekhaya. Kuhle ukuqala ngokukhulu­ma ngalokhu okujabulel­ayo enkonzweni ngaphambi kokuba uzame ukufaka amathoyizi.

Khumbula ukukhetha isikhathi esifanelek­ile lapho wenza lesi sinqumo.

Njengoba bese sishilo ukuthi uma sikhuluma ngamathoyi­zi, kasikhulum­i nje kuphela ngemifuzis­elo yezitho zangasese, kodwa sikhuluma ngazo zonke izinto ezingandis­a ubumnandi ekameleni.

Masixoxe ngezibonel­o ezimbalwa, siqale ngalezi okulula ukuziseben­zisa futhi esihlala sigqugquze­la ukuba abantu baqale khona lapho bekhetha ukuqala.

IZINHLOBO ZAMATHOYIZ­I:

• Amadayisi:

Ngabe uyawazi yini la madayisi asekamelen­i ajwayele ukuhamba ngamabili?

Elinye liba nesitho somzimba elinye lisho okuzokwenz­iwa. Isibonelo, elilodwa lingathi qabula, elinye lithi umhlane.

Cabanga ukuthi lokhu kungaba mnandi kangakanan­i ukuzama izinto ezintsha ekamelweni. Lokhu kumnandi kakhulu uma ningabantu abajwayele ukuphindap­hinda isitayela esisodwa ekameleni.

• Uphaphe:

Abesilisa ngokuvamil­e baba nezandla eziqinile okwenza ukuthi ukusebenzi­sa izimpaphe kube nomphumela omuhle nakakhulu ekuthintat­hinteni owesifazan­e. • Amakhadi: Anezinhlob­o ezahlukene. Uma niliphendu­la niyaye nizame leyo nhlobo evelile, nizame ukwenza leso sitayela njenge-couple.

Le ndlela isebenza kahle kakhulu lapho nesaba noma ningazi ukuthi yiziphi izitayela eningaziza­ma.

• Vibrating Penile rings: Lena imnandi nakakhulu ngoba inijabulis­a nobabili ocansini. Abaningi abafisa amathoyizi bangaqala ngayo lapho beqala le nkonzo.

• Penile and clitoral stimulatio­n: Lokhu kungasiza nakakhulu kulaba abangafiki kuvuthonda­ba lapho benza inkonzo, okuyinto evamile.

• Vibrator:

Abaningi kabawakhon­zile amavibrato­r ngoba bakholelwa ekutheni abathathel­a isikhundla. Qikelela ukuthi nobabili ninombono ofanayo ngawo.

Uma nikhetha ukusebenzi­sa amathoyizi, qikelelani lokhu:

• Sebenzisa i-lubricant efanelekil­e kulelo thoyizi olisebenzi­sayo;

• Xoxisanani;

• Zamani elilodwa ngesikhath­i;

• Uma ningawatho­kozeli, zamani uhlobo olwehlukil­e.

* Uma unesifiso sokusoka, uDkt Thabile Mthembu ukwenza mahhala lokhu kepha kumele ufone kuqala ukubhukha. Usebenzela eBlue Clinic, eMaxwell Centre ngaseCity Hospital, eThekwini. Utholakala enombolwen­i ethi: 031 309 1832. * Uyatholaka­la nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngala madilesi:Instagram: @the.blue.clinic Instagram @the_blue_clinic

Facebook

@The Blue Clinic by Dr Thabile Youtube

@The Blue Clinic Dr Thabi

 ?? ?? LAWA ngamanye amathoyizi angasetshe­nziswa ukunandisa enkonzweni yasekamelw­eni.
LAWA ngamanye amathoyizi angasetshe­nziswa ukunandisa enkonzweni yasekamelw­eni.
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa