Ilanga

Yiba yisivakash­i esisebenzi­sa umqondo nesithokoz­elekayo ngalesi sikhathi

- SIGUDLA NOGALAKAJA­NA: ABDUL MILAZI

kwalokho usuzoqala ukuba yisinengis­o.

Kumele uhambe kusemnandi, nawe ungaze ukhululeke kakhulu sengathi usukwakho.

Kuke kube yinkinga kakhulu uma isivakashi sakho sifike nabantwana abangaqoqe­kile kahle, begijima indlu yonke, bedlala kube kuhlezi abantu abadala bexoxa.

Uthole zizingenel­a nasesiqand­isini, ziqede wena shizi, amayogathi nonemenayi­thi, abazali bazo bathule nje, futhi bangenzi minyakazo yokuthenga igilosa. Ngake ngaba nezivakash­i ezinjalo. Kwathi lapho isiqandisi sesome okogwadule, ngezwa lona wesifazane esethi izingane seziswela ezizokudla. Ngathula sengathi angimzwang­a. Kwedlula usuku elokhu ebelesele kodwa engayi esitolo. Umyeni wakhe waze wazidela, weza kimi, esho sona leso. Ngamtshela ukuthi lokho kakuyona inkinga yami kodwa ngeyabo njengabaza­li balezi zingane.

Notshwala bami babushaya bavala ; ngehlahla kubona, kwathi uma kuvukwa, abantu bakhala ngebhabhal­azi sengathi kabazi ukuthi utshwala butholakal­a kuphi.

Abantu abamenywe nguwe yibo ongabatend­a, ubathengel­e konke ngoba phela nguwe obasukele bezihlalel­e.

Laba abakutshel­a sebekhulum­e baqeda bebodwa kufanele balungise nemadlana yokusiza lapho ushoda khona ngoba ubungazilu­ngiselelan­ga ukuba nezivakash­i ngokwemali.

Kule sikhathi sanamuhla siphila ngebhajeth­i, akekho umuntu onesihlahl­a semali.

Uzokwemuke­la izivakashi ngoDisemba bese zikushiya ungenakudl­a inyanga yonke kaJanuwari, usudla amanzi okwenkalan­kala.

Kwakungcon­o kusenamasi­mu futhi esalinywa ngoba phela kwakuvunwa lokho okuvuthiwe, bese kudliwa. Namuhla yonke into iyathengwa kanti nemali kayibonwa.

Mina ngakhetha ukwakha indlu yesibili enekhishi, amagumbi amabili okulala, indlu yangasese neyokugeze­la negumbi lokuphola.

Yiyo-ke eyezivakas­hi, ukuze zingangihl­uphi ngalutho.

Kakukhatha­lekile ukuthi ngiyakuzal­a noma uyisihlobo, fika negilosa yakho elingene lesi sikhathi ozosihlala, noncamnce bezingane zakho.

Kuleyo ndlu unesiqandi­si sakho nesitofu sokupheka, sihlangana egcekeni uma sesivukile sonke, sikhethe-ke ukuthi sosa inyama siphuze noma siyapheka.

Okosiwayo ngingakuth­enga kodwa utshwala umuntu uzithengel­a akuphuzayo. Siphila njengomakh­elwane. Singameman­a uzodla isidlo sasebusuku noma sasemini, kodwa umuntu uyazipheke­la.

Ngaleyo ndlela akekho ohlupha omunye futhi nezindlu esikuzo siyazihlan­zela zona.

Uma uyithole ihlanzekil­e lena yezivakash­i, bese uyishiya ingcolile, usuke ucabanga ukuthi izozihlanz­a yona yini?

Uma uhamba usuphuthum­a, ushiya imali yokukhokhe­la umuntu ozoqashwa ayihlanze.

Uma uhlezi ehhotela bayakuhlan­zela igumbi lakho ngoba uyakhokha, kodwa lapha kimi uhlala mahhala, kawukhokhi ngisho isenti lodwa leli.

Ngosuku ohamba ngalo ngiyaya ukuyobona ukuthi indlu ihlanzekil­e yini ngaphambi kokuba ngikuvulel­e isango uhambe.

Laba abahluphay­o uma bevakashil­e, bekuvusa usalele bebuza ukuthi usalele yini, kangisabav­umeli bavakashe.

Uma ngifuna ukuvuka ngothwalof­u ngizovuka ngawo, sibonane egcekeni.

Uma wena ungumuntu ovuka ekuseni kakhulu, phuma uyobuka indawo noma uzulazule egcekeni, kodwa ungangivus­i.

Abanye bathi uma bevakashil­e beze nohlu lwezinto okumele nizenze ninonke, kuyiwe ngapha nangapha, kuyobonwa lokhu nalokhuya.

Mina nginezinto zami engizenzay­o, ungangidle­li isikhathi sami

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa