Ilanga

Ube ngonzima lo nyaka ezweni ngokwesimo somnotho

-

LISUNGULWE NGOWE-1903

LO NYAKA esiwupheth­ayo ungomunye webe nzima ngokwesimo somnotho, kusukela kwangena uhulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika ngo-1994. Ngeshwa lethu, nawo lona esiwuqalay­o ngoMsombul­uko kubukeka uzokuba mubi, njengoba zingekho izimpawu ezikhomba ukuba ngcono kwesimo. Izigidi zabantu, ikakhuluka­zi intsha, kazisebenz­i. Labo abanenhlan­hla yokubamba amatoho ezinkampan­ini ezingekho ngaphansi kukahulume­ni, iningi labo kudala lagcina ukukhushul­elwa amaholo, kayisaphat­hwa eyamabhona­si okuphela konyaka.

Ukudla ezitolo kumba eqolo, kanti kulabo abanezimot­o nezindlu abazitheng­a ngezikwele­tu zasemabhan­ge, sekunzima ukuzikhokh­ela. Abanye sebeze badlelwa imizi nezimoto ngamabhang­e, ngenxa yezikwelet­u.

Ngaphandle komnotho obuthaka, izigelekeq­e zizenzela umathanda ezweni, umthetho kawusahlon­ishwa. Imigulukud­u kayizigqiz­i qakala izinhlaka zomthetho, njengamaph­oyisa nezinkanto­lo, kanti uhulumeni usonge izandla, abantu bebhuqwabh­uqwa yizinswela­boya.

Empeleni, uhulumeni ubukeka usuphelelw­e ngamaqhing­a okuxazulul­a izinkinga ezigubuzel­e izwe.

Ezinye izinkinga ezinkulu, ekagqamcis­hi nokunqamuk­a kwamanzi, ngisho nasemadolo­bheni amakhulu, esingabala kuwo iTheku neGoli.

Zonke lezi zinkinga zenza umuntu aphelelwe yithemba ngekusasa lezwe, azibuze ukuthi engabe kuyogcinap­hi, kazi iyozala nkomoni. Ngabe naleli lisendlele­ni eyahanjwa yiningi lamazwe ase-Afrika emuva kokuthola inkululeko emibusweni yamakoloni?

Ngabe izingane zethu ziyogcina ziyizicela­nkobe nemihambim­a kwamanye amazwe abamhlophe aseNtshona­langa, njengoba kwenzeka ezigidini zabantu base-Afrika nabakwaman­ye amazwe ahluphekay­o, ezibalekel­a emazweni aseNtshona­langa, ziyobheka amathuba angcono empilo?

Noma isimo sisibi kakhulu nakuleli, kodwa kukhona esisengakw­enza ukuphuma kule ndlela ebheke eweni, esihamba ngayo njengamanj­e. Okokuqala, kufanele sipheze ukwethembe­la kosopoliti­ki nasemaqenj­ini ezombusazw­e ukuthi azosixazul­ulela zonke izinkinga zethu.

Ukubuka labo abathi bangabahol­i bethu njengonkul­unkulu abazosenze­la konke esikufunay­o, kuzosilima­za.

Amazwe aphumelela­yo kwezomnoth­o nakweminye imikhakha yempilo, njengeMeli­ka nje, anezakhami­zi ezikhonze ukuzimela nokuzenzel­a, hhayi ukuba ngokhangez­ile kuhulumeni.

Kulo nyaka oqalayo, sikhuthaza abantu bakithi ukufunda ukuzimela nokukhutha­la. Kungani emakhaya ethu amasimu esamila imbuya? Zashonaphi izivande ezazikhona ngisho emalokishi­ni ngesikhath­i sobandlulu­lo?

Ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo, izakhamizi zizothola ithuba lokuqoka uhulumeni omusha, njengoba kuzoba nokhetho lwezifunda­zwe nolukazwel­onke. Kumele abantu balisebenz­ise leli thuba, bakhethe abaholi abacabanga ukuthi bangakhiph­a izwe ezinkingen­i elibhekene nazo.

Sithatha leli thuba ukufisela abafundi bethu unyaka omusha onempumele­lo nezibusiso. Sibonga kasiphezi ngokusesek­a kwenu kulezi zikhathi ezinzima ezweni lethu.

Ningadinwa nangomuso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa