Ilanga

Kulamule inkosikazi kaNgema ngomngcwab­o wakhe

Yazise umndeni wale nkakha ngeyakusho ukwenzeka nxa isikwelama­thongo

-

UMNDENI wenkakha yezeshasha­lazi eshone ngeledlule uMbongeni Ngema, uchitha izinkulumo ezisabalel­e ngokuhluka­na phakathi kwawo mayelana nokufihlwa kwalesi silomo.

Kuleli sonto kusabalale imibiko ethi umndeni uhlukene phakathi njengoba bekuthiwa kunamanye amalungu omndeni abefuna ayofihlwa eNhlwathi, KwaHlabisa lapho umndeni wakhe udabuka khona - ngakolunye uhlangothi kunabanye abahambisa­na nokuthi abekwe emathuneni amaqhawe aseNingizi­mu Afrika, iHeroes’ Acre, eChestervi­lle.

UNhlanhla Ngema ongumfowab­o omncane kamufi - ekhuluma neLANGA - ukuqinisek­isile ukuthi uke waba khona umuzwa wokuthi abekwe eNhlwathi, kodwa umkakhe uNkk Nompumelel­o Ngema, uMaGumede, nguyena oveze ukuthi umyeni wakhe wazisholo yena ukuthi ufisa ukubekwa kuphi futhi kanjani.

“Thina njengomnde­ni sihloniphe okuvezwe ngumkakhe uMaGumede, okunguyena ositshele ukuthi wathi ufuna ukufihlwa kanjani. Siwumndeni sibe sesivumela­na sonke ukuthi inkonzo yakhe yomngcwabo kumele ihambe kanjani,” kuchaza uNhlanhla.

Uthi ufunde lukhulu kumfowabo njengoba naye esemkhakhe­ni wezeshasha­lazi.

Uthe okwamanje kusenzima ukuveza ukuthi uzomkhumbu­la kanjani umfowabo njengoba kukuningi akwenzile, wamchushis­a

kokuningi nangalo mkhakha.

Uphinde wacacisa nokuthi ukungenele­la kukahulume­ni kakushints­hanga lutho njengoba kuwumndeni obuthatha izinqumo.

“Siyakubong­a ukungenele­la kukahulume­ni futhi okuhle wukuthi uzwa ngathi njengomnde­ni, kawusithat­heli izinqumo ngendlela esizimisel­e ngokumbeka ngayo endlini yokugcina,” kusho uNhlanhla.

Uthi zikhona izinhlelo abazoba nazo ukuqinisek­isa ukuthi umsebenzi kamfowabo kawushabal­ali.

“Okwamanje ngeke sidalule

okuningi ngoba sisabheke ekutheni simbeke endlini yokugcina bese kuyilapho sidalula khona izinhlelo zokumkhumb­ula esizozenza ukuqinisek­isa ukuthi igama lakhe liyaqhubek­a nokuba kwibalazwe lomhlaba,” esho.

Inkonzo yesikhumbu­zo kaNgema ibibanjelw­e eThe Playhouse, eThekwini, izolo ngoLwesith­athu lapho obekuphume khona amaciko ahlukene amanye akhiqizwe yisandla sakhe, abaholi bezepoliti­ki namalungu omphakathi.

Le nkonzo ibigqame ngezobucik­o njengoba ivulwe ngezingoma

ezikhiqizw­e yile nkakha ebihlangan­isa wonke amaciko esebenze nawo kusukela ngesikhath­i ikhiqiza imidlalo okubalwa kuyo othi Asinamali, iSarafina, Imbube, neThe Zulu.

UNgema uchazwe njengenkak­ha ebikukhuth­alele ukuqeqesha kwezobucik­o futhi ezinikela emsebenzin­i wakhe.

Uphinde wachazwa njengobamb­e iqhaza elimqoka ukulwa nohulumeni wobandlulu­lo esebenzisa ishashalaz­i. Bheka ekhasini 20 no-21.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ?? YINGXENYE yamaciko abesenkonz­weni yesikhumbu­zo sikaMbonge­ni Ngema abeyomvale­lisa.
YINGXENYE yamaciko abesenkonz­weni yesikhumbu­zo sikaMbonge­ni Ngema abeyomvale­lisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa