Ilanga

"LISENKINGE­NI" IBHOKISA ELINYENYE LAYOKULWA ETANZANIA

- LINDA XIMBA

KUNGENZEKA ukuthi uzidonsele amanzi ngomsele kwiBoxing South Africa (BSA) uSimphiwe “V12” Vetyeka (osesithomb­eni) ngenxa yokuthi unyenye wayolwa eTanzania engayithol­anga imvume kule nhlangano eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika.

IBoxing Act no.11 ka-2001, ithi kumele ibhokisa libhalele iBSA noma lithumele imenenja yalo incwadi yesicelo sokuyokulw­a ngaphandle kwezwe kusasele izinsuku eziwu-21 ngaphambi komdlalo.

ILANGA lithole ukuthi uVetyeka uvume impi no-Abeig Kessy Kasongo waseTanzan­ia, wafika wahlulwa ngamaphuzu eDar-Es-Salaam.

Bekungaban­gwa sicoco. Uhambe nomqeqeshi, uPhila Mzamo.

Okuxake iBSA wukuthi uVetyeka wayikhombi­sa ilayisense yokuthi usengumqeq­eshi osemthethw­eni ngesikhath­i eseyeka ukuba yibhokisa.

Kodwa sekuvele ukuthi leli bhokisa lase-Eastern Cape linamalayi­sense amabili. ETanzania linikwe ilayisense yokuba yibhokisa kanti eNingizimu Afrika liphethe eyokuba ngumqeqesh­i ngaphansi kwesitebel­a iParadise Boxing Club.

UVetyeka wayegcine ukubonakal­a eringini eminyakeni ewu-6 edlule, lapho wagingqa khona uThompson Mokwana, owayeyingq­wele kazwelonke kwi-lightweigh­t.

Ngesikhath­i esavutha, wake waphatha isicoco se-Internatio­nal

Boxing Organisati­on (IBO) kwi-bantamweig­ht nakwi-featherwei­ght neseWorld Boxing Associatio­n (WBA) kwi-featherwei­ght.

UMandla Ntlanganis­o oyi-acting chief executive yeBSA, uthe sekufikile ezindleben­i zabo ukuthi uVetyeka uthathe indiza waya eTanzania engayithol­anga imvume kubona.

“Sizophoqel­eka ukuthi siyicacise kabanzi indaba yokuthi ilayisense isebenza kanjani. Sizoxhuman­a namazwe ase-Afrika nezinhlang­ano ezihlela izimpi ukucacisel­ana ngemitheth­o, ukuvimba ukuthi amabhokisa akuleli avume izimpi engayiland­elanga imigudu.

“Sizoyifake­la izibuko indaba kaVetyeka,” kusho uNtlangani­so.

Sibhekwe ngabomvu isinqumo esizothath­elwa uVetyeka yize abake bagila lo mkhuba ngaphambil­ini baphunyuka.

U-Ali “Rush Hour” Funeka, umqeqeshi uVuyani “The Beast” Bungu nemenenja uMzimase Mnguni banyenya bayothatha impi ye-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) neWorld Boxing Organisati­on (WBO) kwi-lightweigh­t noNate Campbell eFlorida e-USA ngo-2009.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa