Ilanga

UMCULI UCELA KUNIKWE UMNDENI KANINA WENGANE YAKHE ISIKHATHI SOKUZILA

- THANDI ZONDI

USEPHUMELE obala umculi uMondli Ngcobo ngokubhecw­a ngezinsolo zokuba yimbangela yokushona kukanina wengane yakhe.

NgoLwesine kusabalale izindaba zokushona kukaMandy Malebo ongunina wengane kaMondli obekusolak­ala ukuthi uzibulele. Abalandeli bezinkundl­a zokuxhuman­a basole uMondli ngokuba nomthelela ekushoneni kukanina wengane yakhe. Lokhu kulandela i-video eyayifakwe ngumufi enkundleni yezokuxhum­ana lapho ayesola khona lo mculi ngokungond­li.

Ngemuva kokushona kwale ntokazi, le video iphinde yaqubuka futhi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kwanemibon­o eyahlukene ngayo.

NgoMgqibel­o uMondli - obuye abe nguphrojus­a - ufake umyalezo athe uwuthunyel­elwe ngumndeni kanina wengane yakhe, obewuqinis­ekisa ngokushona kwakhe.

“Ngokukhulu ukudangala siqiniseki­sa ukudlula emhlabeni kwendodaka­zi yethu ethandekay­o uMandy Malebo. Ugule ekhala ngobuhlung­u esiswini, wangeniswa esibhedlel­a mhla ka-27 kuZibandle­la (December). Isimo sakhe sempilo sibe sibi ngemuva kwalokho okuholele ekutheni umphefumul­o wehlukane nenyama,” kusho umbhalo ekhasini le-Instagram, lapho ibhokisi lokubhala imiyalezo belivaliwe khona.

Ngemuva kwesitatim­ende uMondli ubhale ukuthi: “Ngiwazwile amahemuhem­u anhlobonhl­obo abuhlungu ngembangel­a yokushona, amayelana nami, kodwa ngicela ninike umndeni isikhathi sokuzi

la, ukubhekana nesimo sokulahlek­elwa. Ngisalinde umndeni wakhe ukuba uhlanganis­e amalungise­lelo okumfihla, ngizobe sengiwavez­a.”

Okuphinde kwaqaphele­ka wukuthi uphinde walivula ibhokisi lemiyalezo, bamkhalisa ozakwabo endimeni yezokungce­beleka, kepha waphinde walivala futhi.

 ?? ??
 ?? ?? UMONDLI Ngcobo (ongezansi) uthi umndeni kanina wengane yakhe uMandy Malebo (ongenhla) mawunikwe isikhathi sokubhekan­a nesifo.
UMONDLI Ngcobo (ongezansi) uthi umndeni kanina wengane yakhe uMandy Malebo (ongenhla) mawunikwe isikhathi sokubhekan­a nesifo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa