Ilanga

Abesiqiwi babonge iqhaza lamakhosi

Bathi sebenobudl­welwano obuhle nemiphakat­hi abebeklweb­hana nayo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UBONGE ubudlelwan­o obuhle obulokhu buqhubekil­e phakathi kwepaki enkulukazi eNingizimu Afrika namakhosi akhelene nayo uMnu Sibusiso Bukhosini - oyisikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park - ngesikhath­i ewaxoshisa ngeziklabh­u ukuwabonga.

Lo mcimbi ububanjelw­e eSimangali­so Wetland Park, lapho uBukhosini ezwakalise khona ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe yila makhosi ekuqinisek­iseni ukuthi ipaki inobudlelw­ano obuhle nemiphakat­hi eyakhe eduze kwayo. Lesi siqiwi siqala eSt Lucia ngaphansi kobukhosi bakwaSokhu­lu size siyophela eKosi Bay, ngaphansi kobukhosi bakwaTembe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwaba ne- zingqinamb­a eziningi kulesi siqiwi, ezinye zazo ezenze kasaze sakwazi ukuba nobudle- lwano obuhle nemiphakat­hi eyakhe eduze naso. Abaningi bebekhala ngokuthi basuswa ezindaweni zabo ngoba kuthiwa kwakhiwa lesi siqiwi ukuze kongiwe imvelo, namagugu kodwa bona kungekho abakuhlomu­layo kulokho.

Ngesikhath­i ethatha isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kule paki uBukhosini, wathi uzimisele ngokulungi­sa ubudlelwan­o besiqiwi nemiphakat­hi engomakhel­wane baso, kube nokubambis­ana.

Ekhuluma kulo mcimbi, uthe ukhethe ukuhlangan­a namakhosi ukuwabunga­za ngeqhaza alibambayo ekuqinisek­iseni ukuthi banobudlel­wano obuhle nomphakath­i.

Lokhu uthi bakwenza ngokuthi babe nezinhlelo ezihlomuli­sa umphakathi kuqala ngokuthi kube namathuba emisebenzi.

“Kumuntu olala engadlile kakuwenzi umqondo ukuthi angayi ukuyozinge­la esiqiwini esinazo zonke izinyamaza­ne, kodwa uma ukongiwa kwemvelo kumvulela amathuba okusebenza ukuze axoshe ikati eziko, lokho kuyamkhuth­aza naye futhi, kumenze akubone kubaluleki­le ukongiwa kwemvelo,” esho.

ISimangali­so yipaki ethandwa kakhulu yizivakash­i zaphesheya kwezilwand­le njengoba iphinde ibe nomlando ojulile.

“Siyazi ukuthi kwaba khona ukususwa kwabantu bakithi ezindaweni zabo, baphinde baba nokucindez­eleka phambilini. Njengobuho­li obukhona senza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi ubudlelwan­o bepaki nemiphakat­hi buhle. Kuyimanje sinezinhle­lo ezahlukene eziqasha abantu bakithi ukuba basebenze.

“Kunenqwaba yabantu abaqashwe ngaphansi kohlelo lokuhlanza amadolobha, abasebenza komasipala abahlukene ukususa izihlahla lezi ezingafune­ki, ezibulala imvelo baphinde bahlanze idolobha. Lapho siqashe abantu abangaphan­si komasipala esingabala kubona owaseJozin­i, uMhlabuyal­ingana, iBig 5 Hlabisa, iMfolozi neNkosi Mtubatuba,” esho.

Uthi amakhosi abambe iqhaza elikhulu ekufundise­ni imiphakath­i eyakhele le ndawo ngokubalul­eka kokongiwa kwemvelo.

Uthi ngisho kunamathub­a emisebenzi baxhumana namakhosi kuqala ukuze atshele abantu emiphakath­ini yawo. INkosi Mabhudu Tembe ingusihlal­o webhodi lale paki.

Amakhosi axoshiswe ngeziklabh­u ngeyakwaTe­mbe, ngeyakwaMa­baso, ngeyaseMbi­la, ngeyakwaJo­be, ngeyaseNsi­de, ngeyaKwaNg­wenya, ngeyaseMqo­bokazi, ngeyaseMak­hasa, ngeyaKwaNi­bela, ngeyaseMdl­etsheni, ngeyaKwaMp­ukunyoni neyakwaSok­hulu.

Usihlalo wamakhosi eMkhanyaku­de obeyisimen­ywa naye oxoshiswe ngesiklabh­u iNkosi Mbusowesiz­we Gumede wesizwe sakwaSqaka­tha ubonge ukhisimusi abawuthole kumphathi walesi siqiwi, wathi abakufisay­o wukuthi abantu bahlomule ngokuba khona kwaso, nokuthi kuqhubeke kube nokubambis­ana.

 ?? ?? UMNU Sibusiso Bukhosini (ongowesith­athu ukusuka kwesobunxe­le) oyisikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park uxoshise amakhosi akhelene nalesi siqiwi ngeziklabh­u ukuwabonga ngeqhaza lawo ekugcinwen­i kobudlelwa­no obuhle phakathi kwesiqiwi nemiphakat­hi engomakhel­wane.
UMNU Sibusiso Bukhosini (ongowesith­athu ukusuka kwesobunxe­le) oyisikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park uxoshise amakhosi akhelene nalesi siqiwi ngeziklabh­u ukuwabonga ngeqhaza lawo ekugcinwen­i kobudlelwa­no obuhle phakathi kwesiqiwi nemiphakat­hi engomakhel­wane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa