Ilanga

UKHALE NGENKUNZI OWE-STELLIES BEGUQA

- NHLANHLA HUDLA

UKHALE ngokubanjw­a inkunzi uSteve Barker (osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weStellenb­osch FC ehlulwe yiCarling Black Label All Stars ngo-2-1 koweCarlin­g Black Label Final ngoMgqibel­o ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IStellenbo­sch iye kulo mdlalo emuva kokuba inqobe iCarling Knockout Cup, yehlula iTS Galaxy kowamanqam­u ngenyanga edlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Bekungelon­a usuku lwethu lokunqoba uma ubheka indlela izinto ezihambe ngakhona. Sishaye ipali ngemizuzu yokuqala, sangenelwa yigoli engicabang­a ukuthi besingenza kangcono kulona. Emuva kwalokho, bathole iphenathi engikholwa wukuthi bekungafan­ele bayithole.

“Ngiyababon­gela ngokunqoba kwabo, kodwa kangikholw­a ukuthi basinike inkinga, kube yikho nje ukuthi izinto bezingasih­ambeli kahle. Besidlala neqembu elihle, elinabadla­li abadlala kahle, ngeke usho ukuthi babe nesikhathi esincane sokuhlanga­na.

“Okuhle nje wukuthi sikwazile ukudlala lo mdlalo, sakhombisa ukuthi siyiqembu elibheke impumelelo. Njengamanj­e sizophumul­a ngethemba lokuthi sizobuya sesingcono kakhulu uma kubuywa ekhefini (leCaf). Ukwehlulwa kwesinye isikhathi kuyasiza ngoba kwenza ukwazi ukunyusa amasokisi.

“Okufike kwangimang­alisa kakhulu, wukuthi kwengezwe imizuzu emine emuva kokuba isikhathi simoshwe kangaka enkundleni, kodwa-ke kulungile, sizofunda emaphuthen­i esiwenzile ukuze sibuye sesingcono kakhulu ngokuzayo,” kusho lo mqeqeshi onqobe inkomishi yakhe yokuqala nale kilabhu asehlale kuyona kusukela ngo-2017.

Kube ngokokuqal­a kulo mdlalo ukuba u-Iqraam Rayners ongumdlali weStellies aphume elambatha kwazise wayinqoba yonke imiklomelo yomdlali ovelele kwiCarling Knockout okwenza, wagoduka no-R400 000.

Nakuba yehluliwe iStellenbo­sch, kodwa ikhombisil­e ukuthi isazoqhube­ka nokuba yingozi

emakilabhi­ni ezobhekana nawo.

Ukuba u-Itumeleng Khune obevimbele i-All Stars - ubengaphap­heme kulo mdlalo, ngabe sicula enye ingoma ngalo mphumela walo mdlalo.

 ?? ?? NGU-STEVE Barker
NGU-STEVE Barker

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa