UMQEQESHI WEPIRATES UBONA IKUSASA ELIQHAKAZILE KWINJEJANE
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukhuthaze abafana abasebancane ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuze bezokulwela ngempumelelo ukunyukela esigabeni esikhulu.
URiverio usho lokhu emuva kokuba iPSL Carling All Stars abeyiqeqesha, yehlule iStellenbosch FC ngo-2-1 koweCarling Black Label ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Amagoli e-All Stars abhajiswe ezintanjeni nguMfundo Vilakazi ngomzuzu ka-4 no-Ashley du Preez ngoka-12 - okube yiphenathi.
Elokubika leStellies lishaywe nguMervin Boji ngesikhathi esengeziwe.
URiveiro uthe: “Sijabule ngalokhu esikuzuzile, bekungelula uma ubheka ukuthi sibe nesikhathi esincane kanjani sokuhlangana ukuziqeqesha ndawonye.
“Lokhu kangikwenzanga ngedwa, ngikwenze ngokubambisana nabaqeqeshi abaningi, kubalwa abeSekhukhune
United noJoseph Makhanya, abasebenze ngokuzikhandla ukwakha leli qembu.
“Ngijabule ngezinga elikhonjiswe ngabafana abancane abebeqala ukudlala esigabeni esikhulu.
“Okufanele bakwenze wukuthi lokhu abakukhombise lapha baqhubeke nakho kuyona yonke imidlalo abasazoyidlala. Ngenhlanhla ekilabhini yethu sisondelene kakhulu nabo, yingakho sihlale sibavulela izikhala uma kuvela ithuba.
“Kodwa nje okumele bakwazi wukuthi kakufanele udlale kahle emdlalweni owodwa uma uzimisele ngokuhlala kulesi sigaba.
“Sikhombise ukuzimisela nokuzethemba, engikholwa wukuthi yikhona okusisebenzele kulo mdlalo.”
Lo mqeqeshi ubekhuluma emuva kokuba abadlali abagijima kwiDStv Diski Challenge (DDC), bekhombise ukuvuthwa kulo mdlalo njengoba bebedlala sengathi kudala baqala ukugijima kulesi sigaba.
UVilakazi nguyena othathe amehlo abaningi ngegoli alishayile nemijiko abedlisela ngayo enkundleni. Ngokunqoba lo mdlalo kwe-All Stars, igoduke no-R2 million kanti abadlali bakhombise ukukuthakasela ukuba yingxenye yawo njengoba bebevotelwa ngabalandeli.
Abalandeli bebephume ngobuningi ukuyobuka lo mdlalo kwazise eyeligi isamile njengoba kuzoqala i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibelo e-Ivory Coast.
Lo mqhudelwano iBafana Bafana eqhathwe kuwona neMali, iTunisia nomakhelwane, iNamibia uzosongwa mhla ka-11 kuNhlolanja (February).