Ilanga

UMSEBENZI KAMAGUBANE KAWUNAKUSH­ABALALA RAMAPHOSA

- BHEKI NDLOVANA

“UWILE umuthi omkhulu, siyalila ngoMnu Peter Magubane futhi sihlonipha ifagugu lakhe.”

Lawa ngamazwi kaMengamel­i Cyril Ramaphosa, acashunwe enkulumeni yakhe ayethule izolo ngoLwesith­athu enkonzweni yomngcwabo kamakadebo­na wentatheli eyayiwumth­webuli wezithombe oqavile eNingizimu Afrika, uMnu Peter Magubane (91).

Kule nkonzo ebiseBryan­ston Methodist Church ngaseSandt­on, eGoli, kukhonjisw­e ngezinye zezithombe eziqavile zikaMaguba­ne azithwebul­a ngezikhath­i zobandlulu­lo.

Eduduza umndeni uRamaphosa, uthe kakulahlek­elwe wona kuphela, kodwa kulahlekel­we isizwe sonke ngokudlula emhlabeni kukaMaguba­ne. Uqhube wathi sengathi umndeni ungaduduze­ka ngokwazi ukuthi umsebenzi wakhe kawunakush­abalala.

Uthe izithombe ezathwetsh­ulwa nguMaguban­e - eziveza unya nodlame lobandlulu­lo - zaba nedumela emhlabeni wonke, kodwa eNingizimu Afrika wajeziswa ngokushayw­a, ukuboshwa nokuvalelw­a yedwa ejele izinsuku eziwu-586.

Uqhube ngokuthi naphezu kwayo yonke imizamo yokumqeda amandla okwenza umsebenzi wakhe nokuwudici­lela phansi, akazange adikibale.

URamaphosa ephawula ngokuzimis­ela kukaMaguba­ne ekwenzeni umsebenzi wakhe, uthe kuyavela ukuthi wayeze ashushumbi­se ikhamera yakhe, ayishuthek­e esinkweni noma ekhathonin­i lobisi ukuze akwazi ukuthwebul­a izithombe.

Uphawule nangokuthi ngaphandle kokuthi uMagubane wayehlalel­we ngowakhe umsebenzi okwakumele awenze, kodwa wayenesine­ke sokukwazi ukwelekele­la ezinye izintathel­i, okubalwa kuzo nezakwaman­ye amazwe ezazikulel­i ngaleso sikhathi.

Uthe kunezithom­be zikaMaguba­ne eziqavile, ezaqopha imiphumela yesibhicon­go saseSharpe­ville ngo-1960, izinxushun­xushu zaseSoweto zango-1976, nezinye izigameko eziningi ezaphehlwa wumbuso kahulumeni wobandlulu­lo.

Phakathi kwezicukut­hwane abezethame­le inkonzo kaMagubane, bekukhona noMnu Thabo Mbeki owayengume­ngameli wezwe.

UMagubane wasebenzel­a iphephabhu­ku iDrum, iphephabhu­ku iTime, iRand Daily Mail, neminye imithombo yabezindab­a.

Wake waba ngumthwebu­li kaMnu Nelson Mandela owaba ngumengame­li wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika.

Wahlabana ngenqwaba yezindondo ngomsebenz­i wakhe oseqophelw­eni eliphezulu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa