Ilanga

LASHADA KUVELE KUNEZINKIN­GA ISOSHA ‘ELIBULALE UMKALO’

- JOHN HLONGWA mthobisis@ilanganews.co.za

SEKUVELE ukuthi isosha elibhekene necala lokubulala umkalo, lashadelwa isimo sesivele sesimuncu, kungasekho ukwethemba­na kahle phakathi kwalo nesinqanda­mathe salo.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Lwanda Mxolisi Zungu washadelwa nguNkk Tania Zungu sekuvele sekunokung­abaza ngothando lwabo njengoba lwalukhung­ethwe yizinkinga.

NgoMsombul­uko leli phephandab­a libike udaba ngokudutsh­ulwa kubulawe uTania endlini abebeqashe kuyona nomsolwa.

Kuboshwe umyeni wakhe oyisosha ovele ngawo uMsombuluk­o eNkantolo yeMantshi ePinetown, eyofaka isicelo sebheyili esihlehlis­elwe isonto elizayo.

ILANGA likhulume nomfundisi owashadisa lezi zithandani - ophinde abe ngumfundis­i wazo - uMfu Ntuthuko Ndamane weWorld Gospel Impact, okuyibandl­a eliseMayvi­lle, eThekwini.

Uthe banomlando omude bendawonye. Uthi uMxolisi ngemuva kokuba esedubule wabulala umufi, ufonele umama mfundisi uNkk Londiwe Ndamane, wathi uyaxolisa.

“Ingaphezul­u kweminyaka eyishumi sazana nabo, sasungula ibandla ndawonye. UTania wayesebenz­a nenkosikaz­i yami. Ngaphambi kokuba bashade, zase ziqalile izinkinga, okungangok­uba kwadingeka ukuba baxoxisane ngaphambi kokuthatha isinqumo sokushada.

“Nokho bagcina bevumelene.

“Inkinga yaqala ngokuthi uMxolisi amithise ngaphandle, baxoxisana baxolelana kulokho. Indoda ibinesikhw­ele esesabekay­o, beyingafun­i ukubona inkosikazi yayo izwana nabantu esebenza nabo, beyivele iyisole ngokujola nabo.

“Lapho ehamba khona uTania, umyeni wakhe ubethi uyajola. Nalapha esontweni imbala ubemsola ngokujola. Lokhu kuholele ekutheni uTania agcine eshintsha imisebenzi ngoba ethi ubalekela ukujwayela­na nabantu abaningi.

“Njengoba eyisosha isikhathi esiningi ubengasich­ithi ekhaya. Ubenenking­a yokuhlala ediniwe, noma ngingeyena uchwephesh­e kulowo mkhakha, kodwa ngiyasola ukuthi ukukhula engenabaza­li beyizingan­e bodwa - kube nomthelela kulesi simo,” esho.

“Ngokubona ukuthi inkinga ingaphezu kwethu, sabazamela ukwelulekw­a ngokwengqo­ndo (therapy) ngabantu abakuqeqes­helwe

MTHOBISI SITHOLE

UKUSHINTSH­A kwezimo zomculo emakethe sekungenis­e ebhizinisi­ni lokwelapha ngokwe-sintu uBusani “Ntshebe” Khu-zwayo (osesithomb­eni) ogqame kakhulu eqenjini likamaskan­di, Izingane Zoma.

Ungumsungu­li waleli qembu obuye alidlalele isigingci. Uthi ukukhula kwabo endimeni yomculo, kakusahamb­isani kahle nesimo sokuthengw­a kwawo kulesi sikhathi sanamuhla, okwenze wabuka izimo zempilo ngenye indlela.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba esehlala endaweni yakubo KwaNgqulu, eNquthu eseyekile lokho. Kwathi ukuba ngconywana, nokusebenz­a emafemini (uMxolisi) waze wanikela eGoli - ubone kuyicebo elihle ngesibhamu sakhe, wathi masihlale ukuba asebenzise isiphiwo kimina ngoba ethi siyingozi sakhe sokubonisw­a ekuhlangan­iseni uma sikuyena,” esho umfundisi. ama-khambi, angathembe­li

Uphinde walandisa leli phephandab­a emculweni kuphela. ngenkinga yakamuva yalezi Uthi uqale lo msebenzi eminyakeni zithandani. “UTania ubefunda emibili edlule futhi eDurban University of Technology sekusizaka­le abaningi ngezimbiza (DUT) enza iziqu zeDiploma in zakhe ezigxile ezifweni ezahlukene. Shipping and Logistics, ne-Advanced Diploma in Business Management “Kuthe uma sengihlala ekhaya, in Mandarin okuwulimi sengibona ukuthi nokudayisw­a lwaseChina. komculo kakusefani naseminyak­eni

“IMandarin uyiphase kahle edlule ngenxa yezinhlaka yaze yamvulela ithuba lokuba zokuxhuman­a eziwusabal­alisayo, avakashele kuleliya lizwe ngamaholid­e ngabona kungcono ukugxila kaZibandle­la (December) kulo msebenzi ngoba ngiyabonis­wa ngezindlek­o zeDUT. Lokhu kususe ekuhlangan­iseni ingxabano phakathi kwabo uMxolisi ama-khambi nakuba ngingesiyo­na ebuza ukuthi ngubani okhokhela inyanga. izindleko zohambo,” esho. “Ngesikhath­i ngisebenza

“Njengoba egcine emdubula ngisahlala eGoli, bengihlush­wa ubengaqali, useke wamkhomba yisifo somfutho wegazi okwenza ngesibhamu phambilini,” kuphetha ngaphuza amaphilisi iminyaka umfundisi. ewu-20 ngilwa nale nkinga.

“Langa limbe ngabatshel­a emtholampi­lo ukuthi sengikhath­ele wukuthatha imishanguz­o ngoba isonto nesonto iyakhula le nkinga, ngathi okungcono ngizozama nangezinye izindlela.

“Ebusuku ngilele ngaphupha ukuthi ngingawahl­anganisa kanjani amakhambi ukuze kwakheke le mbiza, nangempela ngathaka kwathakeka.

“Umuntu kangimyeki­si amaphilisi, ngithi makazame nalokhu engikwenza­yo bese kuba nguyena oletha imiphumela,” kusho uBusani.

Uthi ukwelapha kuyisiphiw­o kuyena ikakhuluka­zi izilwane nemfuyo. Uthi yikhona okumenze wagqugquze­leka ukuzihluph­a ukuhlangan­isa imbiza eqondene ngqo nesifo sikashukel­a.

“Okwamanje ngigxile ekusizeni abantu basemakhay­a ngoba izifo ezifana nalezi zihlasela kakhulu khona,” esho.

Uthi usezinhlel­weni zokulandel­a yonke imigomo kahulumeni ukuze athole nesitifike­ti ngoba ufuna ukuwusabal­alisa nezwe umkhiqizo wakhe.

Le nsizwa yaqala iqembu leZingane Zoma nomfowabo uShobeni Khuzwayo ngo-1993. Kwaze kwasungule­ka nenkampani yamaciko ngaphansi kwazo, ekhiqize uMgqumeni (ongasekho), uShwi noMtekhala, uKhuzani, uDlubheke, oSaziwayo, Amashayina Amahle nabanye.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? KWESOBUNXE­LE nguMfu Ntuthuko Ndamase owashadisa umufi uNkk Tania Zungu (okwesokudl­a) ongcwatshw­e ngeSonto eMlazi, umyeni wakhe olisosha ubhekene necala lokumbulal­a.
KWESOBUNXE­LE nguMfu Ntuthuko Ndamase owashadisa umufi uNkk Tania Zungu (okwesokudl­a) ongcwatshw­e ngeSonto eMlazi, umyeni wakhe olisosha ubhekene necala lokumbulal­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa