Ilanga

Imithetho yaseNingiz­imu Afrika ithambekel­e ezigebengw­ini

- Sipho Mlaba eMlazi

MHLELI: Ngiyafisa ukwazi ukuthi kungani iNingizimu Afrika inemitheth­o etotosa kakhulu abantu bokufika kuleli kanjalo nabephuli bemithetho.

Sihlezi sizwa kunconywa umthethosi­sekelo wakuleli kodwa kangiwubon­i ukuthi muhle ngani ezakhamizi­ni zakuleli. Lokhu ngikushiso wukuthi imingcele yakuleli iyazivuzel­a nje okwenza kube nabantu abaningi bokufika kuleli abangene ngokungekh­o emthethwen­i.

Ngiyacaban­ga ukuthi yingakho nobugebeng­u buphezulu ngokuxakil­e emadolobhe­ni amakhulu ngoba umuntu ofike ngokungekh­o emthethwen­i kayikho enye indlela angaziphil­isa ngayo ngaphandle kokuqhubek­a nokwenza okungalung­ile ukuxosha ikati eziko.

Kangisho ukuthi ubugebengu bakuleli benziwa ngabantu bokufika kuphela ngoba nabawunsin­si wakuleli bayabenza. Yize abaningi bethi lokhu kudalwa wukuswelek­a kwamathuba emisebenzi, engingakup­hikisi, kodwa ngixakwa wukuthi kunabantu abaningi abasebenza kahle esihlale sifunda ngabo ukuthi baboshelwe amacala okubulala okuhleliwe okungaba yizithandw­a zabo, yizitha abasuke beziphindi­selela

kuzona noma umbango wamafa okanye kube wubugebeng­u nje bokubamba inkunzi.

Esikhathin­i esiningi-ke uma isisulu sike sazivikela ngokuchith­a igazi lomgulukud­u kuqala, sisuke sesiziland­ele olukhulu utalatiya. Ngizibuza ukuthi umuntu uma engene ngendlela engafanele emzini wakho, kumele umqabule yini ukumkhiphe­la ngaphandle ngoba usuke evele ehlomile.

Phela usuke ekuqonda kahle kamhlophe ukuthi lokhu asuke ezokwenza kuwukwephu­la umthetho.

Kungani pho umthetho ungamvikel­i umuntu okhipha umphefumul­o ngoba evikela impahla yakhe kumbe umndeni? Kuyoze kube nini sifunda ngemindeni okusuke kuqothwe wonke amalungu ayo yimiguluku­du engenabo onembeza?

Ngiyafisa sengathi kungaba khona okwenziway­o ukuze kuvikeleke ngokugcwel­e izakhamizi zakuleli ekugcwelez­weni yimiguluku­du imihla namalanga.

 ?? ?? UMFUNDI weLANGA uthi akabuboni ubuhle bomthethos­isekelo wakuleli, kunalokho uthi ubukeka uvikela izephulamt­hetho kunokuvike­la izakhamizi.
UMFUNDI weLANGA uthi akabuboni ubuhle bomthethos­isekelo wakuleli, kunalokho uthi ubukeka uvikela izephulamt­hetho kunokuvike­la izakhamizi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa