Ilanga

UZuma usefuna ihlandla lesithathu lokuhola izwe?

Uhambele amaNazaret­ha aseBuhleni eyocela umkhuleko

- INTATHELI YELANGA

USALOBIZEL­A ukubuyela emandleni okuhola uhulumeni wakuleli uMnu Jacob Zuma (82) owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika noweANC.

Ngokombiko weTimes Live, uZuma ubehambele umkhuleko webandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni abebuthane­le entabeni engcwele iKhenana. Ngokwalo mbiko, uZuma uthe usafisa ukubuyela kuhulumeni ngoba kusenezint­o okusafanel­e azilungise ezweni. Uthe washeshe wakhishwa engakawuqe­di umsebenzi.

Uthi wakhishelw­a ukuthi ulungisa umonakalo ngosizi lomuntu omnyama. UZuma uphathe uhulumeni wakuleli amahlandla amabili engumengam­eli wezwe.

NgoZibandl­ela (December) ngonyaka odlule wenze isimemezel­o sokuthi ngeke ayivotele i-ANC, kunalokho uzokweseka iqembu elisha elisanda kusungulwa, uMkhonto Wesizwe (MK). Kusukela enze lesi simemezelo, uhambela izindawo eziningi ngenhloso yokukhulis­a izibalo zabantu abajoyina iMK.

“Niyazi ngasheshe ngakhishwa ekubeni ngumengame­li. Ngakhishel­wa ukuthi ngilungisa izinto zomuntu omnyama.

“Indlela abaziphath­e kabi ngayo, ngiphoqele­ka ukuba ngikhuze ibuya. Yibuya-ke manje. Ngifuna ukulungisa usizi lwabantu abamnyama,” kusho uMsholozi.

UZuma unomlando omude ekuholeni uhulumeni wakuleli njengoba eke waphatha amahlandla amabili elandelana.

Waphatha izwe kusukela ngo2009, kwaze kwaba uyashenxa kuhulumeni ngo-2018. Ngaphambi kwalokho, wayekade eyisekela likamengam­eli wakuleli, uMnu Thabo Mbeki kusukela ngo-1999 kuya ku-2005.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi waphuma engathandi esikhundle­ni sokwengame­la izwe emuva kokuba ubuholi kuKhongolo­se buwele kuMnu Cyril Ramaphosa oseqhoqhob­ele izintambo zombuso.

 ?? ?? UMNU Jacob Zuma ubehambele umkhuleko webandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, entabeni iKhenana, eyocela izibusiso, ethi wakhishwa lingakaphe­li ihlandla lakhe.
UMNU Jacob Zuma ubehambele umkhuleko webandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, entabeni iKhenana, eyocela izibusiso, ethi wakhishwa lingakaphe­li ihlandla lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa