Ilanga

KUNCONYWE IGALELO LIKA-KEVIN DE BRUYNE

-

UNCOME amagalelo kaKevin De Bruyne (osesithomb­eni) uMicah Richards owayengumd­lali weManchest­er City yase-England egile izimanga ibuya sekuvalwe amehlo igugisa ngo-3-2 iNewcastle United.

Ziye ekhefini iNewcastle ihamba phambili ngo-2-1 emva kokulandel­a ngemuva umdlalo usaqala.

UDe Bruyne obengabona­kali emdlalweni yeCity ngenxa yokulimala ungene kulomdlalo esuka ebhentshin­i wafika washaya igoli waphinda waba nesandla kwelesitha­thu.

“Bonke abantu balokhu bezibuza ukuthi ngabe iCity iseyiqembu elifanayo naleli elinqobe zonke izicoco ngesizini edlule.

Ngikholwa ukuthi kusenjalo uma ubheka indlela abadlala ngakhona muva nje.

Ngiyazi ukuthi kukhona la bebengenzi kahle nokuyinto ejwayeleki­le kuwona wonke amaqembu.

Uma unomdlali ofana noDe Bruyne eqenjini lakho kufanele uhlale ukulindele ukunqoba.

Ungumdlali osezingeni lakhe yedwa izinto azenzayo enkundleni zikushiya umangele.

Ngeke usho ukuthi ubelimele. Angingabaz­i ukuthi lokhu akwenzile kuzomenza ukubuyelwe ukuzethemb­a aqhubeke nokwenza imilingo yakhe. Ngendlela obekubalul­eke ngakhona ukuthi iCity iwunqobe lomdlalo ubona ngisho injabulo abayikhomb­ise emva komdlalo ukuthi bebewading­a kanganani lamaphuzu njengoba bezimisele ngokunqoba lendebe ihlandla lesine kulandelan­a “kusho lomdlali owayeyibam­ba emuva ngezikhath­i zakhe. Umdlalo olandelayo weCity izowugijim­a neTottenha­m koweFA Cup ngomhla ka-26 kwephezulu.

Ngokunqoba lomdlalo abafana bakaPep Guardiola ongumqeqes­hi bazibeke ethubeni lokugudluz­a iLiverpool esesicongw­eni kwazise basele ngamaphuzu amabili emdlalweni ewu-20 esadlaliwe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nyakenye babuya ngendlela efanayo ngenkathi begudluza i-Arsenal eyayibukek­a isethubeni lokunqoba lesicoco ngesizini edlule.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa