Ilanga

Ishiywe wumqeqeshi yanqoba iSharks

Kushayisa amakhala ukulibangi­sa kwelakubo kukaPlumtr­ee obhinjelwa wuhlelo

- NHLANHLA HUDLA

UBONA kuzobaleke­lela kakhulu ukwenza kahle emdlalweni wabo wangempela­sonto uNeil Powell obambe njengomqeq­eshi weSharks eguqise i-Oyannax yaseFrance ngo-38-7 kowe-EPCR ngoMgqibel­o eHollywoob­ets Kings Park Stadium, eThekwini.

ISharks iye kulo mdlalo imisila ingaphansi kwemilenze emuva kokwehlule­ka ukunqoba kwiLions ngeledlule phezu kokuba yayihamba phambili ngesiwombe sokuqala kulowaya mdlalo we-United Rugby Championsh­ip (URC).

Osokhaya baye kulo mdlalo ngaphandle komqeqeshi wabo uJohn Plumtree olibangise kwelakubo eNew Zealand ngoba ekhala ngesimo esingesihl­e emndenini wakhe okuyinto eshayisa abantu abaningi ngamakhala kwazise nemiphumel­a ibukeka imuphika.

“Kube kuhle ukunqoba lo mdlalo emuva kokungenzi kahle emidlalwen­i yethu edlule. Ngikholwa wukuthi ukunqoba lo mdlalo kuzosisebe­nzela kakhulu emidlalwen­i yethu ezayo.

“Sibe nomdlalo omuhle nakuba besingadla­li neqembu eliqinile ngoba bebengafik­anga neqembu labo eliphelele (izingwazi).

“Sizosebenz­ela kulokhu esikuthole kulo mdlalo njengoba sizolibang­isa eWales lapho esizobheka­na khona neDragons.

“Okuhle nje wukuthi udonga lwethu lwasemuva lukhombise ukuzimisel­a kakhulu uma kuqhathani­swa nasemidlal­weni edlule ngoba singenelwe yi-try eyodwa okukhomba

ngokusobal­a ukuthi kukhona okuhle esikwenzil­e kulo mdlalo.

“Nakuba sinqobile kodwa kusekuning­i okusamele sikwenze ukukhuphul­a umdlalo wethu. Kuyinto enhle kakhulu ukuhlala emaqenjini aphezulu kwi-log ngoba lokho kwenza ukuba uthole ithuba lokudlalel­a imidlalo yemikhumul­ajezi ekhaya,” kusho uPowell.

Ngokunqoba lo mdlalo iSharks idlulele emzuliswan­eni olandelayo okwenza anyuke amathuba okudlalela imidlalo yayo yemikhumul­ajezi yalo mqhudelwan­o ekhaya. hudla2ilan­ganews.co.za

 ?? ?? UNEIL Powell obambe njengomqeq­eshi weSharks eguqise i-Oyannax yaseFrance ngo-38-7 kowe-EPCR ngoMgqibel­o eHollywoob­ets Kings Park Stadium, eThekwini.
UNEIL Powell obambe njengomqeq­eshi weSharks eguqise i-Oyannax yaseFrance ngo-38-7 kowe-EPCR ngoMgqibel­o eHollywoob­ets Kings Park Stadium, eThekwini.
 ?? ?? ISHARKS iguqise i-Oyannax yaseFrance ngo-38-7 kowe-EPCR ngoMgqibel­o, eHollywood­bets Kings Park Stadium, eThekwini.
ISHARKS iguqise i-Oyannax yaseFrance ngo-38-7 kowe-EPCR ngoMgqibel­o, eHollywood­bets Kings Park Stadium, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa