Ilanga

Bafuna u-R14 million ngomatanis­wa neChiefs neBucs

Isikhulu kuthiwa sicuphe nokubona ukuthi i-Afcon ngeke yini imwezele phesheya lo mdlali

- SENZO SOKHELA

SIFUNA u-R14 million isikhulu sePolokwan­e City ngomdlali wale kilabhu - oke wasikaza ukuliyeka ibhola ekhala ngokuthi liyamhluku­meza osekuvela ukuthi ugaqelwe yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

U-Oswin Appollis (22) ujoyine iPolokwane ngo-2022 esuka kwiPretori­a Callies. Ubekade elandwe ngumqeqesh­i uKwanele Kopo omazela enkulisa yeSuperSpo­rt United abengumqeq­eshi wayo.

Umlanda nje lo mdlali ubesenqume ukuliyeka ibhola ekhala ngokuthi liyahlukum­ezana.

Nokho selokhu ejoyine iPolokwane ugila izimanga njengoba edlala ibhola elinenkosi phakathi. Indlela adlala ngayo imphendlel­e indawo eqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana elisemqhud­elwaneni we-Africa Cup of Nations (Afcon), oqale ngoMgqibel­o e-Ivory Coast.

Lo mdlali kuvela ukuthi usezihehel­e iso leChiefs neBucs. Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi umnikazi wale kilabhu, uJohnny Mogaladi, usekubeke kwacaca ukuthi omfunayo kuzofanele ahlukane no-R14 million.

“Udaba lwalo mfana luyamangaz­a ngoba ubesethi uyaliyeka ibhola, wabuyiswa ngumqeqesh­i uKopo.

“Manje wenza kahle kangangoba usehehe iso leChiefs nePirates. UMogaladi akenqabi naye kodwa ukubeke kwacaca ukuthi omfunayo makabeke etafuleni u-R14 million.

“Uthi ngeke ame endleleni yakhe ngoba vele nekilabhu yakhe iyayidinga imali njengoba ingenabaxh­asi.

“Kodwa-ke usamise yonke into njengamanj­e njengoba lo mdlali ekwi-Afcon, ulinde ukubona ukuthi kuzokwenze­kani, akafuni ukuxhamaze­la.

“Phela kulo mqhudelwan­o kusuke kuphelele izinhloli eziqhamuka emhlabeni wonke jikelele, yingakho engafune kuxhamazel­a,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uMogaladi iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-OSWIN Appollis ongumgadli wePolokwan­e City egadulisan­a noYusuf Maart weKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-OSWIN Appollis ongumgadli wePolokwan­e City egadulisan­a noYusuf Maart weKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa