AKUQALANGA UKUFUNDA KUSHA IZAKHIWO EZIBALULEKILE ZESIKOLE
wangadlulela kwezinye izakhiwo, kodwa bese kushe konke obekuphakathi kulezi umlilo oqale kuzo.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uhambele kulesi sikole uyohlola umonakalo.
Okhulumela lo mnyango, uMnu Sihle Mlotshwa, uthi kuyadumaza okwenzeke kulesi sikole, nokugcine kwenze ukuvulwa kwaso kungaqali kanye nezinye.
Uthe ukuphepha kothisha kanye nabafundi kumqoka emnyangweni wabo, yikho bezokwenza isiqiniseko sokuthi konke kuyahlolwa ngaphambi kokuthi kuqhubeke ukufunda.
Utshele leli phephandaba ukuthi umnyango usazobhunga uhlelo oluzosiza abafundi bangasaleli emuva ngesikhathi kulungiswa umonakalo.
Amaqembu ezombusazwe KwaZulu-Natal azwakalise ukuphoxeka kulandela lesi sigameko. Acele amalungu omphakathi ukuthi noma angadinwa kangakanani, kodwa angathathi izinqumo ezizolimaza ingqalasizinda yomphakathi.
Umholi wenhlangano yezombusazwe i-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, ozifikele mathupha endaweni yesigameko, uzwakalise ukudumala ngalesi sigameko.
Uthe noma ngabe kuthiwa umphakathi unezinkinga ezingakanani ongagculisekile ngazo kodwa akumele wenze umonakalo ozolimaza ikusasa.
“Uma ngibuka umonakalo owenzekile, kuyabonakala ukuthi laba bantu abenze le nto bebeyihlelile ngoba bazikhethile izakhiwo abazishisile. Bashise umtapo wolwazi kanye namahhovisi.
“Uma ushisa umtapo wolwazi, akuhlukile nokushisa ikusasa lesizwe.
"Emahhovisi kushe yonke imininingwane yezingane ebezibhalise kulesi sikole. Lokho kuholele ekutheni isikole sisalele ngemuva kwezinye njengoba kungaqalanga ukufunda,” kusho uMncwango.
Uveze ukuthi kuke kwavela ukuthi ukufunda kulesi sikole kungaze kuqhubeke kahle emasontweni amabili ezayo, kodwa ubefisa kuqale ngoMsombuluko ozayo ukuze abafundi bangasaleli emuva.
Unxuse ukuba amaphoyisa enze uphenyo olunzulu ukuze kutholakale abenze lo monakalo.
Iqembu i-Democratic Alliance nalo lizwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko. Liveze ukuthi likholwa ukuthi uma kungalandelelwa, bangatholwa abenze lokhu.
Umkhulumeli waleli qembu
ohlangothini lwezemfundo, uDkt Imran Keeka, uthi ukuba khona kwabazibonele kwenzeka lesi sigameko kungasiza ophenyweni.
“Njengoba kuvela ukuthi kukhona abazibonele ababili bephuma bebaleka esikoleni ngemuva kokuqala komlilo, amaphoyisa angalandela kulowo mkhondo ukuze basheshe babanjwe abenzi bobubi,” esho.
Uzwakalise ukukhathazeka ngabafundi abazosala ngemuva njengoba singakavulwa isikole.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko.
“Amaphoyisa asePhoenix avule idokodo kulandela ukusha kwesikole ngoLwesine ebusuku.
“Amaphoyisa ayile khona ngemuva kokubizwa ngunogada wesikole, othe uzwe umsindo oqhamuke ngasemahhovisi, okuthe uma eyobheka, wahlangabezana nekloba lomlilo,” esho.