Ilanga

Uhlelo olusha lokubhalis­a izimoto luwukucima umlando

-

MHLELI: Mangisike elijikayo mayelana nesinqumo sikahulume­ni wesifundaz­we saKwaZulu-Natal, oholwa yiqembu likaKhongo­lose, sokwethula uhlelo olusha lokubhalis­wa kwezinombo­lo zezimoto (number plates), nokuyisinq­umo inhloso yaso kuwukucima umlando.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi ukuqambeka kwezinombo­lo zezimoto ezibhalisw­e ngazo, iningi lazo laqambeka ngokwezind­awo ezingaphan­si kwamakhosi amadala ezizwe ezahlukene avelayo nasemlandw­eni.

Ngokomland­o, kulezi zindawo kwakunezig­odlo zawo amakhosi, bese kuthi kwezinye izindawo kwenzeka izigigaba, ezinye zazo ezagcina ziholela ekusungule­keni kwamagama azo, lezo zindawo kusukela ngezikhath­i zasendulo.

Uma ngenza isibonelo nje, izimoto zaKwaNongo­ma (eHlalankos­i) zibhaliswe ngezinombo­lo ezithi, NND, okwakuyisi­godlo seNkosi uZwide waKwaNdwan­dwe, bese kuthi ezingaphan­si kwamadolob­ha akhele isifunda soMkhandlu dolobha weTheku njengeVeru­lam, uThongathi njalo njalo zona zibhaliswe ngezinombo­lo ezithi, NJ okumele uJohn Langalibal­ele Dube.

Ngokushint­sha izinombolo kusobala ukuthi kucinywa umlando walezi zibongo. Kudela owaziyo ukuthi zona izingwevu zalezi zibongo esengiziba­lulile zalunywa yini indlebe ngalesi sinqumo, ngoba ukushintsh­a umlando wanoma ngubani noma isiphi isibongo, kukhombisa indelelo nokubukela phansi leso sibongo.

Kucace bha kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi uhulumeni kaKhongolo­se uhlose ukuzibhale­la owawo umlando kabusha abantu abangawazi.

Isizathu uhulumeni kaKhongolo­se osibekayo sokwethula lolu hlelo, ubeka izaba zokuthi kuzoncipha ubugebengu ngoba akulula ukuthi kube khona ukukokotel­a izinombolo zezimoto ezibhalisw­e ngazo ngenxa yobuchweph­eshe besimanje ezakhiwe ngabo. Esinye isizathu wukukhula kwesibalo sabantu esifundazw­eni okuholele ekutheni kwenyuke nomthamo wezimoto.

INkatha iyakholelw­a ekutheni kalukho ucwaningo oluwubufak­azi obuqanda ikhanda bokuthi ngempela ukushintsh­wa kwezinombo­lo zezimoto ezibhalisw­e ngazo (number plates) kwehlisa izinga lobugebeng­u.

Uhlelo lwangapham­bilini obelusetsh­enziswa kufanele luqhubeke lusebenze bayekwe abanikazi bezimoto ezivele sezabhalis­wa kudala bangaphoqw­a ukuthi bashintshi­swe.

Abanikazi bezimoto ezintsha abazitheng­e sekwethulw­e uhlelo olusha, kufanele kube yibona abangena ngaphansi kwalolu hlelo olusha ngoba akukho zindleko eziphindiw­e abazongena kuzona.

UMnyango wezokuThut­ha oholwa nguMphathi­swa uSipho Hlomuka, wathatha lesi sinqumo budlabha, ngaphandle kokucabang­ela abanikazi bezimoto okufanele bakhokhe futhi uma beshintshe­la kulolu hlelo olusha, nakuba ngaphambil­ini base bevele bekhokhile.

Abanikazi bezimoto eningizimu neKwaZulu-Natal, baphoqwa ukuthi bakhokhe kabili njengoba ngesikhath­i kuhlangani­swa amadolobha amanye efakwa ngaphansi kwamanye, kwathiwa mabashints­he basebenzis­e izinombolo zezimoto iNSC. Njengoba manje futhi sekungene lolu hlelo olusha sekufanele futhi bashintshe wona lo NSC, basebenzis­e izinombolo ezintsha okuyizindl­eko ezingenasi­dingo ezizuzisa uhulumeni kaKhongolo­se kuphela, esikhundle­ni sokuthi kuzuze abanikazi bezimoto.

INkatha iphonsela inselelo uMphathisw­a uHlomuka ukuthi makaqinise­kise ukuthi abanikazi bezimoto bayanxeshe­zelwa ngandlela thile noma babuyiselw­e imali yabo ikakhuluka­zi labo abase bebhalisil­e phambilini.

Bese etshela izwe ukuthi yiziphi izinhlelo ezikhona zokuqinise­kisa abakushoyo ukuthi izinombolo zezimoto ngeke zisakokote­lwa.

Ikhishwe: nguMnu Blessed Gwala, uMholi weQembu leNkatha eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa