Ilanga

KUGXABHA ISISU KOWASE-GHANA ENGAQALANG­A KAHLE KWI-AFCON

-

KUGXABHA isisu kumqeqeshi weqembu lesizwe laseGhana njengoba libhekene nomdlalo ongase ucacise ngekusasa layo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqale ngeledlule e-Ivory Coast.

IGhana izobhekana ne-Egypt koka-group B namuhla ngoLwesine ngo-22h00. IGhana iwuvule kabi lo mqhudelwan­o iguqiswa yiCape Verde ngo-2-1.

I-Egypt yona ibambane ngo-2-2 neMozambiq­ue.

Ukuhlulwa kweGhana kuyibeke engcupheni njengoba kufanele iwunqobe kumnyama kubomvu lo mdlalo kwazise iyona kuphela esahluliwe kuleli qoqo.

Ibambe ibhuleki kuleli qoqo okuyinto ebingalind­elekile.

UChris Hughton ololonga iGhana uthi kugxabha isisu uma ecabanga ngalo mdlalo we-Egypt kwazise kufanele noma kanjani bawunqobe. Sigxabha isisu kufanele njengoba kuvela ukuthi emuva komdlalo weCape Verde uhlaselwe ngumlandel­i esho ukumudla luhlaza.

“Wumdlalo omkhulu kithina lona okufanele noma kanjani sibuye nokuthile kuwona. Sinaso isipiliyon­i sokukwenza lokho abadlali esinabo baseqophel­weni eliphezulu.

“Uma ubuka iSenegal, emqhudelwa­neni owedlule idlale ngokulinga­na imidlalo yayo emibili yokuqala esigabeni samaqoqo bawina owokugcina ngakhoke yibhola leli kwenzeka noma yini. Lo mdlalo uzoba nzima kodwa kufanele siwunqobe,” kusho uHughton.

Uthi kulo mdlalo weCape Verde babulawe ngamaphuth­a abawenzile.

“Ukuhlulwa kwethu kudalwe ngamaphuth­a esiwenzile nathi saphinde sangawuqal­a umdlalo ngendlela njengoba bona benzile. Sinabadlal­i abahle kodwa nabo bangabantu bayawenza amaphutha. “Ngikholwa wukuthi njengoba siya kulo mdlalo amaphutha siwalungis­ile ngeke abonakale ngoba awafuneki. Sidlala neqembu eliyingozi iphutha elilodwa olenzayo liyakujezi­sa,” kuphetha uHughton.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa