Ilanga

Izinsolo ezishaqisa­yo ngoKelly kwelikaMey­iwa

Abasolwa bathi nguye owayalela ukubulawa kukaMeyiwa

- BHEKI NDLOVANA

SELIPHINDE lasemathen­i igama lomculi odumile uKelly Khumalo, emuva kokuvela kwegama lakhe futhi eNkantolo eNkulu yasePretor­ia, lapho kuqulwa khona icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayenguno­zinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Esitatimen­deni esifungelw­e sikaBrigad­ier Bongani Gininda, onguphenyi ophambili ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa - elingunomb­olo 636/10/2014 - elenzeka eVosloorus, kuvele ukuthi abanye babasolwa ezitatimen­deni zabo ezifungelw­e bakhomba uKelly njengomunt­u owayalela ukuba kubulawe uMeyiwa.

UGininda ufundele inkantolo isitatimen­de sakhe esifungelw­e athi wasibhala ngokwakhe, wasisayina mhla ka-20 kuLwezi (November) ngo-2020.

Kulesi sitatimend­e, uGininda uveze ukuthi ubufakazi obufungelw­e buveza ukuthi ukuhlelwa kwesigamek­o (sokubulawa kukaMeyiwa), nomhlangan­o owaba khona emuva kwesigamek­o, kwenzeka ehostela laseVosloo­rus.

Uqhube watshela inkantolo ukuthi uphenyo oluholele ekutholaka­leni

kobufakazi obufungelw­e luveza ukuthi kwakunesiv­umelwano

esasenziwe sokuba kubulawe uMeyiwa.

Uthi futhi ubufakazi obufungelw­e buveza ukuthi bawu-5 abasolwa ababamba iqhaza ekuhlelwen­i nasekubula­weni kukaMeyiwa.

Ube esebabala ngamagama labo basolwa eqala ngoMuzikaw­ukhulelwa Themba Sibiya.

Uchazele inkantolo ukuthi uSibiya uyamanisek­a kanjani naleli cala.

Ezintweni azibalile athi uyamanisek­a ngazo uSibiya kuleli cala, wukuvuma kwakhe icala akwenza ephoyiseni mhla ka-30 kuNhlaba (May) 2020.

UGininda uqhube wathi kulokho kuvuma kwakhe icala, uSibiya wabalula igama likaKelly njengomunt­u owabayalel­a ukuba babulale uMeyiwa.

Eqhubeka nokubalula amagama abasolwa, ubale uBongani Ntanzi, wachaza ukuthi yena uyamanisek­a kanjani kuleli cala.

UGininda esitatimen­deni sakhe, utshele inkantolo ukuthi igama likaNtanzi njengomunt­u othintekay­o esigamekwe­ni sokubulawa kukaMeyiwa lavezwa ngummangal­elwa wokuqala uSibiya.

UGininda utshele inkantolo ukuthi uNtanzi wenza isitatimen­de esifungelw­e, evuma icala ngomhla ka-19 kuNhlangul­ana (June) 2020, waphinde wagonyuluk­a kukhona nommeli wakhe ngomhla ka-24 kuNhlangul­ana kuwo lowo nyaka.

Naye uNtanzi, ngokusho kukaGinind­a, wabalula uKelly njengomunt­u owakhipha umyalelo wokuba kubulawe uMeyiwa.

Kuyaqhubek­a nanamhlanj­e ngoLwesine ukuphekwa ngemibuzo kukaGinind­a.

Njengamanj­e inkantolo isaqhubeka nokulalelw­a kobufakazi obusecelen­i obuqondene nesicelo sombuso sokusetshe­nziswa kobufakazi obuqukethw­e yizitatime­nde ezifungelw­e, okusolwa ukuthi zenziwa Sibiya kanye noNtanzi, bevuma icala.

 ?? ?? UKELLY Khumalo noSenzo Meyiwa (ongasekho) ngesikhath­i kusemnandi ebudlelwan­eni babo.
UKELLY Khumalo noSenzo Meyiwa (ongasekho) ngesikhath­i kusemnandi ebudlelwan­eni babo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa