Izinsolo ezishaqisayo ngoKelly kwelikaMeyiwa
Abasolwa bathi nguye owayalela ukubulawa kukaMeyiwa
SELIPHINDE lasematheni igama lomculi odumile uKelly Khumalo, emuva kokuvela kwegama lakhe futhi eNkantolo eNkulu yasePretoria, lapho kuqulwa khona icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.
Esitatimendeni esifungelwe sikaBrigadier Bongani Gininda, onguphenyi ophambili ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa - elingunombolo 636/10/2014 - elenzeka eVosloorus, kuvele ukuthi abanye babasolwa ezitatimendeni zabo ezifungelwe bakhomba uKelly njengomuntu owayalela ukuba kubulawe uMeyiwa.
UGininda ufundele inkantolo isitatimende sakhe esifungelwe athi wasibhala ngokwakhe, wasisayina mhla ka-20 kuLwezi (November) ngo-2020.
Kulesi sitatimende, uGininda uveze ukuthi ubufakazi obufungelwe buveza ukuthi ukuhlelwa kwesigameko (sokubulawa kukaMeyiwa), nomhlangano owaba khona emuva kwesigameko, kwenzeka ehostela laseVosloorus.
Uqhube watshela inkantolo ukuthi uphenyo oluholele ekutholakaleni
kobufakazi obufungelwe luveza ukuthi kwakunesivumelwano
esasenziwe sokuba kubulawe uMeyiwa.
Uthi futhi ubufakazi obufungelwe buveza ukuthi bawu-5 abasolwa ababamba iqhaza ekuhlelweni nasekubulaweni kukaMeyiwa.
Ube esebabala ngamagama labo basolwa eqala ngoMuzikawukhulelwa Themba Sibiya.
Uchazele inkantolo ukuthi uSibiya uyamaniseka kanjani naleli cala.
Ezintweni azibalile athi uyamaniseka ngazo uSibiya kuleli cala, wukuvuma kwakhe icala akwenza ephoyiseni mhla ka-30 kuNhlaba (May) 2020.
UGininda uqhube wathi kulokho kuvuma kwakhe icala, uSibiya wabalula igama likaKelly njengomuntu owabayalela ukuba babulale uMeyiwa.
Eqhubeka nokubalula amagama abasolwa, ubale uBongani Ntanzi, wachaza ukuthi yena uyamaniseka kanjani kuleli cala.
UGininda esitatimendeni sakhe, utshele inkantolo ukuthi igama likaNtanzi njengomuntu othintekayo esigamekweni sokubulawa kukaMeyiwa lavezwa ngummangalelwa wokuqala uSibiya.
UGininda utshele inkantolo ukuthi uNtanzi wenza isitatimende esifungelwe, evuma icala ngomhla ka-19 kuNhlangulana (June) 2020, waphinde wagonyuluka kukhona nommeli wakhe ngomhla ka-24 kuNhlangulana kuwo lowo nyaka.
Naye uNtanzi, ngokusho kukaGininda, wabalula uKelly njengomuntu owakhipha umyalelo wokuba kubulawe uMeyiwa.
Kuyaqhubeka nanamhlanje ngoLwesine ukuphekwa ngemibuzo kukaGininda.
Njengamanje inkantolo isaqhubeka nokulalelwa kobufakazi obuseceleni obuqondene nesicelo sombuso sokusetshenziswa kobufakazi obuqukethwe yizitatimende ezifungelwe, okusolwa ukuthi zenziwa Sibiya kanye noNtanzi, bevuma icala.