Kuboshwe abasolwa ekufeni kwenduna
"Kusolwa owesilisa osembonini yamatekisi ngokuthenga izinkabi"
BAVELE eNkantolo yeMantshi eNewcastle, abasolwa ngokubulala induna yesifazane uNkk Nonina Mahlaba (42), yindodana yakhe uThando Mahlaba (20), u-Asanda Zikhali (19) owayevakashele uThando, nomakhelwane uNkk Shonaphi Mbatha (52).
Lesi sigameko, esishiye abaholi bezinhlaka ezahlukene bekhuza ukusabalala kwesihlava sokubulawa kwabaholi bomdabu, senzeke ngomhla ka-14 kwephezulu, endaweni yaseReserve, ngaphandle kwelokishi laseVukuzakhe, eVolksrust, ngaseNewcastle.
Lapha abasolwa kuthiwa bagqogqoza, bazibiza ngomuntu wakwamakhelwane, nokuthe uma uNkk Mahlaba evula, bamthela phansi ngenhlamvu kodwa wangashona.
Babe sebemdlula badubula indodana yakhe eyayiphume egunjini layo lokulala ngoba izwa kuqhuma isibhamu, bayidubula yashonela khona lapho nomngani wayo owayeyivakashele.
UNkk Mahlaba kuthiwa wagaqa ngamadolo wayongena ensimini yommbila yakamakhelwane, ememeza ecela osizo, nokuyilapho baphuma khona omakhelwane bezomsiza kanti kababuzanga elangeni.
Lapho kwadubuleka uNkk Mbatha ongumakhelwane, washonela khona endaweni yesigameko, abasolwa base beqedelela uNkk
Mbatha khona lapho.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi omunye wabasolwa ubanjiswe ngomakhalekhukhwini bakaNkk Mahlaba nezingane zakhe.
Lo mthombo uqhuba uthi, yize noma kuvela ukuthi kawukho umbango wesikhundla sokuba yinduna obukhona, kodwa kusolwa ukuthi kunowesilisa osembonini yamatekisi omthengele izinkabi ngoba enokungaboni ngaso linye nabakubo kaNkk Mahlaba.
“Kuyavela nokuthi ungowakwabani isibongo futhi kubo kunamatekisi. Kakuveli-ke nokho ukuthi yisiphi isizathu esenze wagcina ngokumthumelela ngezinkabi,” kusho umthombo.
Kuyimanje umsolwa lona kuthiwa ugcwele amathafa, ubalekela ingalo yomthetho.
Njengoba uNkk Mahlaba nendodana yakhe bebefihlwa ngeSonto, ngoMsombuluko kuvele enkantolo abathathu abasolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwakhe kodwa ababili kababekiwe amacala okubulawa kwakhe, kodwa kuthiwa basabekwe awokutholakala nezibhamu zohlobo lwe-AK 47, okusolwa ukuthi wabulawa ngayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert
Netshiunda, uqinisekisile ukuthi kunabasolwa ababekwe amacala amane okubulalwa kwalabo abadutshulwa nenduna.
Uthe uphenyo ngalesi sigameko lusaqhubeka njengoba ekhona nomunye umsolwa ogcwele amathafa.