Ilanga

Kuboshwe abasolwa ekufeni kwenduna

"Kusolwa owesilisa osembonini yamatekisi ngokutheng­a izinkabi"

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

BAVELE eNkantolo yeMantshi eNewcastle, abasolwa ngokubulal­a induna yesifazane uNkk Nonina Mahlaba (42), yindodana yakhe uThando Mahlaba (20), u-Asanda Zikhali (19) owayevakas­hele uThando, nomakhelwa­ne uNkk Shonaphi Mbatha (52).

Lesi sigameko, esishiye abaholi bezinhlaka ezahlukene bekhuza ukusabalal­a kwesihlava sokubulawa kwabaholi bomdabu, senzeke ngomhla ka-14 kwephezulu, endaweni yaseReserv­e, ngaphandle kwelokishi laseVukuza­khe, eVolksrust, ngaseNewca­stle.

Lapha abasolwa kuthiwa bagqogqoza, bazibiza ngomuntu wakwamakhe­lwane, nokuthe uma uNkk Mahlaba evula, bamthela phansi ngenhlamvu kodwa wangashona.

Babe sebemdlula badubula indodana yakhe eyayiphume egunjini layo lokulala ngoba izwa kuqhuma isibhamu, bayidubula yashonela khona lapho nomngani wayo owayeyivak­ashele.

UNkk Mahlaba kuthiwa wagaqa ngamadolo wayongena ensimini yommbila yakamakhel­wane, ememeza ecela osizo, nokuyilaph­o baphuma khona omakhelwan­e bezomsiza kanti kababuzang­a elangeni.

Lapho kwadubulek­a uNkk Mbatha ongumakhel­wane, washonela khona endaweni yesigameko, abasolwa base beqedelela uNkk

Mbatha khona lapho.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi omunye wabasolwa ubanjiswe ngomakhale­khukhwini bakaNkk Mahlaba nezingane zakhe.

Lo mthombo uqhuba uthi, yize noma kuvela ukuthi kawukho umbango wesikhundl­a sokuba yinduna obukhona, kodwa kusolwa ukuthi kunowesili­sa osembonini yamatekisi omthengele izinkabi ngoba enokungabo­ni ngaso linye nabakubo kaNkk Mahlaba.

“Kuyavela nokuthi ungowakwab­ani isibongo futhi kubo kunamateki­si. Kakuveli-ke nokho ukuthi yisiphi isizathu esenze wagcina ngokumthum­elela ngezinkabi,” kusho umthombo.

Kuyimanje umsolwa lona kuthiwa ugcwele amathafa, ubalekela ingalo yomthetho.

Njengoba uNkk Mahlaba nendodana yakhe bebefihlwa ngeSonto, ngoMsombul­uko kuvele enkantolo abathathu abasolwa ngokuba nesandla ekubulawen­i kwakhe kodwa ababili kababekiwe amacala okubulawa kwakhe, kodwa kuthiwa basabekwe awokuthola­kala nezibhamu zohlobo lwe-AK 47, okusolwa ukuthi wabulawa ngayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert

Netshiunda, uqinisekis­ile ukuthi kunabasolw­a ababekwe amacala amane okubulalwa kwalabo abadutshul­wa nenduna.

Uthe uphenyo ngalesi sigameko lusaqhubek­a njengoba ekhona nomunye umsolwa ogcwele amathafa.

 ?? ??
 ?? ?? UNKK Nonina Mahlaba obeyinduna nendodana yakhe uThando Mahlaba ababulewe kanye nabanye ababili.
UNKK Nonina Mahlaba obeyinduna nendodana yakhe uThando Mahlaba ababulewe kanye nabanye ababili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa