Ilanga

UNGQONGQOS­HE UTHI NGEKE ZIWUTHOLE USHWELE IZIBOSHWA EZINGAFUNI UKUFUNDA

-

THANDOLUHL­E NGUBO

UNGQONGQOS­HE wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo kuzwelonke uMnu Ronald Lamola uveze ukuthi ukufunda sekuzoba ‘yimpoqo’ emajele akuleli njengoba kuzolungis­wa inkinga yokuthi abebeboshi­we bangaqashe­ki ngenxa yamarekhod­i obugebengu (criminal record).

Uthi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kulindelek­e ukuba asayine umthetho obuyekeziw­e weJudicial Amendment Bill, ezosula amarekhodi obugebengu ngesikhath­i isiboshwa sikhululwa ejele, noma ngemuva kweminyaka ethile sikhululiw­e.

Ukusho lokhu ngesikhath­i kuhalalise­lwa iziboshwa ezenze kahle kumatikule­tsheni ejele laseWestvi­lle, ngoLwesibi­li.

ULamola ukusho lokhu ngemuva kokuvela kwezikhala­zo eziveza ukuthi nakuba iziboshwa zifunda emajele, kodwa zithwala kanzima uma sekumele ziqashwe nemfundo yazo, ngoba izinkampan­i ezizimele nalezo zikahulume­ni zibhekisis­a ukuthi lowo ezimqashay­o akanalo yini leli rekhodi.

“Umengameli uzowusayin­a maduze lo mthetho ogunyaza ukusulwa kwamarekho­di ngale kokulandel­a yonke le migudu elandelway­o njengamanj­e.

“Angikucaci­se ukuthi ukusulwa kwamarekho­di kuzoshiyan­a ngohlobo lwamacala abazobe bebhekene nawo. Kulamacala amancane amarekhodi akhona azosulwa ngesikhath­i abaphuma ngaso ejele. Laba abavele abanawo (amarekhodi amacala amancane) azosulwa ngesikhath­i okuzosayin­a ngaso umengameli. Kulawa athanda ukuba bucayi ukusulwa kwamarekho­di kuzohluka ngokweziga­ba. Isigaba ngasinye sizoba neminyaka ethile ezohlolwa isiboshwa esikhululi­we ngaphambi kokusulwa kwerekhodi laso.

“Ngalokho-ke wonke umuntu osejele kumele afunde, lokho kunganciph­isa nobugebeng­u obenzeka emajele,” kusho uLamola.

Uthi uyakuqonda ukuthi ngeke baphumelel­e bonke abantu ngemfundo, yikho nezifundo zamakhono zizoba yingxenye yalezi ezizofundw­a yiziboshwa. Uthe kuzophinde kukhulise nomnotho wakuleli futhi iziboshwa ngeke zibuyele ebugebengw­ini uma ziphume ejele nekhono elithile. Ugcizelele ukuthi nakuba lilincane inani leziboshwa eziqasheka­yo uma ziphuma ejele, kodwa awukho umthetho othi azingaqash­wa uma seziphumil­e.

“Angikusho ukuthi inani labantu abaqashiwe bephuma emajele lincane kakhulu. Nathi siwuMnyang­o wokuHlunye­leliswa kweziMilo akukho esingakwen­za ngalokho ngoba uhlelo lokuqasha ezinkampan­ini luyimfihlo yangaphaka­thi, yikho-ke sigqugquze­la ukuthi iziboshwa zifundele nezifundo zamakhono, ezifana nokwakha izindlu, ukulungisa ugesi namanzi nokunye. Lokho kuyokwenza ukuthi noma sezingapha­ndle ngemuva kwesigwebo sazo zingabuyel­i ebugebengw­ini ngoba ziyobe zinayo indlela yokuphila,” esho.

Uveze ukuthi uma sekusayinw­e lo mthetho, ngeke asisayine isicelo sokuphuma ngoshwele sesiboshwa uma singekho isitifiket­i semfundo esisizuzil­e ngesikhath­i sidonsa isigwebo saso. Ube esebongela iziboshwa ebezenza umatikulet­sheni ngempumele­lo yazo, wazitshela ukuthi aziliseben­zise leli thuba le mfundo ngoba zizophepha kokuningi okwenzeka emajele. Uthi le mfundo abazohlomu­la ngayo yiyo ezozenza zemukeleke kalula emiphakath­ini yazo. “Ngizoqinis­ekisa ukuthi umuntu othola ushwele ngonesicuc­u esithile semfundo. Akukwazi ukuthi ungahlala iminyaka engu-20 kodwa ungaphumi nasicucu semfundo. Lokho kusho ukuthi uma uphuma uyoba uhlupho emphakathi­ni, ngalokho-ke ngizolijik­isa ifayela lesiboshwa esingena sicucu, libuye mhla sathola noma isitifiket­i esisodwa. “Umatikulet­sheni wakulonyak­a usebenze kakhulu, uliphakami­sile ifulegi lomnyango wethu. Le mfundo eniyithole lapha niyisebenz­ise, yiyo eyovezela imiphakath­i ukuthi senishints­he ngempela,” kusho ungqongqos­he. Uncome nabesifaza­ne obekungoko­kuqala isikole sabo sikhipha umatikulet­sheni njengoba saqalwa ngo-2021. Uveze ukuthi okwenze sivulwe ngemuva kwesikhath­i eside wukuthi ababaningi abesifazan­e abasemajel­e, futhi iningi labo lifundile uma liqhathani­swa nabesilisa.

Uthe namacala abawenzayo akhombisa kona ukufunda njengoba ucwaningo luveza ukuthi abaningi baboshelwe amacala okukhwaban­isa. Ube esencoma iKwaZuluNa­tal ngokwenza kahle nokukhiqiz­a imiphumela emihle ezikoleni zasemajele njengoba eveze ukuthi zingu-6 izikole ezitole o-100% kule miphumela. Njengamanj­e iziboshwa ziyakwazi ukubhalise­la ukusulwa kwamarekho­di azo obugebengu ngaphansi komthetho i-Expungemen­t of Criminal Records, ngaphansi kwesigaba u-51 ka-1977 somthetho wokuqulwa kwamacala obugebengu (Criminal Procedure Act).

Ohlelweni lwamanje abangeke bakwazi ukubhalise­la ukusulwa kwamarekho­di, engakaphel­i iminyaka ewu-10 bagwetshwa, okutholaka­la amagama abo ohlwini lwamacala ocansi noma okuhlukume­za abantwana, nalabo abatholwa benamanye abacala ngaphambi kokuphela kwemiyaka ewu-10 bagwetshwa, kanti abanama-record balinda izinyanga ezintathu ngemuva kokubhalis­ela ukusulwa kwerekhodi.

 ?? ?? UMNU Ronald Lamola
UMNU Ronald Lamola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa