Ilanga

ISILO SITHI KABEKHO ABANTU ‘ABANAMANGA NJENGOSOPO­LITIKI’

- BHEKI NDLOVANA

SIBAQHATHU­LULE phambi kwezihlwel­e osopolitik­i iSilo sesizwe samaZulu, uMisuzulu kaZwelithi­ni, iNdlulamit­hi, sathi kasifuni bangene endleleni yaso ngoba naso ngeke singene kweyabo.

“NgingumZul­u mina, kangingeni kwipolitik­i,” kusho iSilo. Besikhulum­a ngempelaso­nto emcimbini wokukhunju­lwa kwempi yaseSandlw­ana yangomhla ka-22 kuMasingan­a (January) ngo1879, lapho kwakuthole­ne phezulu uZulu namaNgisi.

Sigxeka osopolitik­i kule nkulumo yaso iSilo sithe: “Ey’ abekho abantu abanamanga njengalaba bantu bepolitiki. Bathembisa izinto ezingekho.”

Sexwayisa ngosopolit­iki ezinkumbin­i zabantu ebezethame­le lo mcimbi, sithe: “Uyabona njengoba ziya okhethweni manje, abazukunik­hohlisa...! Angisho ukuthi nibavalele iminyango uma bezongqong­qoza ezindlini zenu. Nibezwe kodwa akusho ukuthi balaleleni”.

Nakuba sikhulume kanje ngosopolit­iki, kodwa siphinde saxolisa, sathi kasibazond­i.

“Ngiyaxolis­a nina bepolitiki, angisho ukuthi ngiyanizon­da - ngiyanitha­nda kodwa nje yindlela yenu enisebenza ngayo engingayit­handi,” kusho iSilo.

Phakathi kosopoliti­ki abebekhona kulo mcimbi, abebehleli esiteji naso iSilo, kubalwa uNdunankul­u wesifundaz­we uNkk Nomusa Dube-Ncube, nguMnu Velenkosin­i Hlabisa onguMengam­eli we-IFP, ngoNgqongq­oshe okubalwa uDkt Ntuthuko Mahlaba wezemiDlal­o, ezobuCiko namaSiko, noNkk Bongi Moloi-Sithole wezokuBusa ngokuBambi­sana nobuHoli boMdabu esifundazw­eni, neMeya yaseMzinya­thi uMfundisi Petros Ngubane.

Kukuwo lo mcimbi lapho simemezele ukuthi siqoke uMfundisi Thulasizwe Buthelezi oyiMeya yaseZulula­nd, ukuba abe nguNdunank­ulu wesizwe samaZulu, neNkosi yasemaDung­eni, uPhathisiz­we Chiliza kweseSekel­a likaNdunan­kulu wesizwe.

Sigcizelel­e ukuthi isinqumo esisithath­ile sokuqoka undunankul­u omusha nesekela lakhe, kasihlange­ne nepolitiki.

“Lezi zikhundla nina beSilo nami ngizobe ngizigadil­e,” sisho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa