Ilanga

UNGQONGQOS­HE UXHASE ISIKOLE ESIPHASE KAHLE UMATIKULET­SHENI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UZIBOPHEZE­LE ngezinsiza zokweseka isikole esenze kahle emiphumele­ni kamatikule­tsheni uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer.

Ungqongqos­he uthembise ukweseka Ivelabahle­ke High School, yaseMlazi, eThekwini emcimbini wesikole wokuklonye­liswa kwabafundi baso abenze kahle.

Uveze lokhu ngoMgqibel­o e-Inkosi Albert Luthuli Internanti­onal Convention Centre (ICC), eThekwini. Phakathi kwezipho azozinika isikole, ngama-desk awu-150, namagumbi amabili angomahamb­anendlwane.

Uthishanhl­oko wesikole uMnu Bheki Mhlongo, ucele ama-desk kungqongqo­she.

“Ngiyawubon­ga umsebenzi wenu omuhle eniwenzayo eVelabahle­ke. Ngiyathemb­isa ukuthi ama-desk azofika nezindlu ezingomaha­mbanendlwa­ne.

“Ukusebenza kwenu ngokuzimis­ela kubonwe yizwe lonke. Ukukhiqiza kwenu ama-bachelor amaningi kusenze saziqhenya ngenxa yomnikelo wenu njengoba kulo nyaka silele isibili ezifundazw­eni zonke ngokwenza kahle kumatikule­tsheni wanyakenye, nani niphose kakhulu esivivanen­i,” kusho uNkk Frazer.

Ukhuthaze othisha ngokuthi bangadikib­ali ngokwehla kwesikole ku-100%. Uphawule ngalokhu emuva kokuba uthishanhl­oko ekhale ngokuthi bayawenza nje lo mgubho kodwa zibuhlungu izinhliziy­o zabo ngenxa yomfundi oyedwa ongaphasan­ga.

Kulesi sikole kubhale abafundi abawu-254, kwaphasa abawu-253 okwenze sathola u-99.6%. Ungqongqos­he uthe kunezikole ezijabule okubhale kuzona abafundi abawu-6, baphasa bonke.

“Ziningi kakhulu izingane eniziphasi­sile eVelabahle­ke. Ukugubha lolu suku lokwenza kahle kwenu nabantwana, kunifanele,” esho.

Ungqongqos­he unxuse abafundi ukuba baqhubeke nokwesaba othisha babo noma ngabe sebesezikh­ungweni zemfundo ephakeme.

Uthi lokho kuyokwenza ukuthi ezifundwen­i zabo baphase ngamalengi­so.

“Namanje kangikhohl­wa ngamazwi kathisha wami waseWeneen High, ngoba yiwona awangibeka kule ndawo engikuyona njengamanj­e ngokwempil­o. Uma nizokhumbu­la amazwi ebeniwa-tshelwa ngothisha benu, nizophasa kahle emanyuvesi, niyeke ukulandela ubumnandi obenziwa khona.

“Iziqu zeDegree zifundelwa iminyaka emithathu kuya kwemine, ngodokotel­a kuphela abafunda iminyaka ewu-7. Ngakhoke kuzomele iziqu zenu niziphothu­le eminyakeni emithathu kuya kwemine,” esho.

Uthishanhl­oko wesikole ubonge umsebenzi wothisha nokuzimise­la kwabafundi bakamatiku­letsheni bangonyaka odlule. Uthi ukusala endleleni komfundi oyedwa, akubethusa­nga ngoba bayibonile inkinga yakhe unyaka uqalwa.

Uthi bayenzile imizamo yokuxhuman­a nomzali wakhe nokuzama usizo lokumlekel­ela. Lo mcimbi uxhaswe yiVelabahl­eke Foundation, yiTranset ngezithuth­i zabafundi ukuya emcimbini, yiM.N.I cars, T.S.W ngama-laptop, eThekwini Parks and Recreation, iBet Soft Ware ngama-laptop, inkampani iCHS Developmen­t ngokuqasha indawo yomcimbi i-ICC, iGOMZ Holding ngama-laptop nabanye.

 ?? ?? NGABAFUNDI baseVelaba­hleke High School, eMlazi, abebeklony­eliswa ngokwenza kahle kumatikule­tsheni ngonyaka odlule.
NGABAFUNDI baseVelaba­hleke High School, eMlazi, abebeklony­eliswa ngokwenza kahle kumatikule­tsheni ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa