Ilanga

BADONSWE NGENDLEBE ABAVIKELA ISICOCO SE-AFCON

-

UDONSA ozakwabo ngendlebe umdlali ongaconsi phansi kubantu baseSenega­l njengoba ebenzela izinto ezimangali­sayo.

ISenegal izobhekana ne-Ivory Coast emdlalweni wesigaba se-last 16 kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) namuhla ngoMsombul­uko ngo22h00 e-Ivory Coast.

Lo mdlalo yiwona othathwa njengomkhu­lu kulo mqhudelwan­o kulesi sigaba njengoba kubhekene izingqungq­ulu ezihlonish­wayo e-Afrika.

Okwenza lo mdlalo ube nesasasa wukuthi iSenegal yiyona evikela lesi sicoco futhi isefomini emangalisa­yo njengoba ibhudluza kwasani ephambi kwayo kulo mqhudelwan­o.

Iyinqobe yomithathu imidlalo yayo yamaqoqo. Izobhekana ne-Ivory Coast engosokhay­a. Kuphuma ngisho esinedolo uma idlala.

Nokho i-Ivory Coast ishaye udaka ensimini njengoba ingene kulesi sigaba sekuvalwe amehlo. ISenegal yiyona ethishwa ukuwunqoba lo mdlalo.

USadio Mane oyisithand­wa sabalandel­i beSenegal njengoba engagcini ngokubatho­kozisa enkundleni nje kuphela kodwa ebakhela izibhedlel­a nezikole, udonse ozakwabo ngendlebe njengoba beya kulo mdlalo.

“Kakufanele neze siye kulo mdlalo ngeqholo lokuthi sisefomini futhi siyizimfiv­ilithi ngoba lokho kungasidal­ela ingozi. Okwenzeke emdlalweni wamaqoqo sekungumla­ndo, ngesinye isigaba lesi, siqala isahluko esisha salo mqhudelwan­o.

“Ozakwethu kuzofanele bangalenzi iphutha lokuzitshe­la ukuthi sizodlula kalula kwi-Ivory Coast ngoba ingadlalan­ga kahle (esigabeni samaqoqo) ngoba lokho kungasifak­a enkingeni. Kufanele sibanike indawo yabo ngoba ekugcineni bayiqembu elihle, elinabadla­li abaseqophe­lweni eliphezulu.

“Ngaphandle kwalokho bazobe benomdlali ka-12 enkundleni ngoba basekhaya, abalandeli babo bazophuma ngobuningi babo ukuzobesek­a. Okufanele sikwenze nje thina wukungena enkundleni sidlale ibhola ngokuzethe­mba bese sikuqinise­kisa ukuthi umdlalo siwunqobel­a abantu baseSenega­l,” kusho uMane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USADIO Mane ongumdlali weSenegal okuyiyona evikela isicoco se-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast. Namuhla leli qembu lizobhekan­a nosokhaya kowelast 16.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USADIO Mane ongumdlali weSenegal okuyiyona evikela isicoco se-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast. Namuhla leli qembu lizobhekan­a nosokhaya kowelast 16.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa