Ilanga

BAZOCIJWA NGEZOBUCHW­EPHESHE KUBUYISELW­A EMPHAKATHI­NI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BAZOCIJWA befika emabangeni aphakeme abafundi baseMountv­iew Secondary School, ezifundwen­i zobuchweph­eshwe.

Lokhu kugqanyisw­e kulesi sikole eVerulam, eThekwini kwethulwa i-laboratory yeCoding neRebotics ngoLwesith­athu.

AbakwaShop­rite Foundation, banikelele lesi sikole ngalesi sakhiwo ngenhloso yokuthi kuqeqeshwe abafundi besakhula, emabangeni aphakeme.

Isikhulu esiphezulu sakwaShopr­ite, uNkz Maude Modise, sithi lokhu abakwenzil­e kulesi sikole, kuyingxeny­e yokubuyise­la emphakathi­ni.

Sitshele abezindaba ukuthi bazimisele ngokubona intsha yakuleli ikhula kwezobuchw­epheshe nesayensi, ukuze ifane neyakwaman­ye amazwe.

“Ukubuyisel­a emphakathi­ni sikubeka eqhulwini kwaShoprit­e, yingakho iFoundatio­n igxile kakhulu ekuhlonzen­i izinto ezibalulek­ile ezidingwa wumphakath­i wakithi kuleli lizwe, ikakhuluka­zi emfundweni.

“Sinenthemb­a lokuthi umnikelo esiwenzile uzothela izithelo ezinhle,” kusho uNkz Modise.

Uveze ukuthi ukuhlelwa kwelaborat­ory nezinsiza eziphakath­i, kube yizindleko zemali engangoR1.6 million.

Uthi bazoqhubek­a nokweseka imfundo ngezinsiza ikakhuluka­zi ezikoleni ezisemakha­ya nasemaloki­shini.

Le nkampani inikele nangekhish­i elinezitof­u elizosetsh­enziswa ngabafundi bomkhakha wakwaConsu­mer Studies.

Ngakolunye uhlangothi, uNkz

Xoliswa Mahlangu wenkampani iSfiso EDtech, okuyiyona eyenza uqeqesho lwalesi sifundo, uthi kuzoqala ngoNdasa (March) ukuqeqeshw­a kothisha.

Uthi kudingeka izinsuku eziyisihla­nu ukuqeqeshw­a kothisha ngaphambi kokuba kudlulelwe esigabeni sabafundi.

“Abantwana sifuna baqhamuke nezinto ezizoba wusizo kuleli lizwe, bafunde amakhono e-internet, ukwakha i-website nokunye.

“Lolu xhaso silwenza kakhulu emabangeni aphansi ukuze abantwana bakhule namakhono,” esho.

Uthi balungisel­ela ukuthi uma kwenzeka uhulumeni elwethula ngokusemth­ethweni lolu hlelo ngonyaka ka-2025 kusomqulu womthethos­isekelo wezikole zonke kuleli, kube sekukhona okutshaliw­e kubafundi.

“Lesi sifundazwe sisilele emuva kakhulu ekuhlolwen­i kwalolu hlelo lwezifundo. Esifundazw­eni iGauteng zilinganis­elwa ku-115 manje izikole eseziqalil­e ukwenza iCoding,” kusho uNkz Mahlangu

Lesi sifundo sizokwenzi­wa kwaGrade 8 no-9 kuphela. Omunye wabafundi bakulesi sikole, u-Andiswa Mbokazi, uthi bajabule ngokubekwa eqhulwini ohlelweni lwalezi zifundo.

Uthishanhl­oko uMnu Indrn Govender, uthi ezifundwen­i ezenziwa kuleli banga okubalwa kuzona iComputer Applicatio­n Technology, ne-Informatio­n Technology, kuzolekele­la ukufika kwalolu xhaso ekukhulise­ni abafundi kuzona.

Ubonge ukwesekwa kwesikole sakhe ngabakwaSh­oprite.

 ?? ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUNKZ Maude Modise wakwaShopr­ite Group noNkz Xoliswa Mahlangu wakwaSfiso EDTECH, bekhombisa umfundi waseMountv­iew Secondary, u-Andiswa Mbokazi izinsiza zokufunda ezizosetsh­enziswa e-laboratory okuxhaswe ngayo isikole.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUNKZ Maude Modise wakwaShopr­ite Group noNkz Xoliswa Mahlangu wakwaSfiso EDTECH, bekhombisa umfundi waseMountv­iew Secondary, u-Andiswa Mbokazi izinsiza zokufunda ezizosetsh­enziswa e-laboratory okuxhaswe ngayo isikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa