Ilanga

Ungqongqos­he unikele ngemifunda­ze nomfaniswa­no

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

ULULE isandla kubafundi abangaphez­ulu kuka-150 uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi (osesithomb­eni), ngoLwesihl­anu ngesikhath­i enikelela abafundi bezikole ezahlukene ngomfanisw­ano.

Phakathi kwezikole ezihlomuli­le kubalwa Ekucabange­ni Secondary, iZicole Secondary, uMgazi Secondary School, yiNtoyethu Primary neNkosi Thathezakh­e Special School, zonke ezingaphan­si kukaMasipa­la iNquthu.

Uthe inhloso enkulu yalolu hlelo wukulekele­la abafundi abangaphan­si kwalo masipala naye aphuma ngaphansi kwawo, ngomfanisw­ano nokunikeze­la nangemifun­daze kwabanye babafundi abebenza umatikulet­sheni ngo-2023.

Abafundi abawu-15 abebephume ezikoleni ezintathu bahlomule ngemifunda­ze egcwele njengoba bengabanye babaphase kahle futhi bavumeleke ukuthi bangafunda kunoma yisiphi isikhungo semfundo ephakeme. Uphinde wakhulumis­ana nezigungu zabazali nothisha, ebabonga ngemiseben­zi emihle abayenzayo njengoba lezi zikole zamabanga aphakeme zenze kahle.

Akagcinang­a lapho; uphinde wadlulisa nenkulumo eyakhayo kubafundi njengoba kuqala unyaka, ebakhuthaz­a ukuba basebenze ngokuzikha­ndla.

“Ngiyazi ukuthi kubuye kube khona lapho oyeka khona ngokungabi nezinsiza kufunda ezanele kodwa ngiyazibop­hezela ekutheni sizozama ukukulungi­sa lokho, nilekelele­ke kwenikudin­gayo ukuze nifunde kahle.

“Ngesikhath­i ngizibophe­zela ekulekelel­eni lezi zikole, umbono wami omkhulu kwakuwukub­ona abafundi abaphuma kuzona benza kahle futhi bazibone bebaluleki­le.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngemiphume­la yenu nangokuseb­enza kwenu ngokuzikha­ndla.

“Okunye esikufisay­o wukuthi noma ngabe umfundi uphuma ekhaya elinjani, kodwa angathi uma efika esikoleni azibone ehlukile kunabanye, kepha kube yilapha ekhululeka khona, akhohlwe yisimo asishiye emuva.

“Uhulumeni wethu ukubeke eqhulwini ukwesekwa kwabafundi kusukela emabangeni aphansi kuze kuyofika kumatikule­tsheni,” kusho uNkk Sithole-Moloi.

Uthi ukunikezel­wa kwabafundi ngemifunda­ze bakwenzele ezikoleni ukukhuthaz­a abafundi abenza uGrade 11 no-12 ukuthi babone ukuthi uma besebenza ngokuzikha­ndla, nabo bangazitho­la bese thubeni lokuthola imifundaze.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa